Zidlana imilala: AmaMelikana azoninda onke amazwe empini yobuqhude bezomnotho
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Emveni kokuhlomisa i-Ukraine isizohlomisa iTaiwan. Umnotho waseChina uzokwedlula owase-US ngowezi-2025
Kongoti bepolitiki yesimomazwe kukhona ukuvumelana ukuthi umhlaba ungene esigabeni esinzima nesikhomba ukucija kwemikhonto phakathi kwamazwe ehlukene. Okunye okusobala ngalesi simo wukuthinteka kweminotho yamazwe nokubangelwa wukukhuphuka kukawoyela nokunabele nasemananini okudla. Isimo lesi senziwe sanzima wukungqubuzana okukhona nokuthinta iRussia kanye ne-Ukraine namachaphazelo akho athinte amanye amazwe. Namuhla isimomazwe sesiguquke kakhulu kunaleso okwabe kuyiso eminyakeni emibili eyedlule nayilapho injolozela yamazwe omhlaba kwabe kuyimizamo yokulwisana nokhuvethe olwabe lugabavula. Lobu bunye bamazwe kwakugqame kakhulu ngesikhathi izinhlaka zamazwe njenge-United Nations (UN), i-European Union (EU) ne-African Union (AU) zibambisana kokuningi.
Nokho muva lobu bunye abusabonwa njengoba amazwe omhlaba asephoqeleke ukuba athathe izinhlangothi phakathi kwalawo aseka i-Ukraine naseka iRussia. Abasolwa ngokuba ngobhongoza kulokhu kwehlukana phakathi kwamazwe yi-United State of America (USA). Kulabo abasola i-USA banombono wokuthi iyizimbila ezinyathela ngamanyikwe amabili, ithi ilamula noma isola kepha ibe ibhedla impi ngemuva. Lezi zinsolo zigcwaliseke ekuqaleni kwesonto ngesikhathi uMengameli wase-USA uBiden ehambele eJapan nayilapho ethule khona uhlelo lwamazwe ali-12 angaphansi kwezwekazi elaziwa nge-Indo-Asia. Akuyona imfihlo ukuthi lesi sivumelwano sinenhloso eyodwa vo, leyo yokugudluza nokunqinda iChina njengezwe eliyisikhondlakhondla kwezomnotho kulesi sifunda nasemhlabeni jikelele.
Lokhu kufakazelwe nguMnu uJake Sullivan ongumeluleki wezokuphepha e-USA nothe lesi sivumelwano esaziwa ngokuthi yi-Indo-Pacific Economic Agreement sihlose ukuba amazwe akhiqiza umnotho olinganiselwa kumaphesenti angama-40 emhlabeni agqishe ngaku-USA. Uthe emazweni alindeleke ukuba abe yingxenye kubalwa iJapan, i-Australia, iNew Zealand neSouth Korea. Khona lapho amazwe afana ne-India, iSingapore, iMalaysia, i-Indonesia, iVietnam, iPhillipines, iThailand neBrunei. Ophethe ezohwebo e-USA uNkk uGina Ramondo uthe lesi sivunelwano singesimqoka “ekuqinisekiseni uholo lwe-USA kwezomnotho kulesiya sifunda nokuyinto ezokwenza ukuthi amazwe anyomuke kuChina”. AmaMelikana ngalesi sivumelwano azama ukuhlakaza leso esikhona esenziwe kulesiya sifunda nesaziwa ngeleRegional Comprehensive Economic Partnership (RCEP). Lesi sivumelwano sona senziwe ngamazwe ali-15 okuhlanganisa iChina, iJapan neSouth Korea.
Okuvuse amehlo kubantu bomhlaba namazwe kube wukuphawula kwakamuva kukaBiden lapho eqinisekisa ukuthi nakanjani i-USA iyohloma ivikela iTaiwan uma iChina yenza okuthile kuyo. La magama athathwe ngongoti njengento yokuqinisekisa amazwe afana noJapan, iTaiwan neSouth Korea ukuthi angesabi ulaka lweChina ngoba i-USA iyowavikela. Nokho abanye ongoti bakuthathe lokhu njengomlilo nje wamaphepha njengoba kuze kube yinamuhla ingekho inqubomgomo eyehlukile e-USA negxamalazile uma kufikwa ekuzimeleni kweTaiwan kanye nobudlelwano neChina.
AmaShayina ngomlomo kaMnu uWang Wenbin axwayise noma ngubani ukuthi “angathathi kancane intshisekelo yawo ekuvikeleni ukuzimela kwawo”. Phambilini elaboHlanga like labika ngalokho elakubiza njengomgoga okungenzeka ukuthi izwe elifana ne-USA lingena kuwo uma kufika kupolitiki yesimomazwe kanjalo nakwenzempi. ElaboHlanga laveza ukuthi iqhingasu lezitha nezimbangi ze-USA wukuba iphindele odakeni lwezimpi eziba kumazwekazi ehlukene nokuzodla ephaketheni kuwo kwazise impi lena.
Okubangwayo
Okusobala kulo mnyakazo wakamuva wukuthi amaMelikana akhathazekile ngokwenzekalayo emnothweni wamazwe noveza ukuthi kungekudala angahle abe ngaphansi kwezimbangi zawo ezinkulu iChina. Umnotho waseChina usuwonke ngowezi-2020 beweva kusigidintathu oli-$15.92, futhi ucwaningo lwenkampani i-IHS Markit iqagula ukuthi ufinyelele kusigidintathu oli-$18 nyakenye ngokukhula kwempahla ekhiqizwa ithunyelwe kwamanye amazwe kanye nokukhula kwemali yamaphrojekthi amasha. Kanti embikweni wakamuva wabeCentre for Economics and Business Research (CEBR) uhlonza ukuthi kungekudala amaShayina azoyiginga i-USA, lesi sikhungo sithi embikweni waso: “Sekunesikhathi, indikimba ephelele yezomnotho womhlaba kube wumdonsiswano phakathi kweChina ne-USA ibe wumnotho nokukhetha abathile,” kusho umbiko. IChina izokhula ngokomnotho ngama-5.7% ngonyaka kusukela kowezi-2021kuya kowezi-2025 kanti i-USA ingahle yehlelwe ngumnotho ngama-1.9% ngonyaka kusuka kowezi-2022 kuya kowezi-24,” kusho lo mbiko.
Lesi sithombe kubukeka singayiphathi kahle i-USA nokubonakala kancane kancane isemkhankasweni wokuba siguquke. Enye indlela yokwenza lokho wukuba kube nokucija kwemikhonto phakathi kwamazwe nokungaholela ekutheni amanye amazwe akhethiswe izinhlangothi njengoba sekuqalile nje. Kanti okunye kungahle kube nezimpi okwaziwayo ukuthi yize zichitha imali eningi kepha futhi khona lapho ziyakwazi ukuyingenisa kulelo lizwe elikwazi ukukhiqiza izikhali ezidingekayo. I-USA iwazi kancono lowo mdlalo ngakho kuncane ukungabaza ekutheni nezimpi ezibikwayo kungebe ngezamabomu, empini yokuthi iqhubeke nokuba yiqhude emnothweni wamazwe.

