Now Reading
Umlandeli wokuqina weChiefs ubona uMangethe ezobuyisa injabulo eqenjini
Dark Light

Umlandeli wokuqina weChiefs ubona uMangethe ezobuyisa injabulo eqenjini

Izinkakha, abahlaziyi, abaphathi bayo iKaizer Chiefs emasontweni adlule baphawulile ngokuqokwa kuka-Arthur “10111” Zwane njengomqeqeshi weqembu, kodwa abalandeli bona ukuphawula kwabo akukazwe kuzwakale.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noMasilo Machaka, ongomunye wabalandeli bokuqina beChiefs. Uthe kumujabulisile ukuqashwa kukaZwane ukuthi ahole iChiefs ngesizini ka-2022/23 nezoqala ngoNcwaba.

“UZwane uyadinga ukuthi simuseke njengabalandeli, sime ngomumo ukuthi lokho sikwenze uma kuqala isizini ezayo. Uyingane yeChiefs uyaluqonda usiko lethu, ubile umdlali okuhle udlale nabadlali abasezingeni naye wayengeyona inkomo wayelazi ibhola ngalokho ngiyamuthemba ukuthi uzokwenza kahle,” kusho uMachaka.

UZwane kuzoba okokuqala ezoba umqeqeshi ngokusemthethweni, iminyaka eminingi ube yisekela. Usize uGavin Hunt kanye noStuart Baxter, wenze kahle kakhulu eqeqesha iChiefs encane eyibamba kuDStv Diski Challenge.

“Isikhathi sokuthi kubuye izinsuku zenjabulo kithina balandeli beChiefs, sikhathele ukuba inhlekisa. Nangendlela esidlala ngayo ayijabulisi nhlobo. IChiefs ibinabadlali abadle ngebhola lo mjiko. Ubukuthakasela ukuyibuka, manje usuze uzisole nokuthi ubuyelani enkundleni kodwa lokho bekugcina ngesizini edlule,” kubeka uMachaka.

Amakhosi agcina ukujabulisa abalandeli bawo ngesizini yangowezi-2014/15 inqoba isicoco seligi neMTN 8, nokuyinto engakaze yenzeka emlandweni ukuthi leli qembu eselinqobe imiqhudelwano eminingi kuleli kuphele amasizini amangaka lingakaze liqukule sicoco.

Ukufika kukaZwane kuguqule izinto njengoba iChiefs ivele yaqoma ukuthi ingayivuseleli inkontileka yabadlali abaningi. Kulabo badlali kukhona uBernard Parker, uDaniel Cardoso, uLebohang Manyama, uDaniel Akpeyi, uDumisani Zuma, uKearyn Baccus, uSamir Nurkovic, u-Akumu Agay, uLeornardo Castro noLozolous Kambole.

Ephawula uMachaka uthe: “Njengoba ngishilo isikhathi sokuthi uZwane abuyise isitayela seChiefs yakudala isinqumo esihle sokuthi kuhanjiswe la makhehla. U-Agay noKambole, babesayinwelani ngempela kuChiefs. Uma ungaya eSoweto baningi abadlali abangenza kahle, sikhathele manje indaba yalaba badlali bangaphandle abangalazi ibhola belokhu bezogqoka ijezi leqembu elikhulu kangaka. Nakanjani inkundla isizogcwala njengoba kwakwenzeka kuqala, sesizobuka ibhola elimnandi. Thina sazi oShoes Moshoeu  noScara Ngobese” usho kanje.

IChiefs isivele isayinise u-Ashley Du Preez, uZitha Kwinika, uSiyethemba Sithebe noYusuf Maart. Abanye abadlali okusele kancane ukuthi bejoyine leli qembu uKobamelo Kodisang, uGiven Msimango, uDillon Solomons, uKamohelo Mahlatsi noPule Mmodi. Leli qembu kuvela ukuthi ligaqele uThabo Cele odlalela iqembu lasePoland.

See Also

Umuntu ikusasa lakhe elingaziwa u-Itumeleng Khune, njengoba isizini yonke edlule ijezi ubelizwa ngendaba. Ubonakalile efundela ukuba ngumqeqeshi wonozinti. Kwenzeka lokho nje leli qembu likhombe indlela uLee Baxter obengumqeqeshi wonozinti. 

“UKhune siyazwana kakhulu naye kodwa ngibona kungcono ukuthi abe ngumqeqeshi wonozinti manje, kube ukuthi ukhulisa uPietersen noBvuma. Ukwenze konke kuChiefs nakuBafana Bafana isikhathi sokuthi anikeze abanye ithuba. NoParker ngingajabula ukuthi anikezwe umsebenzi lokho kuzobakhuthaza kakhulu abadlali, bazi nokubaluleka kokugqoka ijezi laMakhosi” usho kanje uMachaka.

UMachaka uphinde wathi iningi labadlali abadlala kuPSL akubafanele, ama-ejenti iwona abulala ibhola ngoba ayakhokhelwa bese enza isiqiniseko sokuthi labadlali “Abayizinkomo” bayasayiniswa. 

“Ngaphandle kweChiefs kuPSL yonke ayikho le nto edlalwayo, ingakho ngisho izingane ezincane azinendaba nabadlali bethu uzizwa zikutshela ngoRonaldo kanye nangoMessi. Lokho kukutshela ukuthi izingane zifuna ibhola elimnandi, ayi le nto eyenziwayo. Ukuze kubuye le ndlela yakudala akunikwe ithuba abaqeqeshi balapha ekhaya. ISoweto Derby yagcina nini nje ukuthi ishiye abalandeli bejabule ngenxa yebhola elimnandi,” kusonga uMachaka.

Scroll To Top