Now Reading
‘Usekuphindile’ adume ngakho uMphathi we-Chippa
Dark Light

‘Usekuphindile’ adume ngakho uMphathi we-Chippa

SEKWENZEKE ukungasathusi kugqabuka ifindo lo mshado phakathi kuka- Ernst Middendorp neChippa United. IBAYEDE ithole ukuthi ngoLwesithathu emhlanganweni obushubile okuthiwa uze waphela ngelesi-9 ebusuku amalunga ebhodi ye-Chippa kuhlanganisa noSihlalo waleli qembu, uSiviwe “Chippa” Mpengesi  agcine ngokuvumelana ngokuthi amkhombe indlela uMiddendorp.

Kuthiwa okuxoshise lo mqeqeshi odabuka e-Germany yimiphumela engemihle kanye nokungabi nobudlelwano obuhle nabadlali. Selokhu efikile lo mqeqeshi kule kilabhu yase-Cape Town kepha ezinze kuMasipala waseNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape  akakanqobi  ngisho umdlalo owodwa njengoba emdlalweni wakhe wokugcina weligi ezakhe zibhaxabulwe yiMamelodi Sundowns ngo-3-0.

Nasemdlalweni weNedbank Cup leli qembu likhishwe yi-Natal United edlala kwi-ABC Motsepe. Njengamanje leli qembu lilele indawo ye-12 kwilogi ngamaphuzu angama-25. Kuthiwa ukuhamba isigubhukane  kukaThamsanqa Sangweni odlala esiswini yikona okumdalele amazinyo abushelelezi. Kusolwa ukuthiwa lo mdlali waduba leli qembu ngoba exabene nalo mqeqeqeshi.

Kwenzeka lokhu nje, ngesikhathi esaqeqesha i-Bloemfontein Celtic wabizelwa kwinqwaba yemihlangano ngoba esolwa ngokuphatha kabi abadlali. “Emhlanganweni wangoLwesithathu ebusuku isigungu esiphezulu se-Chippa sivumelene ngokumkhulula uMiddendorp.

Kuyihlazo ukuthi selokhu efikile akakanqobi nomdlalo owodwa. Kuyacaca ukuthi kukhona ukungaxhumani  phakathi kwakhe nabadlali. Lokhu kufakazelwa wukuthi uze washayelwa ekhaya yi-United engekho nakancane ezingeni le-Chippa. Nakuba yenzeka imilingo kwiNedbank kodwa ukudliwa yiqembu eligijima kwi-ABC Motsepe kumcike kakhulu uMpengesi,” kubeka umthombo.

Leli phephandaba libuye lahosha ukuthi isikhala salo mqeqeshi sizovalwa nguRoger Sikhakhane ozobe ebuya okwesithathu kuleli qembu. Kuthiwa uSkhakhane waseMelmoth, KwaZulu-Natal ugibele namhlanje ekuseni ngoLwesihlanu ukuyoqeda konke neChippa. “Noma kanjani lizoshona elanamuhla uSikhakhane esukuqede konke neChippa. “Emhlanganweni wangoLwesithathu kuthiwa amalunga ebhodi avumelene ngokuthi uSkhakhane angawutakula lo mkhumbi obonakala ucwila ngaphansi komqeqeshi uMiddendorp.Leli phephandaba lithinta uLukhanyo Mzizi okhulumela iChippa uvele wafa insini maqede waphika walala ngomhlane ukuthi kuphelile phakathi kwaleli qembu noMiddendorp. Uphinde waphika nodaba lukaSikhakhane. “Ngiqala ukuluzwa ngawe lolu daba. Namhlanje ekuseni umqeqeshi ubenza umsebenzi wakhe njengokujwayelekile. Ngikhuluma nawe nje uvalelene nabadlali emhlangwaneni abajwayele ukuwenza uma beqeda ukujima,” kubeka uMzinzi efa yinsini.

See Also

Kubukeka uMpengesi esemphendule into yokudlala uSikhakhane njengoba kuthi uma izinto iqembu zilihambela kahle avele amkhombe indlela. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi uyena ofake leli qembu kwi-Absa Premiership kwisizini ka-2011/ 2012.

Maphakathi nale sizini u-Chippa umkhombe indlela uSikhakhane ngesizathu sokuthi ufuna umqeqeshi onesipiliyoni. Ngale sizini leli qembu lidliwe yizembe. Kumangale wonke umuntu mhla zinhlanu kuMasingana kulo nyaka lesi sikhulu siphinda sixosha okwesithathu  uSikhakhane phezu kokuba iqembu belenza kahle.

Udaba lukaMpengesi nabaqeqeshi luyimpicabadala njengoba edume ngokubaxoshisa okwezinja. Esinye sezigameko salesi sikhulu esithuse abaningi  ukuxosha uKosta Papić waseSerbia phezu kokuba ebuyisele leli qembu kwi-Absa Premiership. Phakathi kwabaqeqeshi aseke wabaxosha kukhona uManqoba Mngqithi, Julius Dube, Farouk Abrahams, Wilfred Mugeyi nabanye.

Scroll To Top