USOMAQHINGA: Ugalele kwezwakala njengomqeqeshi kunobhutshuzwayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Impumelelo yomlolongi weqembu ilele ekukhalipheni kwakhe nasekwazini ukuhlanganisa uhlobo lwabadlali anabo akhiphe ulozolo
Noma kuthiwa iqembu linabadlali abaseqopheleni eliphezulu kanjani, kodwa uma umqeqeshi walo engawasebenzisi amaqhinga akhe ngokufanele lelo qembu ngeke lenze kahle nakancane.
Ubufakazi balokho, kungani iqembu laseSpain IFC Barcelona lihlezi lishintshanisa abaqeqeshi ngoba linabadlali abaseqophelweni eliphezulu okubalwa nalowo obalwa njengohamba phambili emhlabeni uLionel Messi? Ngasekupheleni kukaMasingana iqembu eligijima ku-English Premeir League (EPL) iChelsea FC lixoshe umqeqeshi uFrank Lampard obenesikwati esiqinile kodwa eletha imiphumela engemihle eqenjini.
Yamemezela uThomas Tuchel njengomqeqeshi wayo omusha osekulokhu efikile induku akayazi. Lokho kuchaza ngokusobala ukuthi amava akhe namaqhinga, uyakwazi ukukusebenzisa muva nje. Nalapha eNingizimu Afrika uma ungathatha umqeqeshi ongenawo amava uthi akaqeqeshe iMamelodi Sundowns ephethe ukhilimu wabadlali angafike ahluleke. Okungamenza ahluleke wubunzima bokuhlanganisa inqanawe yabadlali abali-11 okumele bangene enkundleni.
Kungekhona ukuthi ngiyankanta, ngale ngosi inhloso yami ukuncoma uJoseph “Pep” Guardiola ongumqeqeshi weManchester City egijima kuligi yase-England.
Ungumqeqeshi okhombisile ukuthi angaqeqesha noma iliphi iqembu.
Baningi abathi akayena umqeqeshi omkhulu ngoba akaze aliqeqeshe iqembu elincane, kodwa nakhu iFC Barcelona izinto ziyayibhedela kodwa iqeqeshwa uyena yayigila izimanga.
UGuardiola oneminyaka yobudala engama-50 waqala ukuqeqesha iBarcelona B ngonyaka wezi-2007/08.
Ikhono lakhe lokuba ngumqeqeshi lasheshe lavela ngoba iqembu elikhulu iFC Barcelona yabe isimqasha ngonyaka olandelayo. Nalapho afike ahlala khona amasizini amane kuphela.
Uhamba nje wayesezinqobe zonke izicoco ezinkulu naleli qembu. Kulezi zicoco wanqoba iLa Liga okuyiligi yaseSpian, ngesizini yagonyaka wezi-2008/09 okwakungeyakhe yokuqala, wayinqoba ngesizini yangonyaka wezi-2009/10 nangesizini yangonyaka wezi-2010/11.
Akagcinanga lapho wanqoba umqhudelwano waseSpain iCopa del Rey kabili, ngesizini yangowezi-2008/09 nangesizini yangowezi-2011/12. Ngesizini yakhe yokuqala wakwazi ukunqoba umqhudelwano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League ngesizini yangowezi-2008/09 nange yangowezi-2010/11. Waphinde wanqoba umqhudelwano we-UEFA Super Cup ngonyaka wezi-2009 nangonyaka wezi-2011, kwaba iFIFA Club World Cup ngowezi-2009 nangowezi-2011.
Yize emveni kokuthi esenqobe lezi zicoco wahamba kuleli qembu, kodwa kwakhombisa ukuthi akukhona ngoba ahluleka kepha wahanjiswa izinkinga ezaba khona okufaka nanokuthi “uyacwasa”. Umdlali owaba isisulu salokho kwaba nguYaya Toure wase-Ivory Coast.
Ngeke ngavuma noma ngaphika ukuthi uyacwasa uGuardiola.
Ingakho ngeke ngagxila kukhona ngizogxila empumelelweni yakhe ekubeni engemdala kakhulu kunobhutshuzwayo.
Kuthe ngesizini yangowezi-2013/14 wajoyina ompetha baseGermany iBayern Munich. Wathi efika ngesizini yakhe yokuqala wanqoba iligi yakhona eGermany iBundesliga, iFIFA Club kanye ne-UEFA Super Cup. Wanqoba umqhudelwano wakhona eGermany iDFB Pokal ngesizini yangonyaka wezi-2013/14 nangonyaka wezi-2015/16.
Wayiphinda futhi iBundesliga ngesizini yezi-2013/2014 neyezi-2015/16.
Yize iBayern Munich ayishiya ngowezi-2016, akahlalanga phansi njengoba izinto zaqhubeka zamkhanyela ekutheni aqeqeshe iqembu elikhulu. Wajoyina iManchester City.
Nakuyona wafika kwezwakala njengoba afike enza olukhulu uguquko. Ufike waqeda ishobolo leminyaka leli qembu lehluleka ukunqoba i-EPL. Wayinqoba ngesizini yangowezi-2017/18 nangesizini yangowezi-2018/19.
Usenqobe iFA Cup ngesizini yangonyaka wezi-2018/19, i-EFL Cup ngowezi-2018, 2019 nangowezi-2020. Uphinde wanqona iFA Community Shield ngowezi-2018 nangowezi-2019.
Iqiniso ukuthi eminyakeni edlule bekwaziwa ukuthi mabili amaqembu anqoba izicoco e-England obekuyiManchester United neChelsea FC kodwa konke lokho sekushintshile, iManchester City iyona esiyingozi kakhulu. Kuyimanje izihola phambili kulogi, maningi amathuba okuthi iqukule sicico seligi ekupheleni kwesizini.
Lo mqeqeshi uke wahlonishwa ngezindondo ezinkulu, ngonyaka wezi-2009 kuya kowezi-2012 waqokwa njengomqeqeshi ovelele kuLa Liga. Ngowezi-2020 wahlonishwa ngendondo yeGlobe Soccer Award Coach of the Century, ngonyaka wezi-2011 wathola umkomelo weFIFA World Coach of The Year.
Kanti uke waba ngumdlali kanobhutshuzwayo waqala kuyona iBarcelona, iBrescia, iRoma, Al-Ahli neDorados. Kanti ungomunye wabadlali abanqoba indondo yegolide neSpain ngonyaka we-1992 emqhudelwaneni we-Olympics.