IDolphins ibambe ufishi omkhulu ngoSimelane
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
U-Andile Simelane uthi usekulungele ukulwela indawo yakhe eqenjini elikhulu lekhilikithi esifundazweni iKwaZulu-Natal iHollywoodbets Dolphins. Lo mdlali oneminyaka yobudala eli-18 ube ngomunye wabadlali iqembu iHollywoodbets Dolphins elimethule ngokusemthethweni kade lethula abadlali abazodlalela leli qembu kusizini kanyaka wezi-2022/23.
“Ngijabule kakhulu ngokujoyina iDolphins futhi angisakwazi ukulinda ukusebenza nabo bonke abaqeqeshi nabadlali. Okuhle kunakho konke ukuthi leli qembu lidlala imidlalo yalo eHollywoodbets Kingsmead okuyikhaya lami. Bekuhlezi kuyisifiso sami, ngibonga kakhulu ngaleli thuba engilitholile. Impela leli iphupho lami ukuthi ngijoyine amaDolphins futhi ngifuna ukudlala indima enkulu ukulekelela leli qembu,” kusho uSimelane.
Leli bhungu ngokusho kwalo lo mdlalo liwuqale lilincane kakhulu. Waqala ukumela iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal kusukela lineminyaka eli-11. Kuthe esezongena esigabeni esiphezulu wabe esethola umfundaze eMaritzburg College, akachithanga sikhathi wathi uma efika khona wabe edlalela iqembu lakhona eMgungundlovu, okuthiwa iKZN Inland.
Eneminyaka eli-16 iHollywoodbets Dolphins yaqala ukumqaphela, njengoba isigcine ukunquma ukuba imnikeze inkontileka.
“Angifuni ukuqamba amanga lokhu bengingakulindele ngempela ukuthi ngizonikezwa inkontileka ngokushesha nje, nangapha esikoleni ngiyazi ukuthi mkhulu umsebenzi okufanele ngiwenze. Ngifuna ukunqoba imidlalo yeqembu futhi ngifuna ukulenza liziqhenye ngami,” kusho uSimelane.
USimelane ubemele iqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19 elidlale iNdebe YoMhlaba eWest Indies nonyaka. Wayidlala yonke imidlalo iqembu lesizwe lakuleli lagcina liqede endaweni yesihlanu kulo mqhudelwano owagcina unqotshwe i-India.
Lo mdlali uthe uzifela ngo-Andile Phehlukwayo ongumdlali wayo iHollywoodbets Dolphins aphinde adlale kuProteas, uthe uthanda indlela adlala ngayo ngoba udlala ngendlela naye adlala ngayo ukwenza kokubili uyabhetha aphinde ashwibe amabhola.
“Ngabe angilenzi iqiniso uma kungase kuthiwa angibabongi abaqeqeshi abangikhulisile, abahlezi bengifundisa izinto. Ngeke ngikhohlwe umndeni wami ohlezi ungiseka kuyona yonke into engiyenzayo, ngabe ikhona lapha kwezemidlalo okanye kwezemfundo. Ngilapho engikhona kungenxa yabo labantu,” kubeka uSimelane.
Uthe kusukela adlala ikhilikithi akaze abhekane nesimo sokuthi acaswe ngobuhlanga, futhi ubona ikhilikithi emazingeni aphansi isekwa ngokwanele.
Selilonke iqembu leHollywoodbets Dolphins lowezi-2022/23 lithakwe kanje:
USarel Erwee, uMarques Ackerman, uGrant Roelofsen, uJon-Jon Smuts, uDaryn Dupavillon, uKhaya Zondo, uPrenelan Subrayen, u-Andile Simelane, uJason Smith, u-Eathan Bosch, uThando Ntini, u-Ottniel Baartman, uBryce Parsons, uLifa Ntanzi, uTshepang Dithole, uRuan de Swardt, uKeshav Maharaj (ongukaputeni), uDavid Miller, u-Andile Phehlukwayo, uKeegan Petersen, u-Odirile Modimokoane. uHlompo Modimokoane, uSlade van Staden, uBrad Porteous noBanele Cele.