Usizi lwaboHlanga: Ubuqola ngaphakathi egaraji buzoqeda abaningi uma akunqandwe
Impicabadala yokuthenga imoto eyebiwe egaraji kunzima nokuyichaza kumuntu ongena egaraji ezothenga imoto ngokuthemba
Kule ngosi sike sakhuluma ngokubaluleka kophenyo olunzulu ngaphambi kokuba uzibophezele esivumelwaneni sokuthenga imoto.
Namuhla sizofunda ngodaba lomndeni othenge imoto egaraji kwafumaniseka ukuthi leyo moto intshontshiwe. Leyo moto ithathwe amaphoyisa, igaraji asikalitholi ukuze liziphendulele kuze kube imanje. Siyawunxusa umphakathi wakithi eSouth Africa ukuthi ngaphambi kokuthi uthenge imoto, qinisekisa ukuthi ayintshontshiwe, lokho ukwenza ngokuthi uthathe imininingwane yayo uyise emaphoyiseni ukuba akubhekele isimo saleyomoto. Qinisekisa ukuthi uhamba nomuntu onolwazi ngodaba lwezimoto. Singathengi izimoto sijahile. Udaba lomndeni wakwa Khumalo lumi kanje:
“NginguCeli Khumalo kwaNongoma, ngithenge imoto ngezi-23 ngoLwezi wezi-2021 eM & R Motor Sales eseZambezi ePitoli. NgoNhlaba wezi-2022 ngafonelwa ngamaphoyisa asoLundi athi asihlangane kwaNongoma kumayelana nemoto engihamba ngayo iyiwele nenye eseMpumalanga ngahamba sahlangana nabo ngiphethe nobufakazi bokuthi imoto ngiyithengile kanye nobufakazi bokukhokhela basebange.
Base beyithatha imoto bathi kuzofika umuntu wakwaToyota azoyibheka bathi bacela singafoneli egaraji ngalolu daba ngalinda abakaze babuye kimi ukungazisa ukuthi kwenzakaleni, ngazihlupha mina ngaya esiteshini samaphoyisa kwaNongoma lapha obekugcinwe khona imoto ngafika ngabuza ukuthi kuqhubekani ngodaba lwemoto kwathiwa yantshontshwa eNorth West bangibuza ukuthi umphathi wecala akaze angifonele yini ngathi cha yingakho ngizozwa.
Ngeviki elalandela mhla zingama-30 kuNhlaba ngafonelwa abethrekha yami bathi babona imoto e-Auctional eKempton Park ngase ngibachazela ukuthi ngibe nenkinga enje ngaphinda ngaya epholisiteshi kwaNongoma ngabuza ngemoto bathi ilandiwe imoto babuza futhi ukuthi umphathi wecala akaze angifonele yini ngathi cha ngabe sengifonela omunye wala maphoyisa asoLundi ngamtshela ukuthi nakhu ngifonelwa ngabe tracker bethi imoto ise-Auction wase ethi ithathwe abanikazi bayo.
Ngaxakeka ke mina ukuthi kanti kwenzakalani kuze kube yimanje kuthulekile okubuhlungu kakhulu ngiyakhokha ebhange imali engayiboleka, imoto ayikho kimi ithathiwe futhi akekho nozihluphayo ngami ukuze ngigcine ngisizakale.”
Sisaqhubeka nokuphenya lolu daba size sifike esiphethweni.
Umbono Ozimele: Kwamanye amagaraji asePitoli nakhu okwenzekayo
Kunezigebengu ezihlale zizulazula ngaphakathi endaweni edayisa izimoto. Uma zikubona ukuthi ufuna imoto zikuphuthume kuqala zizenze abasebenzi bakuleli garaji abadayisa izimoto, zisondele njengabadayisi sengathi zizokusiza. Uma usuyikhombile imoto oyithandayo, senizovumelana ngosuku ozoyilanda ngalo.
Nehlukane kanjalo, kanti bazohamba bayontshontsha imoto efana nalena oyikhethile. Bafike nayo egaraji nikhokhelane kahle ngendlela yasebhange kanti leyo mniningwane yasebhange ayihlangene negaraji iqondene namaqola kuphela. Uma leyo moto isitholakala ukuthi intshontshiwe amaphoyisa ayayithatha imoto kanye nawe uqobo usuyochaza phambili.
Emqondweni wakho uzosala nokuthi waqolwa igaraji owawuthenge kulona kanti wena wathenga eduze kwegaraji.