Now Reading
Ukukhothama koMntwana uZibhebhu
Dark Light

Ukukhothama koMntwana uZibhebhu

INkosi uMntwana uZibhebhu akagulanga, nanxa kwakuyisiqhwaga neqhawe elikhulu okwakungabhekekile ukuthi lalingahle lihambe kalula nje emhlabeni. Bathi uNdlunkulu uShesha njengoba wayefika evela kubo eQhudeni, kwathi uma iNkosi isizwa ukuthi ubuyile yase imbiza. 

Bathi wabaleka engavumi ukuhlangana nayo. lmfune iNkosi nakhu phela kwakuyintandokazi yayo. Kuthiwa wabaleka wayocasha eNkungwini. 

INkosi yaphikelela eNkungwini isiyomcinga khona. Bathi uNdlunkulu uShesha awelele Ekuphanyekweni. Nakhona lapho kubonakale iNkosi isikhona. 

Bathi isigcino wabaleka wabuyela khona ekhaya eBanganoma. Kuyezwakala nansi iNkosi isifikile ngehhashi layo. Yagcina isize yamthola ekhaya eBanganoma. Bathi yahlangana-ke naye njengoNdlunkulu oyintandokazi yayo. 

Kwathi ebusuku kwezwakala uNdlunkulu esecela izinduna ethi azizombhekisa nakhu engasaboni ukuthi kwenzakalani eNkosini. Kuthe uma zifika izinduna zathola ukuthi iNkosi uMntwana uZibhebhu usekhotheme.

Bathi sengathi ngenkathi uNdlunkulu uShesha ehambile, wayeke wedlula enyangeni esayozilungisa phela naye njengenkosikazi, yize kwakuyintandokazi. 

Kuthe uma iNkosi isikhotheme base bembuza abomndeni ukuthi uyenzeni iNkosi. Bathi wabachazela ukuthi wedlule enyangeni yafike yamgcaba qede yathi angalingi ahlangane neNkosi izinhlanga zisemanzi. 

Manje iNkosi kuthe noma eyibalekela esaba nokuyitshela ukuthi kwenze njani, yamthungatha yaze yamthola. Ngakho wesaba ukuyitshela lapho isimtholile. 

INkosi uMntwana uZibhebhu yakhothama ngokukhulu ukuzuma mhla zingama-27 kuNcwaba we-1904 emzini wayo eBanganoma. 

Kwaphuma izigijimi zagcwala kulo lonke elakwaMandlakazi, ezinye zaphuthuma eQhudeni ukuyobikela uNdlunkulu uHlehle okaMatshana wesithathu. 

lNkosi uZibhebhu ikhothama nje kayikamboni uMntwana uBhokwe ngoba wayenezinyanga eziyishumi nesishiyagalombili ezelwe. Wayezalwe ngoMfumfu we-1902.

ABantwana bakhipha ezinye izigijimi ezaziholwa iNduna uMziki wakwaJele, ukuba ziyobikela iNgonyama uDinuzulu eSigodlweni sayo oSuthu. lnduna uMziki ithi kwathi uma befika eSigodlweni bazibika ukuthi bavela eBanganoma balethe umbiko kuyo iNgonyama. 

Uthi kwaqhamuka izwi ngaphakathi lithi iSilo sithi abangene. Bangena basithola sihlezi nebandla elalisotha. 

Uthi bayibikela iNgonyama ukuthi bathunywe umuzi wakwaMandlakazi ukuba bazobikela iSilo ukuthi uMntwana uZibhebhu kaMaphitha usekhotheme. Uthi kwathula kwathi cwaka endlini kwaphela isikhathi eside kungekho okhulumisa omunye. Kwathi emuva kwethuba elide kuthulekile, kwezwakala indoda ethile isihlabelela ithi:

“llel’! ilele engezingalala 

Yaze yalala, 

llel’ ilele engezingalala 

Inkunzi yaze yalala”

Yahlabelela le ndoda kwasengathi ayizwanga lutho olwaluzobikwa eSilweni yila madoda athi aphuma kwaMandlakazi. Bathi yaliphindaphinda leli gama layo kungekho oyivumelayo kule njabulo yayo. 

Kwaba sengathi bonke ababeseJuba bamangele nje ukuthi kwenzekani, ngoba ngisho yona iNgonyama uqobo lwayo yayilokhu iwuhlabe inhlali ekuzweni ukuthi uMntwana uZibhebhu ukhotheme. 

See Also

Kwathi kusakhungatheke wonke umuntu owayelapho eJuba, kwezwakala iNgonyama uDinuzulu isithi; “Mvumeleni, nathula nje umuntu ehlabelela yedwa nikhona” 

Nebala lavuma lonke ibandla elaliseJuba lotha oNgangezwe. Bahlabelela nje iSilo sona sithule siyababuka. Kwathi lapho beqeda khona ukuhlabelela, kwaphinda kwathuleka kwathi cwaka eJuba. 

INgonyama kwabonakala ingabaphenduli ngankulumo laba abazoyibikela ngokukhothama kukaMagasa. lnduna uMziki Jele iyixoxa ithi iSilo sathula kwaze kwaba sengathi sesibakhohliwe bekhona eJuba. 

Kwathi lapho siqala khona ukuvula umlomo waso iSilo, sabhekisa kulona oqale igama sathi; “Awu! Wena uyajabula uma namuhla izwe lakwaZulu lizoba umfazi. Bekungekuhle yini kuwe uma uhamba phakathi kwezwe, uhambe uphethe izikhali zakho ngoba wesaba ukuthi kuzovuka ibhubesi likuhlasele.”

Yaqhubeka iNgonyama nenkulumo yayo, nobani owayekhona lapho endlini kwamkhanyela ukuthi konakele. 

Ulwandle lwabe seluthutha amnyama, yathi; “Wena uyajabula uma ngifelwe uBaba. Awuboni ukuthi namuhla izwe lizosala linqunu ngokuhanjelwa uMagasa”. 

Akakho owakwazi ukuyiphendula iNgonyama ngoba bathi amehlo lana ayo ayeselokoza umlilo esephenduke aba igazi ngaso leso sikhathi. 

Yathi isuka lapho iNgonyama yasithi enduneni, hambani nimkhiphele insonyama ahambe ayodla nezingane zakhe. Yasukuma induna yenza njengoba iSilo sishilo. lndoda yathatha insonyama yayo yasuka yahamba. 

lphuma eSigodlweni nje izingwazi zeNkomndala zazimlandela kancane, okwathi uma eseqhele ngokwanele eSigodlweni zase zimthatha zimnika izinyoni zezulu. 

Kwathi uma isikwedlulisile ukukhala kwayo ezithunyweni iNgonyama yabe isithi iyabonga ukuba bazoyibikela ngokuhamba kukaYise. Yabanxusa ukuba bamtshale kahle.

Scroll To Top