Now Reading
ISihlalo sikaZulu siyaqhubeka nokwehlelwa yisithunzi kwabezindaba nasemhlabeni
Dark Light

ISihlalo sikaZulu siyaqhubeka nokwehlelwa yisithunzi kwabezindaba nasemhlabeni


  • Kunindwana kwabezindaba nakwezokuxhumana
  • ISILO sithi ohlasela uMntwana uhlasela sona luqobo

Eminyakeni ecela kwengamashumi amahlanu bekukhona isithombe esithile ngeSihlalo sikaZulu. Wonke umuntu ubazi ukuthi lesi Sihlalo sakhelwe phezu kwenhlonipho, amasiko nobuholi obuma mpo ezintweni ezimqoka. Lesi sithombe besakhiwa nawukubambisana phakathi koseSihlalweni (ISILO), uNdunankulu wesizwe kanye nezinhlaka zoBukhosi kusuka eMakhosini kuze kuye ezinduneni.  Isithunzi seSihlalo sikaZulu besingundabamlonyeni nakwezinye izizwe. Ngeshwa lokho kuya ngokuya kushabalala. Muva nje iNdlunkulu nezindaba zayo seziphenduke umdlalo ezinkundleni zokuxhumana kanjalo nasemagunjini abezindaba.  Okusobala wukuthi lokhu kudalwa phakathi kokunye yimiyalezo eshayisanayo evela emalungwini aseNdlunkulu amancane namadala. Le mibiko kokunye iputshuzwa ngabomu kwabezindaba.  Okwakamuva nje okuveze isithombe esingesihle kube yimibiko ethinta isikhundla saloyo okhulumela ISILO obesekuphele isikhashana kwaziwa ukuthi lowo msebenzi uphethwe ngabaMntwana ababili, owaseZibindini, uMntwana uThulani kanye noMntwana was’Onkweni u-Afrika.  Nokho kuhambe kwahamba kwabikwa ufa kubo nobelulandelwa zinsolo zokukheqana emsebenzini.  Okulandele lapho kube yizindaba eziputshuzwe ngabathi  omunye wabasebenza neSILO uMntwana wakwaMahlobo, uMthokozisi ongumzala weSILO ngonina uMntwana  nguye oselungiselwa ukuba athathe esobuNdunankulu kaZulu. Le mibiko ihlukanise iNdlunkulu nezinhlaka zoBukhosi phakathi njengoba abanye bebebabaza abakubize ngokudelelwa koMntwana waKwaPhindangene onguNdunankulu kaZulu.

Enye iNkosi  ecele ukuba lingadalulwa igama layo ithe lezi zinkulumo zibukela phansi uMntwana. “Kuyishwa ukuthi abantu kababongi, uMntwana noma kungenzeka ukuthi unamaphutha njengomuntu kepha kukhulu akwenzela iNdlunkulu noZulu ngisho esekule minyaka yobudala. Ukuthi azoqhathaniswa nabantu esingazi nokuthi bagqoka imvunulo enjani nokuthi banamagalelo mani wukumdelela yena uMntwana nathi uqobo”. Odabeni lokuqokwa kukaMahlobo  encwadini ebibhalelwe iSILO ngqo nokho yaputshuzelwa abezindaba uMntwana uthe:

“ISILO, anginankinga yokuba uqoke noma ngubani obona ukuthi ufanele isikhundla. Kudala  ngezwa ukuthi uMntwana uMthokozisi Mahlobo uzobekwa njengoNdunankulu, akungihluphi lokho.”

Incwadi ibuye yexwayisa ISILO ngokukhuluma okuthi sihlose ukwakha isikhundla sesekela ndunankulu incwadi icashunwe ithi: 

“Ngesikhathi wazisa uNtuthukoyezwa (indodana yoMntwana) ukuthi ufuna ukuqoka isekela likaNdunankulu ukuthi kukhona okungekho. Leso sikhundla asikaze sibe khona njengoba ngaveza bonke ondunankulu bombuso kaZulu. Esikhundleni sokuthi uqoke isekela likandunankulu okungakaze kwenziwe emlandweni, ngizokweluleka ngokuthi vele uqoke uNdunankulu,” uButhelezi waqhubeka wabhalela iSILO.

Odabeni lomkhulumeli weSILO kube khona imibiko eshayisanayo njengoba kwaqala ngokuthi uMntwana was’Onkweni abikele abezindaba ukuthi useyahoxa ekubeni yilungu lekomiti lokuhlela umcimbi wokubekwa kweSILO.  Esitatimendeni wathi: “Ngifisa ukucacisa ukuthi ukuhoxa kwami isibhudukane ekomidini emveni kokuxakaniswa nokuqhubukushwa ngizithola ngigilekile kulolu hlelo olungacacile. Kubonakala zonke izindaba ziqhamuka sezidingidiwe ngamanye amalungu aleli komidi, ngakho emveni kokucubungulisisa, ngikuthola kufanelekile ukuba ngihoxe ekomidini lepolitiki elinjena okuhlelo lalo libonakala libuyisela umumo womndeni othile,” kufundeka isitatimende. 

Kuthe kusenjalo ezinkundleni zokuxhumana kwavela ukuthi uMntwana u-Afrika usebuyele njengomkhulumeli weSILO. Kuthe kusenjalo kwavela izinkulumo eziphikisa ukuthi uMntwana u-Afrika waqokwa yiSILO ukuba abe ngumkhulumeli weSILO.  Ekhuluma nabezindaba uMntwana waKwaPhindangene uveze ubufakazi bokuthi iSILO asikaze simqoke uMntwana u-Afrika . Lobu bufakazi yincwadi evela eSilweni nebiya kuye uShenge. 

“Ndabezitha, Ngifisa ukucacisa ukuthi akukho mhlangano lapho ngiqoke khona uMntwana u-Afrika ukuba abe mkhulumeli wami. KunaBantwana abakhuluma nami ngalolu daba. Angizange ngimqoke.”kufundeka lencwadi.

Incwadi lena ivela nje kusanda kuvela imibiko eshayisanayo ngokuthi iSILO samqoka yini uMtwana u-Afrika.

See Also

UMntwana u-Afrika ucashunwe esola uShenge ngokuthi konke lokhu akwenzayo yingoba ehlelembela indodana yakhe uNtuthukoyezwe ukuba ahlale eSihlalweni sokuba nguNdunankulu kaZulu. 

ISILO sime noShenge kulolu daba sasola uMntwana u-Afrika: “Okungizwisa ubuhlungu kakhulu yindlela engahloniphi uMntwana waKwaPhindangene encwadini elethwe kimina  izolo. Ndabezitha, kusobala ukuthi uMntwana u-Afrika akakulungele ukuba azihlanganise nezindaba zaseNdlunkulu. Lokhu kuzosibangela utalatiya,” kubhala iSILO.

ISILO siphethe ngelithi:  “Ukuhlaselwa kwakho kuwukuhlaselwa kwami. Nginxusa uMntwana akucacise ezizindeni zabezindaba, ezibhalayo nezisakazayo nasezinkundleni zokuxhumana. Kuyisifiso sami ukuthi uMntwana uGibizizwe noMntwana u-Afrika bayeke ukuba amalungu eKomidi Lokubeka ESihlalweni okuzayo.”

Konke lokhu kukhuluma nosekwenzeka masonto onke kwakha isithombe sokuthi akusekho ukuhloniphana eNdlunkulu kaZulu nokwaziwa ukuthi iyisiphethu senhlonipho. Lokhu kunazo zonke izimpawu zokwehlisa isithunzi seSihlalo nesizwe.

Scroll To Top