UHenny Penny nabangani nomyalezo wesibhakabhaka


Ngelinye ilanga uHenny-penny wayethatha ummbila lapho wawugcinwa khona. Ngokuphazima kweso kwaba khona into emshaya ekhanda.
“Nkosi yami kwenze njani!” kuzikhalela uHenny-penny; “isibhakabhaka kubonakala engathi sizowa, angihambe ngiyotshela iNkosi.”
Wahamba isikhathi eside kwaze kwafika lapho ehlangana khona noCocky-locky.
“Uyaphi, Henny-penny?” kubuza uCocky-locky.
“Oh! Ngiya kotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa, “ kusho uHenny-penny.
“Ngicela ukuhamba nawe!” kusho uCocky-locky.
“Nakanjani,” kuphendula uHenny-penny.
Bahamba kanjalo-ke bobabili uHenny-penny noCocky-locky beyotshela iNkosi ngesibhakabhaka esasiwa. Bahamba ibanga elide bengafiki lapho beya khona bagcina sebeze bahlangana noDucky-daddles.
“Niya kuphi Henny-penny ninoCocky-locky?” kubuza uDucky-daddles.
“Oh! siya kotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa,” kusho uHenny-penny noCocky-locky.
“Ngingakwazi ukuhamba nani?” kubuza uDucky-daddles.
“Akunankinga nalapho,” kusho uHenny-penny noCocky-locky.
Nebala uHenny-penny, uCocky-locky noDucky-daddles bahamba bonke beyotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa. Nabo kwaba esifanayo bahamba, bahamba kwaze kwaba bahlangana noGoosey-poosey,
“Niyaphi ngempela, nina Henny-penny, noCocky-locky noDucky-daddles?” kubuza uGoosey-poosey.
“Oh! siya komkhulu siyotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa,” kusho uHenry-penny, uCocky-locky noDucky-daddles.
“Ngicela ukuhamba nani,” kuzincengela uGoosey-poosey.
“Nakanjani,” kusho uHenny-penny, uCocky-locky noDucky-daddles. Basuka lapho ke uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles noGoosey-poosey beyotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa. Nabo futhi kwaba esifanayo bahamba into engapheli baze bahlangana noTurkey-lurkey.
“Niya kuphi, Henny-penny, noCocky-locky, noDucky-daddles, nawe Goosey-poosey?” kubuza uTurkey-lurkey.
“Oh! siya kotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa,” kusho uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles noGoosey-poosey.
“Ngicela ukuhamba nani?, Henny-penny, Cocky-locky, Ducky-daddles noGoosey-poosey?” kuzicelela uTurkey-lurkey.
“Kungani ufuna ukuhamba nathi, kodwa akunankinga,” kusho uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, noGoosey-poosey.
Bahamba bonke uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey noTurkey-lurkey beyobikela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa. Bahamba ibanga elide baze bahlangana no
Foxy-woxy, naye uFoxy-woxy wase etshela uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey noTurkey-lurkey:
“Niya kuphi ngempela Henny-penny, Cocky-locky, Ducky-daddles, Goosey-poosey, nawe Turkey-lurkey?”
Baphendula bonke uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey, noTurkey-lurkey batshela uFoxy-woxy ukuthi:
“Siphikelele komkhulu siyotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa.”
“Oh! kodwa lena akuyona indlela eya komkhulu, Henny-penny, noCocky-locky, noDucky-daddles, noGoosey-poosey, noTurkey-lurkey,” kusho uFoxy-woxy; “Ngiyayazi indlela okuyiyo nginganikhombisa yona?
“Singajabula, Foxy-woxy,” kusho uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey, noTurkey-lurkey.
Nebala uHenny-penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey, uTurkey-lurkey, noFoxy-woxy bonke bahamba beyotshela iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa. Basuka lapho bahamba, bahamba kwaze kwaba bafika emgodini omncane ompintshene.
Lona kwabe kungumnyango oya emgedeni kaFoxy-woxy. UFoxy-woxy wathi kuHenny-penny, nakuCocky-locky, nakuDucky-daddles, nakuGoosey-poosey, nakuTurkey-lurkey:
“Lena indlela elula ebheke komkhulu, uma ningilandela nizofika ngokushesha khona. Ngizohamba kuqala bese niyangilandela wena Henny-penny, nawe Cocky-locky, nawe Ducky daddles, nawe Goosey-poosey, nawe Turkey-lurkey.”
“Akunankinga nalapho? kusho uHenny-Penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey, noTurkey-lurkey. UFoxy-woxy wangena emgedeni wakhe, engakahambi indawo ende waphenduka walinda uHenny-Penny, uCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey noTurkey-lurkey.
Ekugcineni uTurkey-lurkey wanyamalala wangena emgodini omnyama. Wayengakahambi kakhulu ngesikhathi u“Hrumph,” Foxy-woxy eshumpuluza ikhanda likaTurkey-lurkey’ wathatha isidumbu sakhe wasitshatha emhlane.
Kwase kulandela uGoosey-poosey wangena emgedeni kwase kuthi u“Hrumph,” waphinda washumpua ikhanda likaFoxy-woxy, noDucky-daddles.
Kwase kungena uCocky-locky emgedeni kwathi naye engakahambi kakhulu kwaqhamuka u“Snap, Hrumph!” wabamba uFoxy-woxy noCocky-locky.
UFoxy-woxy wayeselume kabili uCocky-locky, wabuzwa ubuhlungu kodwa kwangaba kubi ngoba akafanga. Wase ecele usizo lukaHenny-penny.
Wabe esetshikizisa umsila wajika wabuyela ekhaya , wagcina engayitshelanga iNkosi ukuthi isibhakabhaka siyawa.
Ake sikhulume ngalolu daba – Izindlela zokukhuluma nezingane
Ukucabanga ngokuzimela
- Ngesikhathi uHenny-penny ezwa into ethile imshaya ekhanda, yini into okwakumele ayenze ngaphambi kokuqala atshele wonke umuntu ukuthi isibhakabhaka siyawa?
- UCocky-locky, uDucky-daddles, uGoosey-poosey noTurkey-lurkey babengabangani bakaHenny-penny. Ucabanga ukuthi kwakumele bamkholwe uHenny-penny ngesikhathi ethi isibhakabhaka siyawa?
- Kungani ucabanga ukuthi uHenny-penny wayefuna ukutshela iNkosi? Akukho okunye ayengakwenza uma isibhakabhaka sasiwa?
- Ucabanga ukuthi uHenny-penny nabangani bakhe kwakumele basabe ukulandela uFoxy-loxy emgedeni? Kungani?
- Uma kuwukuthi uHenny-penny nabangani bakhe babenokukhathazeka ngokuthemba uFoxy-loxy, kodwa babengazi ukuthi ungumngani noma cha, yizimpi ezinye izinto ababengazenza ukuze bangangeni emgedeni kaFoxy-loxy?