Now Reading
Sebehlela nokushaya isoso abeTS Galaxy abayizwa ngendaba imiholo
Dark Light

Sebehlela nokushaya isoso abeTS Galaxy abayizwa ngendaba imiholo

Badinwe bagane unwabu abasebenzi nabadlali beTS Galaxy Football Club abangakhokhelwe imali yabo.

ElaboHlanga like labika ngodaba lweRockets lokuhluleka wukukhokha imiholo yabadlali nabasebenzi ngemuva kokuthatha uhambo lokuyodlala imidlalo yesihle eTurkey.

Ekupheleni kukaMasingana kunabadlali nabasebenzi abangazange bayithole imali yabo.

Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi abasebenzi nabadlali kubaphindile lokho.

Lokhu kuholele ekutheni bathukuthele babize umhlangano ophuthumayo nomqeqeshi weqembu.

ElaboHlanga linawo amaminithi alo mhlangano aqoshiwe.

“Isimo sishube kakhulu. Abasebenzi babize umhlangano bekhala ngokuthi kumele basekane. Bebehlongoza ukuthi abadlali abaholile baseke labo abangaholanga nabasebenzi ngokuthi babashayele isoso ukuze bekwazi ukufinyelela emsebenzini  nokufeza ezinye izidingo zabo,” kubeka omunye wabadlali beqembu.

Inyunyana yabadlali iphumele obala ngenyanga edlule yaqinisekisa ukuthi kukhona abadlali abangazange bayithole imiholo yabo.

Le nyunyana ikubeke kwacaca ukuthi ihlanganile nabadlali kodwa imizamo yayo yokuthola usihlalo weqembu uTim Sukazi iphunzile njengoba engalubambi ucingo lwakhe.

Omunye wabasebenzi ovule umhlangano ngoLwesibili ubeke kanje: “Uma sithi siwumndeni kumele sikhombise ezikhathini ezifana nalezi ukuthi siyimbumba. Abaholile kumele babhekelele abangaholanga. Asibambaneni ngoba ngelinye ilanga kuyoba nguwena. Asikhombise ubumbano bakwethu. Lena iyona indlela esinqoba ngayo.”

Ngemuva kwalo msebenzi kulandele umdlali wasesiswini uXola “Ten Ten” Mlambo uphonsele ithimba labaqeqeshi ukuthi lilwele abadlali nabasebenzi.

“Angiqondile ukuvula inkulumompikiswano kodwa lokho okubekwa nguzakwethu ngikuqonda kahle. Kumele sithole indlela eqondile esizokwazi ukuthi kusizakale wonke umuntu. Yebo, sisalelwe yimidlalo eli-10 kodwa sizodinga usizo lwabaphathi nethimba labaqeqeshi kulolu daba. Akusizi ukuthi sifike ejimini ngelukuluku lokuzozinikela kodwa uthole ukuthi kunozakwethu abangekho kahle emoyeni ngoba abaholile. Ngivumelana nozakwethu kumele sikhombise ukuthi singabafowethu. Akuyona into emnandi ukubona uzakwenu engaholile wena wazi ukuthi uyitholile eyakho. Labasebenzi abangaholile bamqoka. Umsebenzi wabo ubalulekile,” kuchaza uMlambo.

IGalaxy isanda kuthenga isitifiketi seVasco Da Gama sokudlala kuHollywoodbets Super League ngesigidi njengoba isintula imali.

“Sidinga nethimba labaqeqeshi ukuthi lisukume lime ngezinyawo lizame ukusilwela. Sonke sila kodwa abaphathi abekho. Abantu abakwazi ukuxhumana nabaphathi yini thimba labaqeqeshi. Mqeqeshi kumele uthathe ucingo ufonele uTim umbuze ukuthi kwenzakalani. Sifuna umhlangano naye noma kungathiwa usuku olulodwa. Sidinga asichazele ukuthi kwenzakalani obhuti bethu izolungiseka kanjani indaba yabo,” kusho uMlambo.

Umqeqeshi uzwakale evungama ethi uzoxhumana nosihlalo weqembu ukuze athole isixazululo sale nkinga. Kube sekungenelela iphini likakaputeni uPogiso Sanoka.

See Also

“Singakhuluma size sikhihlize  amagwebu kodwa sidinga usihlalo azosichazela umsuka wenkinga. Angithi ngesikhathi siya eTurkey wayeza ukuzokhuluma nathi (sisadingida indaba yokubanjwa kwamaholo ethu). Namanje-ke akeze azosichazela. Iyadida lento yokuthi asimboni uma kunezinkinga kodwa uma kukhona akudinga kithina uzifikela maphutha ejimini,” kulandisa uSanoka.

Ukaputeni uGiven Msimango uvule izandla kubo bonke abathintekayo.

“Ngiyaxolisa ukuthi singaluthatheli phezulu lolu daba. Ngiyazwelana nabo bonke abangazange bayithole imiholo yabo. Ngizimisele ngokufaka isandla lapho esingenza khona umehluko. Ngihlalele ethembeni lokuthi nomqeqeshi uzosilekelela sithole isisombululo,” kubeka uMsimango.

Abadlali abangaholanga kuRockets bayisithupha. Abanye bayithole igcwele imali yabo.

Umqeqeshi uSead Ramovic uveze ukuthi yena usenezinyanga ezintathu engaholile.

“Nami sekuphele izinyanga ezintathu ngingaholi. Abasizi bami nabo abaholile. Akumnandi. Ngimtshelile uTim ukuthi kungcono abaqashele izindiza babuyele ekhaya. Ungithembise ukuthi isimo sizolunga. Umasipala waseMbombela ungase umnike u-R8 million ngesizini ezayo. Asizame ukulwa sivike izembe bese sijaha iTop 8. Uma singenza njalo sizobathola abaxhasi. Uma sesithole abaxhasi isimo sizoshintsha. Kwabezindaba ngiyalilwela iqembu. Bangayibuza ngendaba yemiholo kodwa ngiphike,” kuchaza uRamovic.

Imenenja yeqembu uNjabulo Sukazi izamile ukungenelela kodwa kwanhlanga  zimuka nomoya.

Scroll To Top