Now Reading
Ulinde wagcina ewuthathile umkhonto kuBaxter uNtshosho
Dark Light

Ulinde wagcina ewuthathile umkhonto kuBaxter uNtshosho

NgoLwesine ekuseni bekubhekwe ngabovu ukuthi iKaizer Chiefs izothatha siphi isinqumo ngo-Arthur “10111” Zwane. 

Isinqumo esithathwe abaphathi beChiefs, kube ukuthi uNsele kaLinda Mkhonto (oZwane) kube nguyena ozohlomisa abafana basePhefeni iminyaka emithathu ngokubambisana noDillon Sheppard. 

Lesi sinqumo esenziwe iChiefs ngokukhipha ingqwele egcekeni sibe ngesihle kakhulu, kunokuthi ilokhu ilanda abaDeshi namaNkinsimane aphesheya azodla imali bese eyahamba.

Okwenza ngisincome lesi sinqumo ukuthi uZwane uliqonda kangcono leli qembu. Waba umdlali iminyaka eminingi wayizwa ingcindezi yabalandeli, waba ngumqeqeshi weqembu eligijima kuDStv Diski Challenge lenza kahle kakhulu. Angingabazi ukuthi nakanjani kwelikhulu uzokwenza kahle. 

Ekwenzeni kwakhe kahle kulele ezikhulwini zaleli qembu. Okumele kwenziwe ileli qembu ukuthi lizihloniphe izimfuno zalo mqeqeshi ngokuthi limthengele abadlali abasezingeni. Kujwayelekile ukuthi uma kuvalwe iwindi iChiefs kube yiyo egcwala ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi ifuna bani noma isisayinise bani kodwa lokho kugcina kungenzeki. Sekumele lokho kuphele angingabazi uma engalandelwa abadlali abahlanu noma abayisithupha uZwane abafunayo engazibuyisa izinsuku zenjabulo kuleli qembu. 

Okuhle ukuthi uyalazi leli qembu, lokho kusho ukuthi abadlali angabadingi uzobaxosha impela. IChiefs vele ibidume ngokudlala ngabafana abancane abadabuka eSoweto, ayi indaba yamakhehla.

Kuyangichaza ukuthi iChiefs, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns baqeqeshwa abaqeqeshi balapho lokhu kusho lukhulu. 

Ngiyafisa ukuthi iPirates imgcine uMandla Ncikazi, noma mayiqasha umqeqeshi kube ukuthi iqasha owalapha ekhaya okungaba uBenni McCarthy. 

See Also

UZwane nakanjani ngesizini ezayo uzobe esembangweni kanye neSundowns kuyona yonke iminxa yemiqhudelwano. 

UPep Guardiola wayeqeqesha iFC Barcelona B, wasuka lapho waqeqesha iqembu elikhulu wafike wanqoba iligi yeSpanish La Liga kathathu kulandelana wanqobe ne-UEFA Champions League kabili. Wenza lokhu nje wayengumdlali wayo abadlali abaningi wayebazi njengoba ayebaqeqesha eqenjini elincane. Kuyimanje usengumqeqeshi ohamba phambili emhlabeni, akekho ofika kuye iManchester City yase-England ingompetha be-English Premier League (EPL) kungenxa yamagalelo akhe.

UZinedine Zidane wabe engumdlali weReal Madrid, yamqasha engenawo amava wanqoba nayo umqhudelwano we-UEFA Champions League  ayi kanye kodwa kathathu kulandelana. IBarcelona kuyimanje yenza kahle iqeqeshwa uXavi Hernández owazakhela igama kuleli qembu eminyakeni edlule. Ngesizini ezayo iFC Barcelona izobe iphungwa ngezithebe kuligi naku-UEFA Champions League.

Ngiyambongela uLinda kaMkhonto, namanje ngisamile kwelokuthi uzokuba nesizini enhle abaphathi beziMpofana angeke bazisola ngesinqumo sabo sokumqasha.

Scroll To Top