Siphuka amagatsha sixebuka namagxolo isihlahla soBukhosi babeNguni muva nje



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
- IZinyandezulu ziqale zephula imithi phesheya koMzimvubu
- KwaZulu kuwe ISILO nezihlangu zoBukhosi
Ukuhamba koseSihlalweni kubeNguni akuyona into ebukwa njengesiphetho. Kusikonkolo lwabeNguni endulo kuze kube yinamuhla kwabe kwamukeleka ukuthi oSesihlalweni kafi kepha uyebuza, usuka kulo mzimba esiwujwayele angene komunye, ukuze ulibo neSihlalo lesi siqhubeke.
Nokho muva nje sekukhona ukukhala nokusola ngendlela lokhu kokwebuza kwaMakhosi abeNguni. Okubukeka kudala uvalo kuvusa namehlo wukulandelana kwawo kanjalo nabanye ezinhlakeni zoBukhosi okuyizinduna.
Okwakamuva nje kube ngokukhulu okuvelele umuzi kaFaku kaNgqungqushe emaMpondweni ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi iKumkani uZanozuko Tyelovuyo Sigcau seyiguqile. Kwabaningi amaphaphu aqale ukuphakama uma izivakashi eziyiZinyandezulu zivakasheshela amakhanda ezizwe ngale phesheya koMzimvubu. Lapha zibuye neKumkani yabeNguni bakaXhosa ekoMkhulu lesizwe eNqadu, kuGatyana, e-Eastern Cape. Lapha abavakashi bafika balanda iNkosana yeNdlu kaPhalo, iKumkani uMpendulo Zwelonke Calvin Sigcawu.
IkuMkani yabe izalwa yiKumkani endala uXolilizwe kaZwelidumile, kaMpisekhaya, kaGwebinkumbi, kaSigcawu, kaSarili, kaHintsa, kaKhawuta kaGcaleka kaPhalo. Kuthe kusenjalo base bewelela nje ngaphesheya emzini kaRharhabe lapho zisondeze kuzo iNdlovukazi uNoloyiso kaBhekuzulu esizweni samaRharhabe.
Kuthe lapho kusabatshazwa lokhu kwase kuhambela endlini kaZulu nayilapho kwebuze khona iSILO samabandla onke. Lapha kweleNdlovukazi uMthaniya ukwebuza kweSILO kundlalelwe wukuwa kwezihlangu zoBukhosi okungaMakhosi ezizwe, aBantwana baseNdlunkulu nezinduna. Lokhu akumile njengoba kuleli sonto kubikwe ngokuwa kwesihlangu seSILO kwaSithole eQhudeni.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sesilahlekelwe ngaMakhosi ezizwe amaningana, phakathi kwawo kukhona eyakwaNtanzi (uMgungundlovu), eyakwaMkhize (eMbo eThekwini), eyakwaMkhize (eSimahleni eThekwini) eyakwaMbatha (eZululand) eyakwaMkhize (eMgungundlovu) eyakwaMncube (eMzinyathi) eyakwaBiyela (KwaSanguye, eKing Cetshwayo) eyakwaBiyela (kwaMpukane, eKing Cetshwayo), eyakwaSimelane (eZululand), eyakwaNxumalo (oThukela) neNkosi uMsingaphansi (eHarry Gwala). Khona lapho ziwile nezinduna zaMakhosi.
Ezinyangeni ezedlule elaboHlanga lukhulume nobuholi bezinduna KwaZulu-Natal nobaveza loluhlu olulandelayo ngezinduna ezisenhlabathini:
Esifundeni uMgungundlovu
- iNduna uMthethwa eMkhandlwini wakwaManyavu
- iNduna uNgcobo eMkhandlwini wakwaMpumuza
- iNduna uDlomo eMkhandlwini wakwaNxamalala
- iNduna uS Mdluli eMkhandlwini wakwaManyavu
- iNduna uK Mdluli eMkhandlwini wakwaManyavu
- iNduna uNgubane eMkhandlwini wakwaManyavu
- iNduna uDoris Sbongile eMkhandlwini wakwaMbandlwa
Esifundeni uMkhanyakude
- iNduna uP Mkhwanazi eMkhandlwini wakwaMpukunyoni
- INduna uPrince Hlabisa eMkhandlwini wakwaHlabisa
Esifundeni iKing Cetshwayo
- iNduna uM Ndlovu eMkhandlwini wasOphindweni
- iNduna uJZ Ngwenya eMkhandlwini wakwaMpungose
- iNduna uTS Sithole eMkhandlwini waseQhudeni
Esifundeni eThekwini
- iNduna uB Ndlovu eMkhandlwini wakwaMaphumulo
Esifundeni iZululand
- iNduna uBrian Thabede eMkhandlwini wasoSuthu
- iNduna uMkhonza eMkhandlwini wasoThaka
- iNduna uT L Cebekhulu eMkhandlwini wakwaMandlakazi
Esifundeni uThukela
- iNduna uM Xaba eMkhandlwini wa-Amangwane
- iNduna uS Ndlovu eMkhandlwini wa-Amangwane
- iNduna uS Kubheka eMkhandlwini wa-Amangwe
- iNduna uM.S Dlungwane eMkhandlwini wa-Abambo
- iNduna uSS Hlongwane eMkhandlwini wakwaSithole
Esifundeni Ugu
- iNduna uP Ngcobo eMkhandlwini wakwaNyavini
Lesi akusona isithombe esiphelele njengoba zikhona izinduna ezihambe nje ngokwemvelo ezingaqoshwanga. Enye nje induna engaqoshwanga nguMdidiyeli uMgiliji okwaba nesililo esikhulu ukwedlula kwayo.
Isililo ngokuhamba kwaMakhosi nezinduna wukulahleka kolwazi olunzulu nokungelula ukuba kuqoqeke ngokushesha uma labo abebephathiswe bona bengasekho.