Abagadli bangaphandle bayawaqhulula amagoli kuleli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Okwenziwa nguShalulile kufakazela ubuthuntu obudlange kubagadli bengabadi
Indaba esegudwini kulezi zinsuku kwezemidlalo unobhutshuzwayo ngekaPeter Shalulile, ongumgadli wompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns odabuka eNamibia, ongalibheki ipali.
Okwenza lo mgadli kukhuunywe ngaye ingoba nguye ozihola phambili ngamagoli angama-22 kuDStv Premiership emidlalweni engama-28, esigijinyiwe kule sizini.
Okuyikho okubhekwe ngabomvu manje njengoba kusele imidalo emibili nje ukuthi lolu hlupho lo mgadli olungalibheki ipali, ukuthi avalele phakathi amagoli amathathu okanye ngaphezulu. Lokho kuzomenza akwazi ukwephula irekhodi noma ukulifica elamagoli angama-25 elenziwa nguCollins “Ntofontofo” Mbesuma waseZambia, ngesizini yezi-2004/05 esadlala kuKaizer Chiefs.
Ngemuva kukaMbesuma, akekho umgadli ofinyelele emagolini angama-20. Kuze kwalamula uNomvethe ngeyezi-2011/12, eshaya angama-20 egijima kuSwallows. Abanye abagadli bakuleli abake bafinyelela kulesi sibalo noma ngaphezulu, nguPollen Ndlanya owashaya angama-21 kuChiefs ngesizini oywe-1998/1999.
Kuqhamuka uShalulile nje, bese kuphele amasizini ali-11 kungenamgadli kuPremier Soccer League (PSL) okwazi ukufinyelela emagolini angama-20.
Ngingomunye wabantu abafisayo ukuthi uShalulile afike emagolini angama-25 uma kusongwa isizini. Kodwa ngigakusho kugcwale umlomo ukuthi ngizizwa ngiphoxekie ukuthi leli rekhodi eseleneminyaka eli-11 labekwa uMbesuma, umdlali odabuka ngaphandle osemathubeni okuba alephule. Baphi abagadli bakuleli kanti.
Okwesibili, kungani siziqhenye ukuthi iDStv Premiership iyona ligi ehamba phambili lapha e-Afrika ekubeni kusathatha iminyaka kuze kube khona umdlali ovalela phakathi amagoli angama-20 uma kuphela isizini.
UVictor Letsoalo weRoyal AM uzamile ukuba sezithendeni zikaShalulile kodwa wehluleka. Ngiyafisa ngesizini ezayo ukubona umdlali walapha eNingizimu Afrika evalela amagoli angama-20 ngaphezulu.
Uma kubhekwa ngesizini yangowezi-2005/06 umdlali owaba namagoli amaningi uMame Niang owashaya ali-14 egijima kuMoroka Swallows, ngelandelayo yangowezi-2007/08 kwaba uChristopher Katongo owayegijima kwEzenkosi iJomo Cosmos owaba nali-15, kwathi ngowezi-2008/09 kwaba umufi uRichards Henyekanye owayelibamba kuLamontville Golden Arrows owavalela phakathi ali-19. Kuthe ngesizini yangowezi-2009/10 uKatlego “Killer” Mphela edlalela iMamelodi Sundowns kwaba nguye ovalela phakathi amaningi abali-17, kwaba uKnowledge Musona edlalela iKaizer Chiefs washaya ali-15 ngesizini yangowezi-2010/11. UBernad Parker ngesizini yangowezi-2012/13 wazifaka naye emabhukwini omlando kuleli kubadlali abaseke bashaya amagoli amaningi ngesizini wavalela phakathi ali-10, uKatlego “Mahoota” Mashego wamlandela ngesizini yangowezi-2013/14 wavalela phakathi ali-13.
UParker wakuphinda lokho ngesizini yangowezi-2014/15 eshaya amagoli ali-10, noMbesuma wabuya ngesizini elandelayo esedlala eqenjini laseMpumalanga iMpumalanga Black Aces eshaya li-14. Kuthe ngesizini yangowezi-2016/17 uLebohang Manyama naye wazifaka emabhukwini akuleli eshaya amagoli ali-13 egijima kuCape Town City, ngesizini yangowezi-2017/18 babili abadlali abashaya amagoli amaningi uRodney Ramagalela ekwiPolokwane City noPercy Tau egijima kumaBrazillian (iSundowns) ababa nali-11. Ngesizini yangowezi-2018/19 kwaba uMwape Musonda ekuBlack Leopards washaya ali-16, kuthe ngesizini yangowezi-2019/202 uShalulile noGabadinho Mhango bashaya amagoli alinganayo naba li-16.
Okunye engikubona kulihlazo ukuthi umgadli onerekhodi lamagoli amaningi uNomvethe onali-112, ekubeni adlala amasizini amangaka. Ngibona kusazophinde kuthathe iminyaka ukuthi kube khona odlula uBhele (uNomvethe).
Konke lokhu okungenxa esengikubhalile kungishiya nombuzo ukuthi ukugqoza kwamagoli kwenziwa ukuthi sino nozinti nezitobha ezikhaliphile, noma abagadli bazihlulekela bona ukushaya amagoli. Mhlambe ngelinye ilanga ngophenduleka.