Now Reading
Uyayihlonipha imiqhudelwano nokho kufanele azonge uSokhela
Dark Light

Uyayihlonipha imiqhudelwano nokho kufanele azonge uSokhela

Yize ebalwa nabanye abasemathubeni okuthi bengayishaya kuqala intambo emqhudelwanweni iDurban International Marathon, kodwa uNdumiso Sokhela uthi amaphaphu phansi kubantu. 

Ekhuluma nelaboHlanga uthe akabhekile ukuthi enganqoba kulo mqhudelwano weDurban International Marathon ezokuba ngeSonto, eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Ngaphansi kwalo mqhudelwano kuzophinde kugijinywe nama-ASA Marathon Championship. Okunye kuzophinde kube nebanga lika-10km.

“Akusikhona ukuthi angingenandaba neDurban International Marathon, kodwa iqiniso nje ukuthi anginakho ukuzethemba ukuthi ngingayinqoba. Okwenza ngisho njalo ingoba umzimba wami usukhathele, kwazise emasontweni edlule bengigijima iTwo Oceans Marathon. Kodwa konke kuzobonakala ngeSonto, kwazi bani ngingagcina ngenza kahle yize ngingakubhekile lokho,” kusho uSokhela.

Emqhudelwanweni iTwo Oceans Marathon waphuma endaweni ye-12 ngeskhathi esiwu-03:16:07, koweCapital City Marathon ebangeni lama-21km waphuma endaweni yesibili. Kowabe useThekwini obizwa ngeBest of the Best Marathon kuwona waphuma endaweni yesikhombisa.

USokhela ogijima ngaphansi kweXcel Running Club ungowokudabuka eDundele, eMpendle, kanti uneminyaka yobudala engama-26.

Uveze ukuthi uzimisele ukwenza kahle koweComrades ezokuba mhla zingama-28 kuNcwaba. Izosukela eCity Hall, eMgungundlovu, isongwe eMoses Mabhida Stadium. 

“Kuzobe kungokokuqala ngigijima iComrades, ingakho ngifuna isikhathi esanele sokuphumula ngoba akumele ugijime umqhudelwano onzima kanjeya ukhathele. Ingakho ngeSonto ngingeke ngizigqilaze, ngoba sengiqalile ngibheke kumhla zingama-28 kuNcwaba” kusho uSokhela.

Ebuzwa ukuthi iyiphi indawo angafisa ukuqeda kuyona uthe: “Inhloso enkulu ukufunda ngeComrades, ngibazi ubunzima bakhona. Uma kungase kuthiwa ngibalwa nabali-10 abazoqeda kuqala kobe kuyinto enkulu kakhulu leyo kimina kwazise kuzobe kungokokuqala ngiyigijima” usho kanje.

Uphinde wabalula ukuthi iHarry Gwala Marathon ezokuba ngeSonto elizayo ngeke aze abonakale kuyona, kwazise uzobe esakhathele.

Ozonqoba iDurban International Marathon uzogoduka nezi-R50 000, osendaweni yesibili kube izi-R25 000, kuthi ophume kweyesithathu athole izi-R10 00. Ebangeni lama-10km ozonqoka khona uzothola izi-R5 000, kweyesibili athole izi-R3 000 owesithathu ahlomule i-R1 000.

Okujabulisayo ukuthi lo mjaho uzosakazwa bukhoma kumabonakude kusukela ngelesi-6 ekuseni.

See Also

Nyakenye abanqobe ku-42km kwabesilisa kwanqoba uBonginkosi Zwane wePhantane AC kwabesifazane kwanqoba uZinhle Shabalala weXcel Running Club.

ElaboHlanga liphinde lakhuluma noSihle Shange ongumqondisi walo mqhudelwano.

“Siyajabula ukuthi isibalo kulo nyaka senyukile Uma usiqhathanisa nesangonyaka odlule, nyakenye sashawa ukumiswa kwezinto ngenxa yokhuvethe. Okunye indlela esizobe sihamba kuzona azilimalanga njengoba bekunezikhukhula. Nanokuthi uzosakazwa bukhoma lo mjaho. Siyabonga kulabo abasisekile kwaze kwaba ila” usho kanje.

Uthe Inhloso yalo mqhudelwano ozobe ugijinywa okwesibili, ukuthuthukisa ezokusubatha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Okukhulu ukuthi bafuna ufane neLondon Marathon ehlonishwa umhlaba wonke.

Kanti ukubhalisa ukungenzela lo mjaho kuzovalwa kusasa. Okusho ukuthi abantu basangaqhubeka bewungenele.

Scroll To Top