Now Reading
Acabe indlela amaMelikana ngabesifazane bakanobhutshuzwayo
Dark Light

Acabe indlela amaMelikana ngabesifazane bakanobhutshuzwayo

Ingijabulisile into eyenziwe izwe i-USA ukuthi abesifazane nabesilisa eqenjini lesizwe likanobhutshuzwayo kumele bathole inkece elinganayo, lapho kubalwa nemidlalo yomqhudelwano iNdebe YoMhlaba.Lokho kusho ukuthi abesifazane bakanobhutshuzwayo bakuleliya lizwe bazofa inkece njengoba behlezi benza ezibukwayo, kuyona yonke imiqhudelwano.

Okwenziwe ileliya lizwe ngikubona kuyisifundo kubaphathi bakanobhutshuzwayo bakuleli, ukuthi nabo abathathe isinqumo esifanayo. Abadlali beBanyana Banyana nabeBafana Bafana kube ukuthi bathola imali elinganayo.

Lokho ngikubona kuzowakhuthaza kakhulu amantombazane akuleli ukuthi enze kahle uma ebhekene namanye amazwe. Owayengumdlali wayo iBanyana Banyana uPortia Modise udalule into ekade isimudle ngaphakathi iminyaka, eyokuthi wayehola imali elinganiselwa ku-R3 500 ekubeni abesilisa bona babehola u-R50 000 ngalezo zikhathi.

Lokhu ngikubona kungawenzi umqondo ngoba kwakumele bethole imali noma ingasafani kodwa umehluko awube mncane. UPortia wayehola leyo mali nje wayesematheni elihlohlela izwe amagoli, kodwa ehlala endlini ewumkhukhu.

Umbuzo uthi ubuhlungu nje lobo ukubona umdlali enidlala naye eqenjini ehamba ngohlobo lwemoto alufunayo, ehlala endlini yanokusho kodwa wena uhlala emkhukhwini ngenhla yokuthi yena ungowesilisa.

Kwangiphatha kabi ukubona uVeronica Phewa naye owayegila izimanga kanye noPortia esebenza kwesinye sezitolo ePinetown. Uma ungamazi wawungeke usho ukuthi wake wagijima eqenjini lesizwe iminyaka eminingi.

Ngiyafisa ukuthi impela abadlali bahole imali elinganayo, nasekusakazweni imidlalo yabesifazane kube ukuthi abesilisa abayisakazayo. Ngempelasonto kudlala umdlalo weHollwoodbets Super League we-UWC neJVW FC umsakazi wesilisa ubelokhu enza amaphutha elinye lalo ubelokhu ethi iJWC esikhundleni sokuthi iJVW FC.

See Also

Lokhu ngohlezi ngikusho, uma kuziwa kwezemidlalo akekho owesifazane nowesilisa wonke umuntu uyalingana. Lapha eNingizimu Afrika usuku nosuku kufuze ingabe kugujwa usuku lwabesifazane, kungabi ukuthi lugujwa mhla ziyisi-9 kuNcwaba kuphela. Abantu besifazane iningi indima abayilimayo, ingakho bedinga ukubongwa nsuku zaphuma.

Ngeke ngaqamba amanga kodwa kuyangijabulisa ukuthi sineligi yabesifazane ebizwa ngokuthi iHollywoodbets Super League, ebuye isakazwe kumabonakude. Yakhiqiza abadlali  okubalwa u-Ode Fulutudilu weGlascow City yaseScotland, uRefiloe Jane we-AC Milan Italy, uKeslo Peskin weStade Brestois yaseFrance noThembi Kgatlana we-Atletico Madrid. Kuzo kwezikanobhutshuzwayo intokazi u-Akhona Makamila ingunompempe wokuqala wesifazane odlalisa esigabeni esikhulu lapha eNingizimu Afrika udlalisa ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL). Umsebenzi wakhe uwenza kahle kakhulu, nginethemba lokuthi uzovulela abesifazane abaningi amathuba.

Lokhu okungenhla angisho ukuthi akube wuguquko olwenziwa lapha eNingizimu Afrika kodwa namanye amazwe awenze okufanayo. I-US ibe yisibonelo esihle, idinga ukushayelwa ihlombe impela.

Scroll To Top