Now Reading
Injabulo uPhiwokuhle ebuya nendondo emqoka eNgilandi
Dark Light

Injabulo uPhiwokuhle ebuya nendondo emqoka eNgilandi

NgoLwesibili  iNingizimu Afrika ibigubha usuku labesifazane. Umphakathi ongaphansi koMzinyathi  wona uligubhe ngendlela ehlukile lolu suku, njengoba ubuwamukela iqhawe lawo uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni, obebuya e-England kade ekumqhudelwano obizwa ngokuthi amaCommonwealth Games. Kulo mqhudelwano ubuye nendondo yeThusi. Lokhu kube yingqophamlando njengoba bekungokokuqala ukuthi usomankomane wesifazane walapha eNingizimu Afrika abuye nendondo kowamaCommonwealth Games. Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-21 ibilwa esisindweni sama-54kg no-57kg ngaphashi kwebhande iFeatherweight.

Ngesikhathi itheleka kume yonke into kwakhala amakhwela izimoto zashaya amahuthi, abesifazane bakikiza bengombisa ukuthi bayaziqhenya ngakwenzile uPhiwokuhle.

IMeya yaseMzinyathi  uPetros Ngubane ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Into eyenziwe uPhiwayinkosi ingenze ngazibona, ngivuka ngiba musha. Usijabulise kakhulu nathi sizokwenza konke okusemandleni ukuthi simujabulise” usho kanje.

UNgubane ubalule ukuthi uMzinyathi District kumqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngokuthi amaSalga, vele iwona ohlezi uzidlela amahlandla kwezamankomane. Okuwubufakazi kwalokho ukuthi iminyaka emihlanu kulandelana nokwenza inkomishi yagcina isihlala khona ngokusemthethweni. 

Ngaphambi kokuthi ahambe uPhiwokuhle, yena nomqeqeshi wakhe uNathi Hlatshwayo banikezwa umphakho uMzinyathi District  owabanika izinkulungwane ezi-R5 umuntu emunye nokwathiwa umphako wabo wendlela.

“Siyababongela nalaba abesilisa ababili base-Eastern Cape. Ngeke ngamshiya ngaphandle uHlatshwayo ngokuthi akhiphe amava akhe aqeqeshe lezi zingane” kusho uNgubane.

Ebuzwa ukuthi ngabe kukhona yini abazokwenzela uPhiwokuhle uthe: “Njengoba samnikeza umphako ngaphambi kokuthi alifulathele elakuleli, sizophinda futhi simenzele okuthile. Okubaluleke kunakho konke ukuthi simsize aqhubekeze imfundo yakhe phambil” kubeka uNgubane.

UHlatshwayo noPhiwokuhle phambilini kade bemele elakuleli eTurkey, baphinde bamela izwe kwiZone 4 eMozambique.

ElaboHlanga likhulume noHlatshwayo, obezwakala ukuthi ujabule kakhulu utuse ukubekezela kukaPhiwokuhle, abona kuyikho okumenze waqopha lo mlandlo.

“Ngicabanga ukuthi okube yimfihlo yokuthi uBen 10 akwazi ukubuya nalendondo ingoba saziqeqesha ngokwanele ngesikhathi sizilungiselela lo mqhudelwano. Kodwa konke okwenzeke eBirmingham sekudlulile, amehlo abheke kowe-African Cup ezokuba seSenegal ngoMandulo. Ingijabulisile indlela amukelwe ngayo eMzinyathi, yena kumthusile ngoba ungumuntu onamahloni. Kodwa futhi kumkhuthazile ukuthi ehlezi enqoba ukuze ezohlezi amukelwa ngendlela amukelwe ngayo” kusho uHlatshwayo.

Uphinde wahlebela leli phephandaba ukuthi babiziwe eMusgrave, eThekwini nakholwa ukuthi kuzobongwa yena kanye noPhiwokuhle.

UBen 10 yena uthe: “Kuyinhlanhla kimina ukuba ngowesifazane wokuqala ngqa ukuthola indondo [yesibhakela] kumaCommonwealth Games aseNingizimu Afrika. Kusho lukhulu. Lokhu bengingeke ngikwenze lokhu ngaphandle kwabaqeqeshi bami nabo bonke abantu abebengeseka kulo lonke uhambo. Ngibonga nonke ikakhulukazi uNkulunkulu nokhokho bami. Bayiphendule ngempela imithandazo yami futhi ngibonga ngakho konke. Amava ami abe mahle eBirmingham, kuningi engikufundile ngathola abangani abaningi ngabona izindawo eziningi. Ngifunde lukhulu eringini, ngathola umshayisibhakela onamava ongifundise izinto ezithile ngafunda lukhulu. Ngilibonga kakhulu ithuba” kubeka uBen 10.

See Also

UPhiwokuhle usebheke kakhulu kuma-Olympics aseParis ngo-2024, njengoba kungase kube nomlando ozoqoshwa ngaleso sikhathi.

“Okulandelayo kimina wukulungiselela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games ka-2024 okuwumgomo wami omkhulu, nokuyisifo engaba naso kuqala” usho kanje.

INingizimu Afrika kumaCommonwealth Games ibe sendaweni yesi-9, kumazwe angama-72 abeyingxenye yalo mqhudelwano.  Ibuye namagolide ayi-7, amaSiliva ayi-9 kanye nezindondo zethusi ezili-11. 

UMengameli kazwelonke weSouth African National Boxing Organisation (SANABO) uSiyabulela Mkwalo uhalalisele le ntokazi.

“Isibhakela sonke siphelele salapha eNingizimu Afrika, siyaziqhenya ngoBen 10. Le nto ibisidla kakhulu ukuthi akekho umuntu wesifazane oseke wasibuyela nendondo kumaCommonwealth Games.  Ngiyambongela kakhulu, ngikholwa ukuthi uzosenzela kahle nakuma-Olympics uma egcina ekwazile ukuya” kusho uMkwalo.

Scroll To Top