IMeya izohlonipha uJininindi Omnyama ngokugabavula kwezinjomane
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMeya yesifunda iKing Cetshwayo District Municipality, uThami Ntuli ithembisa indumezulu yomjaho wamahhashi obizwa ngokuthi iKing Cetshwayo June.
UNtuli ubekhuluma ngoLwesihlanu olwedlule, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni lo mjaho ozokuba mhla zingama 24 nangomhla zingama-25 kuNhlangulana. Kuzobe kungokokuqala lo mjaho uba khona, kwenzeka lokhu nje uNtuli uyena obejwayele ukuba phambili kobizwa ngokuthi Inkandla May.
Ubalulile ukuthi isazoba khona Inkandla May, yize sekukhona iKing Cetshwayo June.
Ngokusho kukaNtuli uthe lo mjaho bawubekele eceleni izigidi ezi-R2.5, uthe bahlose ukuhlonipha ISILO sasoNdini, ISILO uCetshwayo, okuqanjwe ngaso isifunda. Kulindeleke ukuthi uhehe izinkumbi zabantu futhi ufukule umnotho waseKing Cetshwayo. Uzohambisana nomqhudelwano wonobuhle, ingqephu nedili lomculo. Ihhashi elizodla umhlanganiso lizogoduka nezinkulungwane ezili-R100.
IMeya iphinde yabalula ukuthi lo mjaho uzohlomulisa abantu abasemazingeni ahlukene empilo okubalwa abezitolo, abezindawo zokulala, nosomabhizinisi abancane abadayisa ematafuleni emigwaqweni.
“Uma ngikhuluma ngalezi zinto engizibalile, ngibona zincane ngempela izigidi ezi-R2,5. Kodwa ngethemba ukuthi osomabhizinisi bendawo nabo bazolekelela, ukuthi lo mjaho ube seqophelweni eliphezulu ngendlela esifisa ngayo. Ngalo mjaho sifuna kuzuze abantu abaningi futhi sibheke ukuthi iKing Cetshwayo yenze imali engaphezulu kwezigidi ezingama-R30,” kusho uNtuli.
Okunye okuvezwe uNtuli ukuthi lo mjaho uzohanjelwa osaziwayo abaseqophelweni eliphezulu, abaculi abazobe beshiyelana inkundla nabaculi bendawo. Kophinde kukhangiswe nenqephu, labo abathungayo bayothola ithuba lokudayisa izimpahla zabo.
“Asigcinanga ngalokhu esikwenzayo siyafuna ukuba sisabalale kuyona yonke iminxa yezemidlalo. Ngoba inhloso enkulu sifuna ukuba abantu behlanganele lapha ukuze kuzothuthukisa indawo yethu. Ingakho sihlele ukuhlonipha u-Elijiah “Tap Tap” Makhathini ngendumezulu yesibhakela. Singagcini lapho sihloniphe noMntwana uMagogo, ngendumezulu okuzobe kukhona abaculi abacula umculo wakhe” kubeka uNtuli.
Emasontweni edlule iRichards Bay FC inqobe isicoco seGladAfrica Championship. UNtuli njengeMeya ephawula ngodaba lokunyuka kwaleli qembu uthe uyafisa ukuba lesekwe ngokwanele ukuze lizokwenza kahle kuDStv Premiership. “UMnyango Wezemidlalo Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal, oholwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela awungagcini ngokukhuluma ukuthi uzoyinika malini iNatal Rich Boyz (iRichards Bay FC). Thina ngasohlangothini lwethu siyibekele imali eyizigidi ezi-R2, ukuze iqale amalungiselelo esizini ezayo sixoxile noJomo Biyela onguSihlalo wayo. Okungikhathazayo wukuthi uMnyango wathi kufanele kubanjiswane kodwa awubange usagagula ukuthi kuzobanjiswana ngamalini. Makube khona imali egagulwayo ngoba nami sengikugagulile okuncane. UMhlathuze inkulu imali ozoyifaka. NoMnyango kufanele ugagule, ungagcini ngokuzibophezela ukuthi kuzokwenzekani, nokuthi kwake kwenzekani. Awugagule ukuthi usizo loMnyango lungakanani. Siyolushayela ihlombe usizo eziyoluthola eMnyangweni,” kusho uNtuli.
Okunye okuvelile ukuthi kuzolungiswa inkundla iMhlathuze Sport Complex, ukuze iRichards Bay FC izokwazi ukusebenzisa le nkundla emidlalweni yasekhaya. Ngesizini edlule imidlalo yasekhaya ibiyidlalela eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

