Selizilungiselela isizini entsha elisinde ezembeni


Ngemuva ngokuphuma ngembobo yenaliti embangweni wokubalekela izembe elaboHlanga lihlale phansi laxoxa nosihlalo weTS Galaxy FC, uTim Sukazi ngokusinda kweRockets embazweni.
Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela (ZS) ixoxe noTim Sukazi (TS) ingxoxo yabo yahamba kanje.
Zipho Singela (ZS): Tim, ungayichaza kanjani le sizini esanda kuphothulwa?
Tim Sukazi (TS): Lena akubanga yisizini elula neze. Okujabulisayo ukuthi sigcine sikwazile ukusinda ezembeni. Besilwa nezinto eziningi. Sithole amakhadi abomvu ayisikhombisa nenqwaba yamakhadi aphuzi. Phezu kwalokho izitha bezithola amaphenathi akhalisayo uma zibhekene nathi. Ngasohlangothini lwethu kukhona amaphutha asiwenzile kodwa sifundile kuwona. Uma ubheka izingqinamba esibhekane nazo ngicabanga ukuthi ngabe angibenzi ubulungiswa uma ngingalishayeli iqembu lami ihlombe ngendlela elenze ngayo.
ZS: Ekuqaleni kwesizini ukhombe u-Owen Da Gama indlela ngemuva kwemidlalo emihlanu. Ngabe sithini isizathu salokhu ngoba isizini ibisanda kuqala?
TS: Besezikhona izinkomba zokuthi iqembu lidonsa kanzima. Lezi zinkomba ziqale ukuvela ngesikhathi sidlala imidlalo yesihle. Emalungiselelweni ethu okuqala kwesizini sike saqunjwa phansi yiJDR Stars ngo 4-1. Iphinde yasidla ngo 1-0. Sibe sesibambana namaqembu afana noPretoria Callies noPlatinum City Rovers. Asizange silibone elidlalayo nangesikhathi sibhekene neSwallows neSuperSport. Izinto azizange zishintshe sekuqala isizini. Ngemuva kwemidlalo emihlanu okungamaphuzu ali-15, iqembu bese liqoqe amaphuzu amabili lalahla ali-13. Kulapho sibone khona ukuthi kukhona okushaya amanzi futhi kungcono sihlukane no-Owen ngoba iqembu lihlehla nyova.
ZS: Ube usulanda uSead Ramovic ongenaso isipiliyoni. Kungani ukhethe yena ngoba bekukhona noShaun Bartlett oke waba ngumqeqeshi phambilini?
TS: USead Ramovic uphethe iziqu ezinkulu kunazo zonke emhlabeni kwezokuqeqesha. Une-Uefa Pro Licence. Ngaleso sikhathi bekunguBenni McCarthy noStuart Baxter kuphela abebenaleziqu eligini yethu. Lezi ziqu zitholwa abaqeqeshi abakhethekile. USead bekumele ajoyine iqembu njengephini likaDa Gama ekuqaleni kwesizini. Ngesikhathi kuvalwe isizini ubuke inqwaba yemidlalo yeqembu. Ubazi ukuthi kwenzekani. Iningi belimngabaza ngesikhathi efika kodwa angingabazi ukuthi manje selicula enye ingoma.
Ukwazile ukuvala igebe phakathi kwethu namaqembu asebesisembangweni nawo wezembe. Ufike sihlezi ekugcineni. UBartlett bezimisele ngokumgcina bese siyamsiza ekutheni enze izifundo zakhe ze-Uefa Pro Licence. Uzesulele yena ngokwakhe. Ubengaziboni njengephini likaSead. Simnike izibusiso zeqembu wahamba.
ZS: Ngabe uyabuya ngesizini ezayo uRamovic?
TS: Asikwazi ukuthi singamdedela ekubeni enze umsebenzi omuhle kangaka. Usazoba yingxenye yeqembu kuze kushaye owezi-2026. Akayi ndawo.
ZS: Zithini izinhlelo zeqembu ngesizini ezayo?
TS: Sifuna ukuba sembangweni wamaqembu azoqeda isizini ebalwa nayisishiyagalolumbili. Asizimisele ngokuvika izembe ngesizini ezayo. Uma ngibheka umehluko owenziwe ngabaqeqeshi ithemba likhulu ukuthi sizoba nesizini enhle kakhulu.
ZS: Ake sibuyele esigamekweni esenzeka ngoZibandlela lapho wavinjwa khona e-Orlando Stadium. Ngabe weneme ngesigwebo esinikwe eZimnyama ngesenzo sazo?
TS: Ngeneme ngokuthi iPirates itholwe inecala kodwa angeneme ngesigwebo abanikwe sona. Lesa sigameko sadicilela phansi isithunzi seligi. Iligi yethu ibalwa namaligi ayishumi ahamba phambili emhlabeni.
Okwenzeka ngaloluya suku kwashiya osomabhizinisi abahlonishwayo, abammeli nezikhulu zebhola zibambe ongezansi. Abanye osomabhizinisi abahlonishwayo abasendimeni yomthetho babengibuza ukuthi kanti le nto yebhola eyosikhotheni yini. Ngaphoxeka kakhulu ngoba ngayilandela yonke imiyalelo ngosuku lomdlalo. Bengingangabazi ukuthi iPirates izotholwa necala ngoba ubufakazi babonwa umhlaba wonke. Into ebengilangazelele ukuyibona isigwebo.
Ngisale ngiphoxekile ukuthi izi-R100 000 zilengiswe zonke. Phezu kwalokho iPirates yaphinde yafaka isikhalo sokuthi isigwebo sebuyekezwe.
ZS: U-Ethan Brooks noGiven Msimango kuvela ukuthi bafunwa uthuli ngamaqembu amakhulu. Ngabe uzobadedela?
TS: Lapha eTS Galaxy asimi endleleni yabadlali uma bethola amathuba angaguqula impilo yabo. Ikhono kudala ngisebenza ngalo. Kudala ngivundulula ukhilimu wabadlali. Ngisazoqhubeka futhi nokuwuthola. Okwamanje asinazo izicelo ngoGiven no-Ethan. Uma kukhona amaqembu abafunayo abeze sihlale phansi. Sizoxoxa nawo sibone ukuthi sifika kuphi. Okwamanje asinazo izicelo ngala badlali ababili.
ZS: Kukhona enizobadedela noma enizoqinisa ngabo iqembu?
TS: Yebo, kukhona abadlali esizobadedela. Bakhona futhi esizoqinisa ngabo iqembu. Uma kukhona abadlali abaseqophelweni eliphezulu esikhohlwa wukuthi bangenza umehluko eqenjini, angeke siliyeke lelo thuba lokubasayinisa. Okwamanje ngeke sidalule amagama. Sizomemezela zonke izinhlelo zethu ngoNtulikazi.
ZS: Siyabonga ngesikhathi sakho.
TS: Kubonga mina ngethuba.