Now Reading
Lalela uthakasele: Isisekelo sengane yoHlanga sisekunothisweni kwengqondo
Dark Light

Lalela uthakasele: Isisekelo sengane yoHlanga sisekunothisweni kwengqondo


Izinganekwane zabe ziyinkulisa kwaboHlanga


Ngiyabingelela kini nonke, emakhaya nasezikoleni. Namuhla ngifisa sixoxe ngento emqoka nengiyithatha njengobufakazi bempucuzeko yaboHlanga uma kufikwa ekukhuliseni izingane zabo. Lapha ngikhuluma ngokuxoxwa kwezinganekwane.  

Buningi ubufakazi obukhomba ukuthi kwaboHlanga izinganekwane lezi noma ukuxoxwa kwazo kwabe kuhlangene nohlelo lwezemfundo lwangaleso sikhathi. Lokhu ukubona endleleni inganekwane lena eyabe yakhiwa ngayo kusuka esingenisweni sayo kuze kube sesiphethweni. 

Ukuze abantu bazihloniphe izinganekwane lezi kwakuba ngisho nemithetho engabhalwe phansi kepha eyaziwayo ngazo. Isibonelo nje kwakuthiwa zixoxwa kusihlawa kuphela ngoba uma zixoxwa emini abenza njalo bayomila izimpondo.  

Iqiniso lithi akekho owayemila izimpondo kepha inkulumo ecashile lapha yabe igqugquzela  abantu ukuthi bangabi ngamavila bahlalele izindaba ngesikhathi sokusebenza emini. Okunye okwabe kuvamile kwabe kuwukuthi izinganekwane lezi zixoxwe ngumuntu omdala okwakuvamise  ukuba ngugogo noma umkhulu uxoxela abazukulu bakhe. 

Lokhu kwabe kwenza umqondo ngoba phela izinganekwane lezi zabe zingenye yezindlela yokudlulisela imilayezo yasemandulo neba yizifundo kwabasebancane.  KwaboHlanga izinganekwane ezabe zivamile  zazihlukaniseka kathathu okubalwa kuzo lezi: iNganeko, uMzekelo kanye neNsumansumane.

Inganeko

Lolu kwabe kuwuhlobo lwenganekwane evame ukuthinta inkolo, iphathe uMvelinqangi  noma amathongo. Inhloso yayo ukuveza imvelaphi yezinto ezithile, imvamisa yamukelwa njengeyiqiniso. Ngaphandle kokuncika enkolweni, inganeko ingabuye ichaze ngokuvela kwezinto njengabantu, ukufa kanye nokunye. Inganekwane eyaziwa kakhulu ewulolu hlobo yileyo ekhuluma ngoNkulunkulu ethuma unwabu ukuba lutshele abantu ukuthi ngeke bafe. Wathuma intulo ukuthi iyotshela abantu ukuthi bazofa. Intulo yafika kuqala ngenxa yokuthi ihamba ngesivinini kunonwabu. Kule nganekwane kuvezwa ukuthi kusukelaphi ukufa kwabantu.

Umzekeliso

Uhlobo lwenganekwane ethinta isigameko esiqanjiwe kokunye esake senzeka ngempela. Ithinta abantu abake baphila, kokunye ithinte izindawo ezaziwayo, kuye kufakwe into engakholeki ukuthi yenzeka. Ivame ukugxila emasikweni nasenqubweni yaleso sizwe. Izindikimba ezitholalaka nangaphansi kwemizekeliso kubalwa izimpi kanye nokufuduka kwezizwe

Insumansumane

Uhlobo lwenganekwane evama ukuxoxwa uma kuchithwa isizungu. Ngokujwayelekile lezi zinganekwane zisuke ziqanjiwe kodwa ziba nesifundo esithile. Ziba nabalingiswa okungaba abantu noma izilwane eziziphathisa okwabantu. Zivama ukuthinta izinto nje ezejwayelekile kubantu njengomona, ukungathembeki, ubuqili, ukungalaleli kanye nokunye.

Kuthe kungahamba isikhathi neminyaka kwabe sekuba nocwaningo olubheka izinganekwane ezizweni ezahlukene nokwenza lokhu okungenhla okwabe kugqame kwaboHlanga ngezinganekwane kwanda yize okunye kwabe kufana kube mhlawumbe wukwehluka kwamagama.  Uma sibuka emhlabeni jikekeke  kunezinhlobo zezinganekwane nezichazwa ngokuthi:

  iZinganekwane Zezilwane. Yizinto ezivame kakhulu, lapho ubudlelwane busungulwa phakathi kwezilwane, abantu, onkulunkulu kepha empeleni abalingiswa abaphambili yizilwane. Eziningi zazo zinezici zobuntu, njengeqiniso lokuthi ziyakhuluma, ziyacabanga, njll. futhi zifakwa ezimweni ezivame kakhulu kubantu kunezezilwane.

  iZinganekwane Zabantu. Zingavela futhi, lapho, kulokhu, abantu bengabalingiswa bendaba nalabo abalandisa ngokwenzeka kubo. Kulokhu, abantu bayasebenzisana nabanye abantu, nezilwane, nonkulunkulu, izinto ezingaphakathi. Eqinisweni azikhawulelwanga kwezinye izinhlamvu.

See Also

  iZinganekwane Zombuso Wezitshalo. Njengakuqala, kulokhu abalingiswa abayizitshalo futhi, njengezilwane, banikezwa nezici ezigxile kakhulu kubantu (njengokukhuluma, ukuhamba, ukucabanga …).

  iZinganekwane Zobunkulunkulu. Endabeni yalolu hlobo lwenganekwane, uzothola izithixo ezinqobayo, okusho ukuthi, ziyoba onkulunkulu abanamandla, noma abafundisa ngokuhlakanipha kwabo, noma bona ngokwabo bafunda okuthile kwabanye, noma ngabe bayizilwane, abantu, abanye onkulunkulu, njll.

  iZinganekwane Zokuthekeliwe. Noma ngabe izinto noma izinto, nazo lezi zingaba yingxenye yezinganekwane. Kulokhu, isibonelo kungaba yiTin Soldier, ithoyizi elingaphili elisaxoxa indaba.

  iZinganekwane Ezivumelana Ngokwakha Ubuntu. Lokhu akwaziwa kahle, kepha kungolunye uhlobo lwazo. Babhekisa kubalingiswa abaphikisanayo, okungukuthi, kukhona umlingiswa ophikisanayo nomphikisi futhi ukuphela kwenganekwane kusiholela ekuzuzeni labo abenza kahle futhi bajezise omunye. Kulokhu, akubalulekanga kangako ukuthi ungubani umlingiswa oyinhloko, kodwa kwenzekani futhi ikakhulukazi isifundo sokugcina, maqondana nokuklomelisa okuhle nokujezisa ababi.

  iZinganekwane Zezimbangela Ezingaqondakali. Lolu hlobo luchaza lezo ezibhekise ezimweni zomlando. Kulokhu, abalingisi uqobo lwabo ababalulekile njengemicimbi abayilandisa ngendlela esiza ukuthi indaba yaziwe kepha ngendlela ejabulisa kakhulu. Isibonelo; Kungani imbila yaswela umsila.

Uma sesikubheke konke lokhu siyathola ukuthi aboHlanga babenayo impucuzeko yohlelo lwezemfundo elabe liyinkulisa ezinganeni zabo. Kulezi zifundo kwakulolwa umqondo wengane yazi ngezinto eziyizungezile kanjalo nalokho engakwakha emqondweni. Kepha okwabe kumqoka kakhulu kwabe kuwukuthi ingane lapha iyafunda nangolimi lwayo ngoba phela zabe zixoxwa ngolimi lwayo.  Okunye izinganekwane lezi zabe ziyinkundla yokwakha ubudlelwane kwabancane (abalalele) nabadala abaxoxayo. 

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelele kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top