Now Reading
Umculo, ingoma nokuhuba kwezinyoni
Dark Light

Umculo, ingoma nokuhuba kwezinyoni

Ungabezwa sebemusho, bemhasha kusongane unwele manje umathebathebane ongampunga njengoheshane bethi:

Mathebathebane! 

Wayishay’ indlamu, 

Wayibek’ esangweni! 

Mathebathebane! 

Wayishay’…

Bayophindaphinda besho bewokloza isiwoklo sehlombe elikhulu koze kube yindaba. Ubona umhlolo, inyoni ishaya ingoma kujike ilanga. Iyilande. lyilande! lyisikaze. lyihlabe. Ishingile. Iqethuke … Sebefile ukuncanywa onkabi. Sebejuluke bamanzi nte ungafunga ukuthi kuhlaba uSomjumase. 

Kwalani ukuba nabo sekude kusukuma ngamunye, osehlulekile ukuzibamba, ayithathelele, ayihlabe, ayihlikihle, ayihlikize ephelekezela umathebathebane.

Wenontandakubukwa! 

Wenomasikisiki nyon’ esindwa yisisila! 

Wasikizela unomasikisiki!

Ha! Ubani futhi lowo? Ubani? Hha! Ubani yena? Unomasikisiki? Mthole kuthiwa lishaya umoyana, umbone kahle edlalisela. Kuthiwa uphelekezelwa zimpelesi, esezilokhu zimngungile zimusho, zimshoshozela! Athi lephu, lephu, lephu, ngesisila wena wabona amagagasi olwandle ekhephuka, enethuba, ulwandle lungathukuthele. Ethi nje: Ha-! Ha-! Ha-! Ha-! Ngesineke, elinye liqedela elinye lize lanele lonke igagasi. Angiphathi khona uma isakubuli selizoqoma ukubeka isinqe echosheni lelincane igatshana lomuthi. Ingani lisephezu kwengxenye yomdlalo nokudlalisela. Isisoka-ke sinjalo, udlala kukhulume inkomo yakwenu iyandlazele. Isakabuli liyakwazi kahle lokhu futhi liyigagu lansondo nje lokuzalwa.

Lobu bugagu balo mhlawumbe yibo lobu obenza izinsiba zalo isakabuli zanogazi olungaka. Phela ziyimvunulo yekhethelo esintwini. Aziconsi phansi ngisho kubaNtwana baseNdlunkulu. Amaqhawe ungathola ephephezela zona emakhanda, kokunye zenziwe amadlokolo. Ngisho iminyakanya yomntwana, ingabe uyakhehla, ingabe uyasina, uconsa ngalo kanye isakabuli.

lmvunulo-ke ngumgogodla nje weSintu. Isizwe ngesizwe sinemvunulo yaso. Kusuka phezulu kowoMlibo woselwa, onezinyoni nje nezilwane ezihlonishwayo nezaziwa njengezabaNtwana beNkosi. Nansi insizwa ziyishumi, intshe, ephephezela okhakhayini emakhosini oselwa. Nanti igwalagwala, eliphephezela emakhanda abaNtwana beNkosi. Umuntu osenevuso nenhlonipho uyazi ukuthi isabelo sakhe sifinyeziwe kulezi zinyoni ngisho ngabe uzifela kangakanani ngazo.

Kufana nabo-ke ubukhosi bakonyoni obuseyimpicabadala nanamuhla. Ngithi buyibambakwici nje ngani ngoba abanye bathi ngungcede inkosi yezinyoni, abanye bakhomba ingqungqulu. Ubufakazi bubeka ngokuthi isinyumo sasithi oyoshaya intambo kuqala phezulu emajukujukwini omkhathi. Ngaleyo ndlela ingqungqulu yasuka yajubalala yazedlula zonke izinyoni yayosithela emafini. Kuthe nje isiyibuka nje kanje intambo, wathi pulukutshu ungcede ekhwapheni lengqungqulu, wayishaya intambo. Ubani-ke inkosi yezinyoni? Ngungcede? Yingqungqulu? Ingqungqulu ayikaze ivume nanamuhla lokhu ukuthi okuyena ngempela oshaya intambo ngungcede ziphi izitho.

See Also

Injalo-ke le nto ngoba ngisho nenyoni yabelumbi nje, indizamshini phela, ungayibona inkulu kangaka, ithwala amakhulu ngamakhulu abantu namathani ngamathani empahla kodwa inyoni yendalo iyayijamisa. Ayibuyi inani kwamhlaba? Ungayibona indiza phezulu kodwa amanzi iwaphuza kwamhlaba, nengcwaba layo likhona lapha kwamhlaba. Sona isiga esehlela ingqungqulu siyayehlela iBhuyingi, iJetha nezinye kwezabelumbi. lnyoni encane njengaye nje ungcede, iyakotcla cphikweni lebhanoyi qede ililahle phansi. lnyoni nyoni uma ingcnc kwenye yezinjini zebhanoyi ezilapha emaphikweni, ibhanoyi liphclclwa ngamandla liphezulu emkhathini, kudingeke lchle, Jihlalc ngokuphuthumayo. Ngale kwalokho lophahlazeka emoyeni. Angisakuphathi-ke lokhu okungomathebathebane (amabhanoyana amancane) ayikhulunywa eyakho. Uma ungamazi umathebathebanc, ubobuka okuziphenamana zamabhanoyi ikakhulukazi uma kunomoya. Ngisho ojekamanzi imbala bayaguqa phansi kongcede uma bethanda. Ungcede akaguqisanga ingqungqulu nje kuphela, kepha nobani nobani emoyeni.

Akumvezi lokhu ungcede eyishinga nesiqhwaga konyoni kepha ukuphela kwenyoni kanoma ubani. Ngisho zona izinyoni ziyazinqomfanqomfela nje kwabakongcede. lngani amaqola noheshane bayazitika nje ngongcede? Akhona amashinga neziqhwaga konyoni. Uma kukhulunywa ngophumasilwe konyoni, kushiwo amanqe. Uma kuthiwa uzulelwa ngamanqe, ubogawula ubheke. Naso-ke isiqhwaga. Uma khona sekuthiwa nansi inkomo, ingabe imbongolo idindilizile, ezwa ngosi ukuthi idubukele ndawondawo. Niyowabona esengangani, ezulazula phezulu okotikoloshe efuna amanoni enyama yesiklabhu ebesithengwe eBhunwini. Bafana zamani ukuhlehla ngoba uma nisindwe zinyawo, zizoninetha, zizonithela. lmpi ezoliwa lapho akuseyona eyabafana, ngeyosehla ngandawana yakhe yedwana kaMaqhoboza. Ngani ngoba uzongena ungenangempi adle izicoco zamadoda. lyogcina idephunwa, idikadikwa nguyena kugcine yena ngodli. Okuhle ngenqe ukuthi liyalikhuculula bandla iqele. Ukuba wona nezimpisi kolwane azikho, ngabe kunuka iqaqa, kuphethuza izimpethu lonke ihlanze leNkosi.

Ubuhle benqe ukuthi alilweli ukukhipha isidumbu, kepha lisuke lifuna ukuzifikisela kulokho okusuke sekufile. Kulolu khalo, ngiqonde ekubulaleni umuntu noma isilwane esikhulu. Kakade inqe yisidlanyama, ngakho kukhona uMenzi ayelihlinzeke ngakho njengokudla kwalo. Alifani inqe nesikhova umandukulu. Ungezwa besihasha bethi:

Isikhova silala emini, 

Ebusuku siyothakatha.

Ukhohlwe ukuthi bayithathaphi le nkulumo abantu. Basibona siqhunsule amehlo emini sengathi yimbuzi iphekwe nezimpondo. Ungaze uthi sibhekile kanti ngumalala ebhekile njengonogwaja nenhlanzi. Kuyothi ebusuku, zonke ezinye izinyoni zilele, sona yima saluka. Saluka siyaphi ngesabakhunkuli? Sesiyofeza izinjongo zobumnyama. Siyohamba sihlukumeza umphakathi uziphumulele ebusuku; sicela ukuvuka sibhulwe; sicela inselele kuze kuse kuthi qhibu. Kanti njalo akulivaka ngamanzi aluhlaza. Uyayazi indlu yengwenya? Nse. Ungaze uwele kwezakho, uzihubhe zonke iphelele, uphume kanti uzihubhela umagabangejubane. Thatha isihlonti somlilo, ujikijele umandukulu lona, uyozwa kwephuka izihlahla, kubhabhama imbabhama ngomnyama. Sibaleka sishiye isithunzi! Ngeke siyithi vu leyo kumuntu. Kusasa sisengxenye.

Isifuba sesikhova sifundisa thina ukuthi inyoni ayilokothwa ikhulunyelwe eziko funa yemukele. Phezani bakwethu ukuba ngogwambela kwesenu kungakabi sikhathi senu, inyoni ishayelwa abakhulu. Thokoza ngekhanda lesikhonyana mkhapheyane. Thokj<nela ukulinda, zingawadli amabele elindiwe, ulengise indwayimani kanti yisichuse, zizokuhleka izinyoni zezulu.

  • Lombhalo ucashunwe ebhukwini likaSolwazi uKhumalo ‘Inyoni kayiphumuli (1996) 
Scroll To Top