Usehambe ibanga elide nesibhakela uMhayise



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNathi Hlatshwayo (osesithombeni) ukholelwa ukuthi intokazi ayiqeqeshayo uPhiwokuhle Mnguni, izokwenza ezibukwayo kuCommonwealth Games.
UPhiwokuhle owaziwa ngoBen 10 uyena kuphela kwabesifazane ozomela iNingizimu Afrika kuCommonwealth Games, ezokuba seBirmingham, e-England kusukela mhla zingama-28 kuNtulikazi kuya mhla ziyisi-8 kuNcwaba nonyaka.
UHlatshwayo obekhuluma nelaboHlanga ungomunye wababaqeqeshi asebehambe ibanga elide. Lo mdlalo wawuqala engumdlali, kodwa manje usengumqeqeshi weqophelo eliphezulu.
Lo mqeqeshi odabuka eSibongile, eDundee uthe: “UPhiwokuhle ungusomankomane oseqophelweni eliphezulu kakhulu, okuwubufakazi balokho ukuthi kusukela eneminyaka eli-12 induku into angayazi uze wahlulwa njengoba kade eseTurkey ngenyanga edlule. Ukuhlulwa kwakhe eTurkey akubanga into embi kodwa ngikubona kuyisifundo. Izifundo azitholile khona nakanjani uzozisebenzisa KuCommonwealth Games, bese enza kahle. Sizomlekelela singabaqeqeshi, kodwa umsebenzi omningi usele ngakuyena. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, koshaya isikhathi sokuya e-England uyobe evuthwe kakhulu” kusho uHlatshwayo.
Lo mqeqeshi okuyikho okwamkhuthaza ekutheni abe nothando olukhulu ngalo mdlalo uyise uWalter Hlatshwayo owaba ngumshayisibhakela ohamba phambili eDundee. Ngesikhathi esengusomankomane wamela isifundazwe iKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika, kodwa kwamphoqa ukuthi ayeke ukujima njengoba kwashiswa ihholo ayejimela kulona kwazise kwayizikhathi zobandlululo.
Akukhona okokuqala uHlatshwayo ezobe eyomela iNingizimu Afrika emqhudelwanweni omkhulu kangaka. Uke waba kuWorld Champs kayisi-6, iku-Olympics kane uzoya okwesithathu kuCommonwealth Games kulo nyaka.
Ohambeni lwakhe uzohamba noPhiwokuhle, u-Amzolele Dyeyi noSimnikiwe Bongco base-Eastern Cape. Ekuqeqesheni uzolekelelwa uMoneen Brits.
“Isibalo sincane kakhulu, sinowesifazane oyedwa kube abesilisa ababili, le nto iyihlazo elikhulu. Ngeke ngaphawula kakhulu ngayo abantu abanolwazi olungcono iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc). Mina nginqumeke umlomo impela ukuthi kungani sinesibalo esingaka” usho kanje uHlatshwayo.
Eqhuba uthe: “Emva kweCommonwealth Games, ngifuna ukuqala ngisebenze kanzima ngoba ngonyaka wezi-2024 ngifuna sibe nosomankomane abane kuya phezulu abazosimela ku-Olympics. Sesikhathele ukulandela ngemumva osomankomane base-Eastern Cape. Angeke ngaqamba amanga umehluko awusekho mkhulu kangako, uma uqhathanisa lezi zifundazwe”.
Ngaphandle kokuba umqeqeshi uHlatshwayo uphinde asebenze kuMasipala waseNdumeni, lapho ebhekelele khona ezemidlalo.
Uthe ulwa ngakho konke okusemandleni ukuthuthukisa ezemidlalo emphakathini wangakubo, ngoba ukholelwa ukuthi ezemidlalo zinemali eningi futhi ziyayigwema intsha ekutheni yenze izinto ezibhedayo.
Ebuzwa ukuthi ngabe isibhakela sama-amesha siyakuthola yini ukwesekwa okwanele uthe: “UMnyango Wezemidlalo oholwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela uyasilekelela kakhulu angifuni ukungasho. Ngabe siqamba amanga, izinkinga esike sibhekane nazo kuba ezokuthi kumele kube yithi esikhiphayo ephaketheni kodwa ngasohlangithini lawo uMnyango cha usibhekile kakhulu. Siyabonga kakhulu kuwona. Ngibonga abakwaPrime Human Performance Institute ngokuthi banikeze ithuba abanye osomankomane lokuziqeqesha ngezinsiza zeqophelo eliphezulu, kuyabasiza kakhulu,” kusonga uHlatshwayo.