Abadlali ebholeni bayabunjwa, basekelwe, bakhuliswe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuhle umuntu uma enze kahle anconywe ngendlela efanayo noma uma kungathiwa akenzanga kahle bese eyagxekwa, singahlezi njalo sagxeka. Ngempelasonto eyedlule bengingomunye obehambele umqhudelwano obuwenziwe uManqoba Mkhize (osesithombeni), obizwa ngokuthi iKhabba Cup.
Lo mqhudelwano kaMkhize owayengumdlali weLamontville Golden Arrows kanye neKaizer Chiefs ube izinsuku ezimbili, ezinkundleni ezehlukahlukene okubalwa iSJ Smith (Wema) neGlebe.
Ngiyamncoma kakhulu uMkhize ukuthi enze umqhudelwano ohleleke ngale ndlela, abalandeli bakanobhutshuzwayo baphume ngobuningi babo bagcwalisa izinkundla zathi phama. Into enhle kakhulu kwazise imidlalo yePremier Soccer League (PSL) ivaliwe, okusho ukuthi abathandi bakanobhutshuzwayo basizakalile ngale midlalo.
Imidlalo ibishube kakhulu siyalibongela iqembu lase-Eastern Cape iSinenkani FC egijima ku-ABC Motsepe League okuyiyo ebe ngompetha ihlula iDream Team. Okuwubufakazi bokuthi le midlalo ibiseqophelweni eliphezulu ukuthi amanye amaqembu abedlalelwa abadlali abagijima kuDStv Premiership naseqenjini lesizwe. Yize aziwa amagama abo kodwa ngeke abhalwa phansi ngenxa yokuvikela ikusasa, kwazise banezinkontileka namaqembu.
Kanti okunye okube kuhle ukuthi kuphinde kube nemidlalo yezinkakha zikanobhutshuzwayo, lokho kunikeze ithuba intsha ukuthi ibone laba badlali abadlala ingakafiki emhlabeni okanye isencane. Kulezi zinkakha uMkhize qobo lwakhe udlalile, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, uTsepo Tsoane, uJaphet Zwane, uSteve Lekoelea, uMdu Nxele nabanye abaningi.
Lo mqhudelwano uphinde wahanjelwa umphathi weqembu elisanda kunyukela kuDStv Premiership iRichards Bay FC, uSfiso “Jomo” Biyela. Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi ezikaBiyela zihlomulile kulo mqhudelwano njengoba zikwaze ukusayinisa omunye umdlali obeyiphela endlebeni. Kanti noMandla Ncikazi ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ungomunye wezihambeli ebezihambele lo mqhudelwano, okuyinto enhle kakhulu.
Bekungaba kuhle kakhulu ukube nabanye abaphathi bamaqembu adlala kuDStv Premiership bebezile kulo mqhudelwano ukuzobheka ikhono kubadlali abasebancane. Lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal sinekhono eliningi, akuke kubhekwe abadlali kuyona le miqhudelwano efana neKhabba Cup.
Akuwona wodwa lo mqhudelwano owenziwe kulesi sikhathi sonyaka ikhona eminye ngibala ozobe ukuyo le mpelasonto iDerrick Spencer Soccer Festival, iSiyabonga Sangweni Youth Month Festival ezokuba emasontweni azayo. Isikhathi manje sokuthi amaqembu alapha KwaZulu-Natal innige labadlali kube ukhuthi baqhamuka lapha ngisho emaqenjini amancane akuDStv Diski Challenge. Sesiside isikhathi amaqembu alapha esifundazweni edlalelwa inqwaba eqhamuka kwezinye izifundazwe.
Okunye okuzosiza ngale midlalo ukuthi sibuyise le nto yendlela esaziwa ngayo ebholeni, ibhola elinomjiko nezinto eziningi ayi indaba yokulokhu sidlala ngendlela yase-Europe ngoba iyasihlula.