Now Reading
Kuwubulwane ukukhipha umsila kumuntu, kuwubuntu ukukhothana amanxeba kwezilwane
Dark Light

Kuwubulwane ukukhipha umsila kumuntu, kuwubuntu ukukhothana amanxeba kwezilwane


Ngamanga ukuthi umuntu akanamsila, bayawazisa oweveli


Zisuke zingayikhothi amanxeba wena owabona inja ikhotha enye amanxeba ngoba isifuna aphole, kepha ikade ilunywe yiyo. Lapho kwayona inja isuke isizisola ngekwenzile, isibona ukuthi akuchumisi isisa sakonja. Kangakanani-ke ngomuntu? Uma izilwane zikwazi ukuthi ngomquba nje, zemukelane, zikhothane ngomusa nesisa, hhayi ngobulwane bakubo ngoba kuwubuzone, kangakanani ngomuntu nobuntu? Kangakani ngezilwane zingasebenzisi ubulwane kuzona zizodwa, kepha umuntu abuthole ubulwane bemukelekile, bumfanele bmunye umuntu ofana naye? Kuchumisa ubuntu noma ubulwane lokho? Ubani ngempela oyisilwane phakathi kofikayo nomdala? Ubani ophethe ubulwane phakathi kwabo bobabili? Ubulwane ngobesilwane. Iqiniso ukuthi kwazona izilwane ziyazikhipha ziqhela kude le ebulwaneni obungenasisa nasihawu ngoba abakhi, abunambuyiselo, kuphela buvukuza uhlevane, uhlalwana neziqu zamehlo.

Umkhuba ofuze lona mningi ezikoleni ikakhulukazi. Yebo ukhona nasemakhaya nasemsebenzini nasezindaweni namanye amazwe. lndawo ngempela edla ubhedu yizikole ezinkulu ikakhulukazi lezo ezinezindawo zokuhlala ngaphakathi esikoleni. Uchumile lo mkhuba futhi uyahlakulelwa ngokuthi umuntu uma enganyukwanga efika, wejwayela kabi, eyise noma engazi lutho. Bethi umuntu umele ukukuzwa ukuba ngumsila, yisilwane nobhosho ngoba uma engahlushwayo akahlahlambi. Uba yisinokwe, umthithimbili, kwande inkungu. Buphi ubuqiniso lapho? lngani sinezinkubela ngokwenyama, ngokwengqondo, nangokomphefumulo nanamuhla? Abantu bequlwa, bebhonywa, bebhoklwa ngayo yonke indlela beze bekhonye, babhongise okwezinkunzi, bequme begqume. Abantu bephuma ngamafasitela ebusuku, kokunye phezulu ezitezi, lapho kunezitezi khona, bethi bayazisindisa, kanti bayofika kwamhlaba, bhakla, fahla ithambo. Befike ephukile esezinhlungwini zeminjunju enjalo, bafike bambhokloze kukhale ubumaye! Maye!

Esikhathini esiningi lokhu kuchumisa ubutha phakathi kwabo, ngoba omunye akalibali ukuthi unjena nje kungenxa kabani. Uthi njalo uma ezibuka ingozi, ithambo eligobile ngokwephuka, asho athi ngalimala endaweni ethile lapha, ngilinyazwa ngabafowethu obani, nobani nobani. Ngisho mhla behlangana, ahlengezele izinyembezi emehlweni, zigcwale amehlo, ziqathake uma zimgabhile. Kuthi fithifithi, gumbeqe, mbo emehlweni. Uyothuka esesilahlile isikhova; ushwathi. Kuthiwe yini, yini? Kanti kuvuka okudala kumenziwa, umenzi akasazelele; kakade uyakhohlwa phela. Sinabantu abanquma ukusishiya udu isikole uma kubiza ukuthi ukufunda kwabo kubiza impilo yabo. Abenzi bayaye bethi uma wehlulekile ukumela leyo nhlupheko nesivivinyo, awundoda noma awubi yindoda. Qinisela; akuqali, akugcini futhi ngawe.

Abanye njalo bagcina bengaqhubekanga unomphelo nemfundo yabo ngoba nje ebengekumele ukuvivinywa nokulingwa yinto engelutho. Ingani ukuthi uyishefa lakwenu, usukelwe yinjejane, uyamazi umfana omncane, ethi: “Msila!” Uthi uyabheka, uphelelwe ngamandla ukuthi khona sekuthiwa ngibeka isandla lapha kungathiwa ngishayeni? Kuqhubeke kuthi: “Hhawu! Uyajoqa yini Msila?” Kusho kukugcwalisa ngesandla ebusweni. Kwalani ukuba uyishefa unjalo, usukelwe yihtombazane, ikukhe ngalo loMsila? Uthi uyagcwala, ikushode eduze. Ubone ukuthi kungasa ngifile. Intombazane ingehle ngaphezulu· kanje? Uyothuka usuyivuse phansi ngembibizane. Kube usuluthezile olunenkume, ulibelethe ilahle emhlane, ngamanzi nje owagolelwe yintombazane yawafaka endlini.

Akukhuthezeki lokhu ebantwini bephila. Kanjalo nobutha abamukeleki. Eyamadoda iyedlula. Abantu bayaxabana babuye baxolelane. Eqinisweni kusuke kungaxatshenwe. Kuphela kwejwayelwana ngezindlela ezehlukene, kepha sengathi zingahlungwa zichumise ubuntu nozwano. Nanokwazi nje ukuthi uma ungumuntu kumele ulindele izingqinamba ezahlukehlukene, ezinhle nezimbi; ezilula nezilukhumi. lndfela ebheke empumelelweni yedlula ehlathini elimnyama, elinezimbube nezilo nezimpisi namankentshane. Ukuqombola intaba, kubiza ukuqimfoza, uhlatshwe ngamatshe, ushelele, uhuzuke, uhluzuke, ugingqikelwe ngamadwala asho ukukwenza isilo sengubo, ukuze uthi usuzikhotha amanxeba esicongweni sentaba, ubuka indlela yomnqamulezo, bese kwanda inkazimulo.

Into nendlela enjalo yenza ukuba uhlale uyazisa njalo, wazise neyikho kungabi ukuzazisa, nokuzidla nokuzikhukhumeza. Kuncomeka isibili ukuthi indlela elukhuni ohlangabezane nayo rriahlanze noma ungazelele, ingazaleli ichamusele enhliziyweni yakho. Ingakwenzi ube nenhliziyo yetshe, inhliziyo elukhuni sengathi wadla uthi. Kepha kwande ukuthi ufisele omunye okuhle, ukuthi okwangehlela sengathi kungemehlele. Umuntu umazisa kabi owamemukela efika endaweni.

Ngamanga ukuthi umuntu akanamsila. Ingani nansi iveli. Abantu bawazisa kabi umsila weveli. Sebezothi: “Ubulapha nje, ulaphaya!” Besho bekhomba. “Wayekwa dade! Wendlalwa! Wavele wagcwala umhubhe wonke. Izimpelesi ziphoqekile ukuba zibe le, ngendlela umsila wakhe obuyiyo”.

Nomakoti bayazi ukuthi into ethatha amehlo abantu evelini, ngumsila; uma eseyandlazela, engena noma ephuma. Sekuzothiwa: “Uyekeni! Uyekeni ningawubambi! Yusuku lwawo vele namuhla noma ungangcola, uyawashwa!” Bese bewuyeka. Iqhobonyeke, ishayele phezulu imakwabo. Ngisho isixoxa, ngisho isizibuka ezithombeni nakumabonwakude, ithi ukuwubuka qede umsila wayo, ithi: “Kuyothatha iminyaka ukuba kube khona oyosondela.’? Ngisho izingane zabo zihlale zithi nje: “Umsila kamama! Uyawazi kodwa? Uyawubona?” Zihlabekisa abangani ngokuzihlaba umxhwele.

Imfihlakalo eyesabekayo ngeyesisila kumuntu. Bathi abantu: “Hha! Kwasiphinda! Besithini-ke? Niyamuzwa ukuthi usethini? Umuntu unesisila uyinyoni yini? Unesisila uyinhlanzi yini? Ngaphandle uma esedingida omunye umunxa, hhayi lona ebesikuwo.” Phela isisila asebekuso bona yishwa noma yibhadi. Cha ngisekuso nje isisila qha hhayi eseshwa kodwa somuntu. Yimfihlakalo kaSomandla lena engaphezu kokuqonda komuntu ukuba umuntu, muntu, muntu abe nesisila. Futhi kushiwo umuntu, intombi emhlophe qwa, esho ngezimashoba ekhanda. Yona iphila esabelweni sayo yodwa hhayi lesi somuntu wonke.

See Also

Mhla uMdali eqoqela amanzi nganhlanye, omisa umhlaba, emisa umuntu phezu komhlaba owomileyo, yona wabe eseyibusisa ngempilo yaphansi kwamanzi. lphofukazi lishwibeka phansi kwamanzi olwandle kanye nezilwane zamanzi. Lisho ngesisila salo esithi ncamashi kwesezinhlanzi. Ligwedla ngaso, lizijikise ngaso njengezihlanzi zonke. Ngenhla umuntu phaqa, kwesingezansi, yinhlanzi. Uphila phi nayo yonke inhlobo yemfuyo, yisilwane sasolwandle ngenkululeko nokunethezeka okumangalisayo. Ngumuntu-nhlanzi lona osimele kwamanzi. Yinxusa leli lesintu olwandle nezinzulu zalo. Kusobala, umuntu akaphili emhlabeni kuphela.

Izimfihlakalo zinamazinga aya ngokuya ejiya. Buka abaphansi, emfihlakalweni yabo, bagiya ngeshoba lenyamazane emhlwenga, inkonkoni empondo zimakopela. Ingani bagiya ngeshoba lenkonkoni abaphansi? Futhi uma sezike zakusikaza ngalo hlanza ngedela, sale usuzikhalela ngoba alibe lisathethwa. Lisazothethwani, selinqunyiwe? Awubhulwa ngumngoma, ubhulwa ngabaphansi ngesandla sakhe. Nguyena bani-ke ongameLa abaphansi, aqagulisane nabo noma azihlangule. AmaNgisi abazi kahle hie, awabezwa ngendaba okwemishado yonina. UJininindi omnyama ubagojela, ebabholokoqa eSandlwana nje, kudala zakhanya izindlela. Zikhanyiswa ngu-Mwelase owangena ngeshoba kwaMalandela, ngoba wangena ngeshoba lenkonkoni.

Ngubani kanti owaphehla ubulawu bukaZitho zimagwegwe ngokugwegwa abakayise? Kukubi inyathela inandinga yabantwana! Wabuphehla kucwebile kugcwiliza ubucwayicwayi, gcwili, gcwili, nya kithi kwa-Mthaniya. Mangethe lowo ngoMonna, owayekhonzile ezokhonzela inxiwa kwaMalandela. Lalishaya lama mpo, wena nabona uNdi noKhahlamba igwebu yobulawu, iwaba lezinkomo zakwaMshweshwe. Lalishaya lakhephuka lakhephuzela okwekhaba elimnyama kepha lona lazihlabathi zolwandle. Yagcula yagculiseka iMbube yasoNdini ukuthi liphenyile phambili, nampo sebefakazile oyisemkhulu. Zaye seziyizeke ingcaca izinyandezulu nezibangamlotha. Yafika yahlamba ngezingazi zamadoda iNhlambamasoka. 

Yimfihlakalo elele eshobeni lenkonkoni, yokwazi okwangale usengapha. Ubuye nakho uzokutolikela abangapha ngononina, qede bacobelele emadoshini abo bantongele, kuthi dwe, kuthi nwi, kuthi bha ngisho emkhawulweni ngisho ebukhweni bezingcanga. Unomsila noma unesisila noma uneshoba noma unomshoba? Usunawo? Yeswela umsila ngokulayezela! Umafika kuqala wemvakwezinye: Zimashoba ziziyephu ziyayephuzela!

  • Lombhalo ucashunwe ebhukwini likaSolwazi uKhumalo ‘Inyoni kayiphumuli (1996)
Scroll To Top