Imali ayiluthezi olumanzi iSaudi Arabia isiphenduke izwe lezihlabani
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kusuke kuqinisiwe uma kuthiwa kuncane ongeke wakwenza uma unenkece. Muva nje amaqembu aseSaudi Arabia asengene athenga abadlali base-Europe. Akukhona ukuthi abadlali basayina ngoba kukhonani enkulu, kepha inkece ebayisa khona bayikha ngamafosholo.
Okunguye owaba umqali wendlela isihlabani sasePortugal uCristiano “CR7” Ronaldo owajoyina i-Al Nassr, baningi ababethi uRonaldo usehlulekile e-Europe. Akuphelanga isikhathi esingakanani kwaba ukuthi inqwaba yabadlali iyamlandela..
Kubadlali asebeqalile ukudlala eSaudi Arabia, kukhona uSadio Mane noMarcelo Brozovic abadlala naye uRonaldo, uKarim Benzema, uN’Golo Kante, uFabinho noJota abadlalela i-Al Ittihad, uRoberto Firmino, u-Edouard Mendy, uFranck Kessie noRiyad Mahrez abakwi-Al Ahli, uRuben Neves, uKadilou Kouliby noNeymar Jr abakwi Al Hilal.
Uma kubhekwa imali evelayo makusayiniswa labadlali kucacela ngisho ingane encane ukuthi kuyodliwa imali. Ngokwami ukubuka uRonaldo bekumlungele ukuthi usengaya ukuyodlala kuleya ligi yomacaphuna kusale. Akukho angakuzuzanga e-Europe kanti neminyaka kuyena isihambile. Abantu engibagxekayo ilabadlali abancane engikholelwa ukuthi bekusamele bazuze izinto e-Europe, ngaphambi kokulibhekisa eSaudi Arabia.
UNeymar osayine kwi-Al Hilal ungomunye wabadlali engangithi ngelinye ilanga uyoyinqoba iBallon D’or, kodwa angikuboni kuphinde kwenzeka lokho. Phela ukuze uwine iBallon D’or kumele kube ukuthi udlala e-Europe, udlale i-Uefa Champions Leage wenza kahle nasezweni lakho.
Iwindi njengoba lisavuliwe ngeke ngamangala uma ngibona abanye abadlali beya khona eSaudi Arabia. Baningi abadlali amagama abo avelayo okuthiwa bayafunwa khona , kubalwa uKylian Mbappe kodwa olibeke ngembaba ukuthi ufuna ukuya kwiReal Madrid yaseSpain, uRomelu Lukaku, uJesse Lingard, uSergio Ramos, uPaul Pogba, uPierre-Emerck Aubameyang nabanye abaningi.
Abaningi bazothi belibhekise eSaudi Arabia abanye belibhekise eMelika, ukuyodlala kwiMajor Soccer League (MSL) belandela isihlabani sase-Argentina uLionel Messi odlalela i-Inter Miami okuyiqembu likaDavid Beckham.
UMessi usevele ujoyinwe uSergio Busquets noJordi Alba aseke adlala nabo eSpain kwiFC Barcelona.

