Now Reading
AmaNgisi asondela mawala kungqingetshe kuHulumeni kaNdunankulu
Dark Light

AmaNgisi asondela mawala kungqingetshe kuHulumeni kaNdunankulu

Ngalesi sikhathi injolozela isempini eqhubeka e-Ukraine kanye nomthelela wayo emazweni ehlukene izwe elithathwa njengelinye eliyinsika yedemokhrasi iBritain libhekene nenkinga engahle ibhidlize uHulumeni kaNdunankulu uBoris Johnson (osesithombeni) kanye nesithunzi sezwe kupolitiki yesimomazwe. Lokhu kulandela ukwanda kwalabo abathi uJohson akehle esikhundleni nokungenxa yamaphutha amaningi enzeka kunqubomgomo kaHulumeni wakhe naseHhovisini lakhe. Okunye okuxine uNdunankulu wukwehlelwa wukwethenjwa ngamalungu eqembu lakhe nakuHulumeni. Lokhu kungethenjwa nokungathembani kuhlaluke ngesikhathi amalungu amabili amqoka kuHulumeni kaJohson esula isigubhukane. La malungu nguMnu uSajid Javid, obenguNobhala Wezempilo owesibili kube nguMnu uRishi Sunak onguShansela Wesilulu Sengcebo (Chancellor of Exchequer – okulingana noNgqongoqshe Wezezimali). Bobabili baveze izincwadi zabo zokwesula kuTwitter.

Encawadini yakhe yokwesula ayedlulisele kuJohnson uSunak uthe akuyona into elula ukwesula esikhundleni abekuso ikakhulukazi njengoba izimo zomnotho zimapeketwane nje kepha khona lapho uthe beyingasekho enye indlela njengoba kuye “bekucace bha ukuthi mkhulu umehluke endleleni esenza ngayo izinto”. Ngakolunye uhlangothi uJavid yena uthe izinto ngeke ziguquke ngaphansi kobuholi bukaJohnson wabe esethi ngenxa yalokho akasabethembi ubuholi bakhe.

UHulumeni kaJohson uqale ukuxhuga ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi wephula imithetho eyabe yelusa ukugwenywa kokhuvethe ezweni, lapho ethi abantu bangahlangani emicimbini kepha eHhovisi lakhe kwabe kunomcimbi. Kulokho akaxolisanga kepha okwakamuva nagcine exolise kukho kube yindlela asingathe ngayo udaba oluthinta omunye wezethenjwa zakhe uMnu uChris Pincher nothinteka odabeni lokuhlukumeza noluphenywa ngamaphoyisa.  Ukukhuluma okuthi akashenxe uJohnson kungahle kuphoqe ukuba iqembu lakhe liguqule eminye imithetho yalo ukuze konke kube lula. Ngokomthetho weqembu kuthiwa ukuvotela ukungathenjwa komholi okwesibili kwenzeka emuva kwesikhathi esingangonyaka uma umzuliswano wokuqala awunqobayo (umholi).

Nakumholi weliphikisayo akukuhle 

Esimweni esejwayelekile lokhu okwenzeka kuJohnson kumele ngabe kuyathokozelwa ngabeqembu eliphikisayo iLabour Party  ikakhulukazi umholi walo uMnu uKeir Starmer nobekunguye obefaka uJohnson ingcindezi selokhu aqokwa. Esimnweni esejwayelekile ukwehla kukaNdunankulu bekumele kube wukuphakama komholi weqembu eliphikisayo nobekumele abe phambili ekutheni akube nokhetho oluphuthumayo.  Nokho isimo kasejwayelekile njengoba umholi weqembu eliphikisayo naye ebhekene namacala okungathi nxa emnamathela kuyofanele esule ebuholini. 

UStarmer uphenywa nguKathryn Stone onguKhomishini WePhalamende Wezamazinga mayelana nokuthi ngabe uziphulule yini izigaba ezimbili zendlela yokuziphatha kwabakhimithetho ekubhaliseni intshisekelo yokwenza. Okhulumela uStarmer uthe usopolitiki; “wenza isifungo sokuzibophezela ngeqiniso lodwa” futhi “amaphutha okulawula ehhovisi lakhe aholele ezifungweni zakamuva ezimbalwa.” Umthetho uthi abakhimthetho kufanele baqophe inkokhelo engaphezu kopondo abali-100 abalihola ngokusebenza umsebenzi okungesiwona owePhalamende. Kufanele futhi babhalise abakutholayo njengezipho ezibiza ngaphezu kopondo abangama-300. UStarmer ubuye waba nengcindezi emveni kokuba amaphoyisa endawo athe azophenya ngezinsolo zokuthi wephula imithetho yokhuvethe ngesikhathi edla ephuza nobhiya nasebenza nabo ngoMbasa wezi-2021.

See Also

KumaNgisi akucaci ukuthi ngabe uma ephuma uJohnson ngubani ozoba yindlamvuzo. Njengoba kuwo womabili amaqembu aphikisayo kungekho osobala ongaphatha. Kanti khona lapho umnotho weze kawumile kahle ukhetho lolu lungahle ludle ephaketheni lenza nabaholi kanjalo nobuholi kungabi nozinzo.

Imibono iyehlukana ekutheni kuhle noma kubi yini ukuba uJohnson ehle esikhundleni. Okusobala wukuthi ukwesula kwabaholi abaqavile eqenjini kusuke kunenhloso yokuketula lowo osuke esesikhundleni ngokuthi bavezele izwe ukuthi kasenakho ukwethenjwa. EBritain lokhu kunomlando njengoba kwake kwenzeka koNdunankulu abedlule. Okunye okungaqali wukuthi kwenzeke ngesikhathi izwe libhekene nempi njengoba kwenzeka ngesikhathi sempi yomhlaba. Umbuzo oke uqgame ngothi ngabe bukhona yini ubuhlakani ekushitsheni izandla ngesikhathi izwe engabe libhekene nempi. Kulokhu uJohnson ubhekene nezimpi ezimbili, yileyo eqhubeka e-Ukraine nayilapho izwe lakhe lingene ntshi kanye nezinkomba zokuthi umnotho wezwe ungahle uthwale kanzima njengoba kwenzeka kwamanye amazwe angomakhelwane e-Europe.  Noma ngabe sinqumo sithini esithathwa ngosopolitiki eBritain ngoJohnson iqiniso lithi amaNgisi asenkingeni yobuholi nxa zonke nokuyinto evame ukuwenza axhuge kwezomnotho nakupolitiki yesimomazwe.

  • Lo mbhalo wenziwe engakasuli uNdunankulu uJohnson  nakwenze isigubhukane. Lokhu kushiye iqembu lakhe nomsebenzi wokuqhamuka negama elisha lomholi weqembu nohulumeni, kanti neqembu eliphikisayo nalo kalimile kahle njengoba libukeka lingeke likwazi ukungena ngenxeba.
Scroll To Top