Now Reading
Ukuphatha ibhola kufanele ukwenze unamasu okusimamisa iqembu
Dark Light

Ukuphatha ibhola kufanele ukwenze unamasu okusimamisa iqembu

Kumba eqolo ukuphatha iqembu lebhola ezingeni elikhokhelayo. ElaboHlanga lihlale phansi noLunga Sokhela (LS) obeyisikhulu sa-Amazulu laxoxa ngezindleko zokuphatha iqembu eNingizimu Afrika. USokhela uxoxe nentatheli yelaboHlanga uZipho Singela (ZS). Ingxoxo yabo ihambe kanje.

Zipho Singela (ZS): Mfo kaSokhela ngabe kubiza kangakanani ukuphatha iqembu lebhola?

Lunga Sokhela (LS): Ukuphatha iqembu lebhola angeke ngiqambe amanga kuyabiza. Okubuhlungu wukuthi abaxhasi abazimisele ukufaka imali esetshenziswa abanikazi bamaqembu. IPremier Soccer League ixhaseke kahle njengeligi kodwa amaqembu adonsa kanzima. Amaqembu ayabadinga abaxhasi. Imali yesibonelelo sePSL angeke ikwazi ukuthwala zonke izindleko zeqembu. Kumele ukhokhe imiholo yabadlali nabasebenzi. Imiholo cishe ihambe nayo yonke imali yesibonelelo. Isimo somnotho naso asizivumeli izinkampani ukuthi sifake izindodla zemali yokukhangisa ibhola. Umnotho nawo ushayekile. Izinkampani ezinkulu njengoMTN aziyifaki imali ebholeni. Ngesifanayo nezinkampani ezinkulu zokudla. Njengamanje nguSpar kuphela osebholeni ngoba nawo unomlando omude ebholeni. Ezinye izinkampani azikho ebholeni. Ukuphatha nje iqembu lebhola akuyona into encane. Izinkampani zifake imali ebholeni ngesikhathi seNdebe YoMhlaba. Zifake izindlodla. Iphutha esalenza wukuthi sakhohlwa wukuthi iNdebe YoMhlaba izofika ihambe. Imali yafakwa kakhulu. Nesasasa kubantu baliphezulu besafuna ukubona lezi zinkundla zeNdebe YoMhlaba. Abadlali nabaqeqeshi babefuna imiholo ephezulu futhi sabanika ngoba imali yayikhona. Inkinga iqale ngemuva kweNdebe YoMhlaba sekumele siqhubeke ngomgqigqo ofanayo ngaphandle kwabaxhasi. Izinkampani ezinkulu zibalekile ngemuva kweNdebe YoMhlaba zagxila kwezinye izindawo. Angeke sisakwazi ukutshela abasebenzi ukuthi njengoba izinto sezibheda sicela ukukubuyisela kulowa R4 000 obukade uwuhola njengoba usuthola u-R10 000. Abaphathi bamaqembu sebeyaphoqeleka ukushaya iphakethe lapho ukubamba izindleko.

ZS: Kahle, kahle lemali eyizigidi ezi-R2 yesibonelelo iphelela esandleni?

LS: Izindleko ziningi ikakhulukazi uma ungekho eGoli. Amaqembu eGoli maningi okusho ukuthi ayonga ezindlekweni zokuhambela ezinye izifundazwe. Uma amaqembu aseGoli eya eLimpopo noma eMpumalanga ahamba ngemoto kodwa uma usuka eKapa, eKZN nase-Eastern Cape kumele uhambe ngendiza. Ukuhamba ngendiza kuyabiza. Amaqembu aseGoli ayakwazi ukonga nasemalini yokulala emahhotela ngoba akwazi ukulala ubusuku obubodwa bese ephindela ekhaya. Uma usuka eThekwini udlala umdlalo wasebusuku eGoli kumele ulale ubusuku obubili. Iqembu laseGoli liqeda umdlalo lihlukane. Amaqembu engiwadabukela kakhulu ngawaseKapa. Kuyabiza ukuhamba ngebhanoyi uma usuka eKapa noma uya khona. Phezu kwalokho kumele ukhokhele indawo yakho yokujimela. Ngokwami udinga izigidi ezi-R4 ukuphatha iqembu lebhola ngenyanga ukuze ubhekane nazo zonke izindleko zakho. Lokho kusho ukuthi udinga izigidi ezingama-R40 ngonyaka ukuze ube neqembu elisezingeni eliphezulu. Uma ubala imali yesibonelele kusho ukuthi ushoda nge ezingama-R20. Leyo mali kumele iqhamuke endaweni thizeni. Ugcina uphoqeleka ukudayisa abadlali bakho abamqoka bese wenza kahle emidlalweni yemikhumulajezi.

ZS: Kungani kunzima kubaxhasi ekutheni bafake imali yabo emaqenjini ebhola? Cishe wonke amaqembu ebhola lombhoxo anabaxhasi.

LS: Iningi labaphathi bezinkampani ezinkulu ngabalandeli abakhulu bebhola lombhoxo nekhilikithi. Yingakho kulula ekutheni bafake imali yabo kule midlalo. Ngenxa yezindleko ezimba eqolo lokho kuphoqa ukuthi amaqembu ebhola afune imali eningi. Okwesibili umnotho ushayekile. Izinkampani azizimisele ngokukhipha izindodla zemali zikhangisa. Izinkampani azinaso isabelozimali esiphezulu. Uma ngenza isibonelo nje ake kuthiwa ungumqondisi wezokukhangisa enkampanini yesinkwa uSasko, bese ufaka izigidi ezingama-R25 eqenjini lebhola uma usuhlangane nabaphathi bakho abakhulu, bazokubuza, ngabe siyakwazi ukwenza izigidi ezingama-R50 ngokudayisa izinkwa njengoba sixhasa iqembu elithize? Amaqembu amaningi ayahluleka wukucacisa ukuthi inzuzo uzoyithola kanjalo ngokuxhasa iqembu. Ebholeni lombhoxo ngisho izikole zakhona zishaya ngoxhaxha lwabaxhasi. Uma ngifunde eGlenwood sengisebenza kahle noma nginenkampani ngiyakwazi ukuvele ngizifakele uxhaso lwezigidi ezi-R2 ngoba ngifuna isikole sami siqhubeke nokuhlala eqhulwini. Amaqembu kumele aqhamuke namaqhinga amasha okuheha abaxhasi. Angeke uthi uzoya kwaMTN bese uthi uzobakhangisela. Ngubani ongawazi uMTN? Kumele ubakhombise ukuthi njengoba bezokuxhasa bazodayisa inani elingaka ledatha nomoya.

ZS: Ngabe umbono wakho uthini mayelana nokuvalwa kwezinkampani zokubheja ukuthi zixhase amaqembu ebhola?

LS: Kuyasibulala kakhulu. Siyazibalekisa lezi zinkampani. Zizoya kweminye imidlalo. Siyothi siqala siphaphama uthole ukuthi azisenayo intshisekelo. Njengamanje inkampani efana noHollywoodbets iBrentford yaseNgilandi, ibhola labesifazane neLa Liga Africa. Ziyangqongqoza kuPSL kodwa siyazivalela. Mina nginale nkolelo yokuthi awuyinqabi imali uma isibekwe etafuleni.

See Also

ZS: Okusho ukuthi sizobona isimo lapho iSundowns izicanasela ngoba amaqembu adayise abadlali bayo abaseqophelweni eliphezulu?

LS: Lapho uqinisile kakhulu. Ngivumelana nawe. Uma uhlezi phansi ubona ukuthi ushoda ngezigidi ezili-R10 futhi awunawo, uzokwenza njani? Uzophoqeleka ukuthi udayise abadlali bakho abaseqophelweni eliphezulu. Ukukhuluma iqiniso, iSundowns iwamisile amaqembu amaningi kuPSL. UPatrice Motsepe utakule amaqembu amaningi. Bazi kahle ukuthi noma kungathiwa behlisa imali abazokudayisela ngayo nakhona usangadayisa kodwa bakununusela ngemali eyenza umqondo. Njengamanje yilona iqembu elithengayo. Amanye amaqembu akuthembisa izulu nomhlaba kodwa angazifezi izethembiso zawo.

ZS: Imali niyenza kanjani ebholeni?

LS: Kunzima ukwenza imali. Indlela esisebenza ngayo ayisivumeli ukuthi senze inzuzo njengabaphathi bamaqembu. Wonke umuntu wenza imali ngebhola. Ama-ejenti enza imali, abadlali bebhola benza imali nabasebenzi bayazuza. Abaphathi bebhola kuphela abangazuzi. Yingakho ubona abantu abaningi bedayisa. Kumele sibhukule. Lokho kumqoka.

Scroll To Top