Uzovuka UMahlamvana: Ukungena kweSILO esibayeni kuvusa emidala imilando



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kuke kwakhona isikhathi lapho kuke kwanokukhathazeka nokungabaza ukuthi lolu suku luyoke lufike. Lokhu bekudalwa wumbango kwabeNkosi obewukuthinta esokuba yiNkosana yeNdlunkulu kanye noZulu. Lo mdonsiswano kawuhlukanisanga nje abadala nabancane eNdlunkulu kepha nesizwe sithintekile nohulumeni wangena odakeni ngokwenza nokungenzi.
Izinkantolo ziphenduke ikhaya lesibili kwabanye eNdlunkulu njengoba izindaba zegceke bese zingabikwa noma zixoxwe exhibeni kepha bese zinekelwa izwe kucelwa ukuba izinkantolo zibe ngabaxazululi.
Ukuhloniphana kwabadala nabancane eNdlunkulu kunciphile lapho abeNkosi bethelana ngodaka kwabezindaba. Konke lokhu kwenze ungabazane ekutheni ngabe isizwe siyoba yini neNkosana nokuthi iSihlalo siyoqhubeka nokuhlonipheka.
Nokho isimemezelo sangesonto eledlule esenziwe nguNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene sibuyise ithemba lokuthi iNdlunkulu noZulu bangase bawele elinye lamazibuko abe nobunzima obumangalisayo. Yize umlando ukufakazela ukuthi ukubanga kwabeNkosi nokuhlukana phakathi kwesizwe ngenxa yeSihlalo akuyona into entsha njengoba kwabe kukhona endulo, isibonelo odabeni oluthinta abaNtwana uZulu noQwabe kwabaningi bekukhona ithemba lokuthi oMdala ohlale isikhathi esicela eminyakeni engama-50 eSihlalweni ushiye izifundiso ezanele kwabeNdlovu ukuba bagweme ukungqubuzana.
Ezinkulumweni zakhe zokugcina emphakathi oMdala waxwayisa kaningana iNdlunkulu noZulu ngengozi yokwehlukana phakathi. Wanxusa ukuba lapho kukhona ukungaboni ngaso linye uZulu neNdlunkulu kumele bameme ‘umoya waseSandlwana’ nokungumoya wobunye phezu kokwehlukana ngemibono.
“Ngiyazi ukuthi kuningi okwenza abantu abangamaZulu ezinhlakeni ezehlukene bahlukane phakathi. Lokhu kungaba ngenxa yenkolo, ipolitiki nokubuka nje izimo zempilo ngendlela engefani. Konke lokhu akunganenzi izitha. Qinisekisani ukuthi phambi kwesitha nezingqinamba niba yimbumba. Nenze njengoyihlo eSandlwana okwathi bengaboni ngasolinye kokuthile kepha okwathi kungavela izindaba zokuthi eyabafo iyahloma, uZulu wayeka konke ukungezwani wabhekana nesitha wasinqoba”
Izimemezelo ezinqala
Isimemezelo sikaMengameli wezwe uRamaphosa nonyaka sakuqeda ukukhuluma okwabe kukhona njengoba sabesilandela iSigaba 8(3)(a) no(b) woMthetho Wobuholi BoMdabu NobamaKhoi-San wezi-2019.
Ephawula ngalesi sinqumo sakhe uRamaphosa wathi: “Ukuhlala eSihlalweni kweNgonyama uMisuzulu Zulu isigaba esisemqoka nasemlandweni obalulekile wamaZulu. INgonyama iyona ethatha isihlangu sikayise okhondolweni olude lombuso osemqoka owalwa ngesikhulu isibindi nangokuzinikela ukuze abantu bahlale ngokunethezeka nangokuphepha. Ngihlanganyela nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekufiseleni iNgonyama uMisuzulu Zulu ekuholeni okude nokunempumelelo”, kusho uMfo kaSamuel.
Lokhu kukhuluma kwananelwa yizinkulungwane zabantu kuleli naphesheya kwezilwandle. Nokho bekukhona nabebetshengisa ukudumala kakhulu ngasohlangothini ebeleseka uMntwana uSimakade. Laba bafunga ngalo lelo langa kuzo ezokuxhumana ukuthi, “Yima uqala-ke umbango.”
Kusimemezelo sakhe sakamuva uMntwana wakwaPhindangene uthe iNdlunkulu inqume ukuba ISILO esiphezulu singene esibayeni njengosiko lwesiZulu. Uthe lokhu kuzokwenziwa mhla zingama-20 kuNcwaba. Ube esechaza ukuthi lokhu kuwukugcina isiko elimqoka likaZulu nokungenaphutha ekutheni kwenziwa vele ISILO sesiphezulu.
Ulinganise lokhu nalokho okwenzeka kumkhulu waso iNgonyama uBhekuzulu eyangena esibayeni isivele isesihlalweni. Ugcizelele futhu uShenge ukuthi ukukhipha kukaRamaphosa isitifiketi wukugcwalisa nje lokho uZulu neZinyandezulu esezikuvumile ukuthi ISILO sikhona kwaZulu.
Umcimbi wokungena kweSILO uzohanjelwa ngamalungu eNdlunkulu, aMakhosi kanti noZulu nabobonke abanye bavumelekile ukuba beze manxa befisa ukuza.
Kwabanye abayizingqapheli zomlando ISILO esisesihlaweni sinezimpawu zikakhokho waso iNgonyama uCetshwayo neyaba nomlando ojulile wokuvikela uZulu ezimweni ezabe zibucayi. Okugqamayo nje ngempilo yaso (ISILO uCetshwayo) kwaba wukukwazi ukumelana nokuphila ngaphansi kwengcindezi yombuso wamaNgisi nayengamfuni nayilapho ehambe khona ngoba emsola ngokubulala amadodana awo laphaya eSandlwana.
Unya lwamaNgisi laye layiphosa ezikhindini iNgonyama uCetshwayo nezwe leli lakwaZulu laklaywa phakathi besho khona ukuthi kalisenankosi. NjengeNgonyama uCetshwayo neSILO esisesihlalweni sibusa ngaphansi kwezwe nomhlaba obukeka ungakubekezeleli okuyizingxenye ezithile zokuba nguZulu.
Udaba lwamandla aMakhosi nomhlaba kaZulu kusalokhu kulibhola mnqakiswano. Kulindeleke ukuthi naso sibe sekhaleni lokunqobela uZulu kokuningi kanti futhi nezingqinamba ziyabonakala kepha kunethemba lokuthi kuye kuyawuvuka ubuhlakani bukaMahlamvana nokuyomenza anqobe izizwe.
ISILO siyobe singena esigodlweni kwaKhangelamankengane esibayeni esisha esakhiwe zinsizwa zilandela isiko loku khonza kwaZulu.