Now Reading
Iphupho lifika ngezindlela ezihlukene kubantu
Dark Light

Iphupho lifika ngezindlela ezihlukene kubantu

Kulamaphupho amabili sibona amaqiniso afezekayo, futhi nencazelo yawo yakubeka obala lokho okwakuzokwenzeka, okwagcina sekwenzekile. Siyabona-ke ukuthi iphupho uyaliphupha, ungakwazi lokho elikushoyo, kodwa ngomchazi onikwe ikhono lokulichaza, njengoDaniyeli owayekwazi ukuchaza amaphupho, liphenduka libe yinkulumo ethile ezwakalayo nepheleleyo nefezekayo.

Kusobala-ke ukuthi iphupho liyinkulumo yaLowo Owazi okuzayo nokuzokwenzeka, akhulumisana ngayo nalowo okuzokwenzeka kuye ngesikhathi esithile noma ngaso lesosikhathi iphupho eliphushwe ngaso.

Noma-ke singaze singakwazi ukuwachaza amaphupho ethu, kodwa kuyabonakala ukuthi lokho esikuphuphile kuyinto esunguleka emthanjeni othile, esingathi nguMnini-womuntu, uma efuna ukuxwayisa kumbe ukukhuthaza umuntu wakhe, ngoba phela uma eza njengoba enjalo esidalweni sakhe azokhuluma naso njengoba enza kuMose entabeni yaseSinayi, asiyikuphila leso sidalwa ngoba siyobe sibone uMlomo-ongathethi- manga, iZulu Eliphezulu!

Kuseyiso-ke esinye sezizathu esenza ukuba abantu bakholelwe emaphusheni, ngoba bayasho ukuthi amaphupho umuntu awaphuphayo kusuke kuyinkulumo kaNkulunkulu ekhulumisana nabo ebuthongweni.

Uma sifunda kuJobe 33:14- 18, sithola lamazwi akhombisayo ukuthi kanti iphupho leli yinkulumo kaNkulunkulu akhulumisana ngayo nomuntu. “Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye, yebo, nakabili, umuntu engakunaki. Ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima, bozela emacansini, khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo, ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu; unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni, nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.”

Kanti iphupho liyindlela uNkulunkulu axwayisa ngayo umuntu, ede ekhuluma naye kanye noma kabili ephusheni nasembonweni wasebusuku, lapho abantu behlelwe ngubuthongo, bozela emacansini? Ukwenza lokho ukuba umuntu aphanjukiswe ekwenzeni kwakhe, ukuze anqande umphefumulo wakhe ekubhujisweni. Yilesi-ke esinye sezizathu ezenza iningi labantu likholwe ngamaphupho, kuthi noma umuntu ethuke waphupha, kodwa walikhohlwa iphupho lakhe, akhathazeke, ngoba kusuke engayizwanga kumbe eseyikhohliwe inkulumo kaNkulunkulu ayikhulume naye ebusuku elele ecansini lakhe.

See Also

UmkaPilatu waphupha iphupho ngoJesu, elikhomba okwenzeka ngaso lesosikhathi ayesanda ukuliphupha ngaso. Ukuba uPilatu walilalela iphupho lomkakhe amtshela lona ngenkathi esathetha icala likaJesu, ngabe engawavumelanga amaJuda ukuba ambulale uJesu, ambethele esiphambanweni.

Abanye-ke bathi uma bephuphile, kuyaye kwenzeke okuphikisana nalokho abakuphuphile. Omunye wake wathi yena uma ephuphe umuntu egula kakhulu, maqede ambone lowomuntu esephilile khona belu ephusheni, lowomuntu uyafa empeleni. Kuthi uma ephuphe umuntu egula ebese efa ephusheni, lowo uyaphila empeleni.

– Iyaqhubeka ngesonto elizayo

Scroll To Top