Now Reading
Akuqine umthetho weminyaka ku-ABC Motsepe League zibanjwe zisemaphuphu
Dark Light

Akuqine umthetho weminyaka ku-ABC Motsepe League zibanjwe zisemaphuphu

Omakadebebona ebholeni likanobhutshuzwayo abakhuze le nsambatheka eyenzeka ku-ABC Motsepe League bethi  nali ibhola lalapha eNingizimu Afrika lizokufa bo.

Okwenza ngisho la magama angenhla ingoba le ligi ngazi ukuthi ilapho okuvundululwa khona abadlali abancane abasuke befuna ukuzakhela igama bese bethola amadlelo aluhlaza ngokunyukela  esigabeni esiphezulu okungaba iDStv Premiership, iDStv Diski Challenge kanye neGladAfrika Championship kodwa akusenjalo manje. Sengibona kuyindawo yokugugela, nokuthi amakhehla ezozidlela imali emaqenjini akuyona i-ABC Mostepe League.

Ngenhlanhla nginalo ulwazi olukhulu ngezinto ezenzeka kulesi sigaba sale ligi, ngakho ubufakazi obuningi nginabo. Engifisa kukhuzwe ngomakadebebona ukuthi, amaqembu agijima kule ligi awayeke ukusayinisa amakhehla asehlulekile esigabeni esikhulu bese ezogugela khona. Iningi labadlali elidlale iminyaka ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) ligcwele ku-ABC Motsepe League, livimbela abadlali abancane amathuba nokuyinto okuyiyo ebulala ibhola kakhulu. Ngiyakuqonda ukuthi izikhulu zisuke zisebenzisa imali yazo, uma zisuke zisayinisa labadlali kodwa ungamsayinisa kanjani umdlali oneminyaka engaphezulu kweminyaka engama-30, ekubeni bekhona abadlali abancane abasanalo ikusasa.

Kubuhlungu uthi uhambele imidlalo ye-ABC Motsepe League kukhona abaqeqeshi bakuGladAfrica ababedlala kudala bazobuka ontangayabo bedlala. Abanye abadlali badlala nezingane abangazizala., Hhayi ngibona ukuthi impela awuqedwe lo mhlola owenzakalayo. Uma abadlali sebehlulekile ebholeni elisesigabeni esiphezulu, besanalo kodwa uthando abahambe beyodlala emakhehleni noma befundele ukuqeqesha okuyiyona into edlisile muva nje.

Le nto ayenzeki esifundazweni esisodwa nje kuphela kodwa isikapakele kuyona yonke iNingizimu Afrika. Iligi neligi ku-ABC Motsepe League inabadlali abangaphezulu kwabali-10 akade begijima ngaphansi kwePSL. Angiphathike esifundazweni iKwaZulu-Natal ilapho labadlali begcwele khona ngeke ngawabala ngamagama amaqembu kanye nabadlali kodwa bona bagcwele lapho ngibala nabaseke badlubha ijezi leBafana Bafana imbala. Le nto ingitshela ukuthi ingakho sisazoqhubeka sibe nenkinga yokubona abadlali abancane begijima ebholeni lakuleli elisezingeni eliphezulu ngoba abaqeqeshi njalo bahlezi befuna abadlali abakhulile asebenamava, bese uyazibuza ukuthi bahlulwe yini lapho abaphuma khona.

See Also

Ngikhuluma nje eqenjini lesizwe sike saba nenkinga yokuthi kungadlaliswa abadlali abancane ento yenziwa yikho lokho ukuthi akukholelwa kubona. UHugo Broos ongumqeqeshi wayo iBafana Bafana ufike noluhle uguquko lolu, lokuthi kunikwe abadlali abancane ithuba. Sesizokwazi ukubona abadlali abafana noThabo Cele odlala ePoland, uSphephelo Sithole osePortugal nabanye abaningi singaba nesikwati esiqine kabi sabadlali abancane uma nje kungakholelwa kubona kuyekelwe indaba yamakhehla.

Okunye okubuhlungu ukuthi njengoba iDStv Diski Challenge (DDC) isigcina kubadlali abaneminyaka engaphansi kwengama-21 sekunzima ukubonakala kwekhono iningi labo selifuhleleka ku-ABC Motsepe League nalapho okufike kube gcina ukuthi bedlale ngoba kugcwele amakhehla.

Scroll To Top