Now Reading
Ukuba neqembu likanobhutshuzwayo nokulisimamisa kumba eqolo
Dark Light

Ukuba neqembu likanobhutshuzwayo nokulisimamisa kumba eqolo

Ngingumuntu ozithandayo ezemidlalo ngenhliziyo yami yonke, kodwa ngike ngisho ukuthi noma kuthiwa ngithola izizumbulu zezimali angisoze ngalithenga iqembu likanobhutshuzwayo. Le nto kufana nokuthi ngithenga amatekisi, ngabe impela ngithathe isinqumo engingazisola ngaso impilo yami yonke.

Okwenza ngisho njalo ukuthi angisoze nangengozi ngalithenga iqembu lebhola ingoba liyayiqeda imali, ikakhulukazi ku-ABC Motsepe League. Ngenhlanhla ngijwayelene nezikhulu ezinamaqembu kulesi sigaba, okungesesithathu lapha eNingizimu Afrika.

Uma uphethe iqembu kumele ube nabadlali okumele ubaholele, uma ufuna ukuba sembangweni weligi kumele ube nabadlali abanamagama abaseke badlala kuPremier Soccer League (PSL) okusho ukuthi imali yabo kumele ithi xaxa uma uyiqhathanisa neyabadlali abancane. Ube nomqeqeshi, isekela mqeqeshi,  imeneja, umuntu oqeqesha onozinti. Uthi usunakho konke lokhu kumele ube nendlu ezohlala abadlali kwazise uzobe unabadlali abaqhamuka kwezinye izifundazwe. Nakhona njengoba unale ndlu kumele uhlezi uyikhokhela nyanga zonke, ukhokhele ukudla kwabadlali, ibhasi leqembu.

Okuyikho okuba inkinga ukuthi uma iqembu liyodlala kwesinye isifunda kumele likhokhele ukuhamba. Lithi selikwenze konke lokhu okungenhla iqembu lihlulwe ngenxa kanompempe osuke ekhokheliwe, lokho kusho ukuthi uma ufuna iqembu lakho lingadliwa izembe kumele ukhokhele onompempe ukuze bengeke bakuxhopha. Umdlalo nomdlalo kumele ube nemali elinganiselwa ku-R20 000. Uma ngempela, ngempela ufuna iqembu lakho kube ukuthi libe ngeliba sembangweni kumele ukhokhe imali engaphezulu.

Okubuhlungu uthi usuyinqobile iligi esifundazweni sakho usuke usuyikhokhile imali elinganiselwa isigidi samarandi. Uthi usajabulela ukunqoba iligi kumele uqale ukuzilungiselela imidlalo yokuhlungela ukungena kuNational First Division (NFD) esizobizwa ngeMotsepe Foundation Championship.

Uhambe uyodlala amaPlay-Offs kwesinye isifundazwe, kumele ufike khona noma kusele izinsuku ezintathu ngaphambi kokuqala kwemidlalo lapho izindleko zisho kuwena ephaketheni. Okuvele kuqede amandla ukuthi iqembu lizodlala imidlalo emibili kuphela uma lingenzanga kahle sekuwukuphuma kwalo.

Umbuzo enginawo ukuthi ngempela ungafike uchithe imali engangesigidi bese ujike udlala imidlalo emibili kuphela kumaPlay-Off.

See Also

Owami umbono ukuthi amaqembu asuke eyisi-9 emele izifundazwe kumele adlala lokhu okuthiwa iPoint System, lapho kusho ukuthi kudlalelwa amaphuzu iqembu ngalinye lidlale imidlalo eyisi-8. Emva kwalokho amaqembu amane aphezulu azodlala umdlalo owandulela owamanqamu, kuthi amabili adlale owamanqamu umpetha uzobe esephuma lapho.

Nalapha kuNFD nakwiDStv Premiership kuyavela ukuthi impela ukuphatha iqembu akuyona into ongalala namuhla kusasa uvuke usuyiyona. Siyawabona amaqembu ethwele kanzima ngikhuluma ngeSwallows FC owake kwavela ukuthi abadlali abaholile, iMarumo Gallants kwaba esifanayo. Nalu Uthongathi FC kuthiwa ngathi seluzohlangana neSpear of the Nation ngenxa yakho njalo ukungabibikho kwezimali.

Abantu abangajahi ukuthenga amaqembu abazi kuqala ubuhle nobubi bakho, uma kungenjalo sohlezi sibona izindaba ezidicilela ibhola lalapha eNingizimu Afrika zokuthi “abadlali abaholile”, iqembu liyadayisa nezinye.

Scroll To Top