Now Reading
Kumvule amehlo uNjomane ukuthikamezeka emehlweni okwenze bavula inkampani
Dark Light

Kumvule amehlo uNjomane ukuthikamezeka emehlweni okwenze bavula inkampani

Ayamfimfa amathuba okuthi owayengunozinti we-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo usazophinde abonakale esemapalini.

Lokhu kucace ngesikhathi inkampani i90mins+  inesithangami sabezindaba, eBotanic Gardens, eThekwini ngoLwesibili emini bebade.

UMhlongo ekhuluma nabezindaba uthe: “Nginenkinga yamehlo, njengoba ngashawa ibhola lokho kudala ngingaboni kahle. Sengixhumane nodokotela abali-13, okubi ukuthi basho into efanayo okuwukuthi ngeke ngisaqhubeka nokudlala unobhutshuzwayo. Yize kunjalo kodwa ngisalinde imiphumela yokugcina, emva kwalokho ngizobe sengimemezela ngokusemthethweni ukuthi ngiyaqhubeka noma cha,” kusho uMhlongo.

UMhlongo ukugcina ukubonakala kwakhe ubesemabhukwini eMarumo Gallants, ugcine engahambanga kahle njengoba yanqamuka inkontileka yakhe imsola ngokungezi ejimini.

Uthe lolu daba likummeli wakhe, umatasa nalo ulikhuluma nePSL.

Kwenzeka lokhu nje uMhlongo nozakwabo u-Oupa “Ace” Manyisa abangabaphathi beMy Football CV, ngokuthi bathola uxhaso enkampinini ekhiqiza izakhamzimba ezisetshenziswa ngabadlali bemidlalo eyahlukene (90mins+).

Laba badlali bobabili abaseke bagijima kwEzimnyama, le nkampani bayisungule ezinyangeni ezintathu. UManyisa  noMhlongo baphinde bathulwa njengamanxusa e-90mins+ enamagatsha ali-16 emhlabeni.

IMy Football CV, i-App oyithola kuGoogle Store. Abadlali abafuna amaqembu bafaka imininingwane yabo yezokuxhumana namavidiyo kuyona.

“Ngenkampani yethu sifuna ukungena ezikoleni sisize ngayo yonke indlela. Okumnandi ukuthi i-90mins+ iyakwazi ukusinika amaphasela, izingubo nokunye ukuze siqhube umsebenzi wokusiza abantu abasha. Siyabonga kakhulu sizolifeza iphupho lethu lokutholela intsha amadlelo aluhlaza” kusho uMhlongo.

UManyisa uthe enkampanini yabo abayisungule ezinyangeni ezedlule, basebenzisana namaqembu ehlukene, abaqeqeshi nezinhloli zabadlali.

“Nakuba iMy Football CV isanda kufika kodwa isisize abadlali abaningi ngokwehlukana kwezigaba. Siyazi sonke ukuthi izinhloli zamakhono kazifinyeleli ezindaweni eziningi. Ezindaweni ezifana neKimberly, sagcina ngabadlali abafana Joseph Henyekane noJimmy Tau. I-90mins+ ifike ngesikhathi esifanele,“ kusho uManyisa.

“Uxhaso lwayo luzosisiza ukufinyelela kuzona zonke izindawo nokufeza iphupho lethu lokunika abafana abancane ithuba lokudlala ebholeni elikhokhelayo. Abadlali abatholwe ithimba lethu njengabanekhono sibabizela emakhempini ethu nasemiqhudelwaneni esiyenzayo. Sisebenzisana namaqembu, abaqeqeshi nabahlwaimakhono. Ukufika kwe-90mins+ kuzosisiza ekwakheni ubudlelwano nasemaqenjini aphesheya,” kubeka uManyisa.

See Also

Lo mdlali  uphinde waphawula ngokungabizwa kuka-Andile “AJ” Jali eqenjini lesizwe. Laba badlali badlala kwEzimnyama beshikisha esiswini ngokubambisana.

“Ngiyamjabulela kakhulu uJali, isikhathi sakhe lesi manje. Ukungabizwa kwakhe kuBafana Bafana ngeke ngaphawula ngakho kakhulu kodwa engingakusho ukuthi, kumele aqhubeke nokwenza kahle kwazi bani ngokulandelayo engabizwa. UJali ungumdlali omkhulu, kakhulu,” usho kanje uManyisa.

USimon Ramosoeu oyisikhulu esiphezulu se-90mins+, uthe bakhethe ukuzothulela eThekwini, inkampani yabo ngenxa yokuzwelana nabantu bakhona abahlukumezwe yizikhukhula. “Simatasa nokubheka nokuthola ukuthi abantu bahlukumezeke kangakanani? Sizofaka isandla kulabo abahlukumezekile.

“Sizele ukuzoguqula impilo yabadlali eNingizimu Afrika. Ngibile umdlali, ngilwazi kahle usizi lokungabi naso isikhathi sokupheka ekubeni uzoya ejimini. Imikhiqizo yethu izobasiza nasekutheni bangadliswa ukudla okungafanele uma bedlalela ngaphandle kwakuleli. Bazokwazi ukuziphathela imikhiqizo ye-90mins+,” kubeka uRamosoeu oveze ukuthi bazosebenzisana neMy Football CV iminyaka elishumi.

Imikhiqizo ye-90mins+ ihlanganisa iziphuzo, amanzi anempilo, iphalishi. Le nkampani iphinde yakhe izimpahla zemidlalo ehlukahlukene.

Scroll To Top