Now Reading
Iso ngeso noma ukunikela ngesinye isihlathi – umhlaziyi uthi ayihlale phansi ibambe umthetho
Dark Light

Iso ngeso noma ukunikela ngesinye isihlathi – umhlaziyi uthi ayihlale phansi ibambe umthetho


Isimo sokudlala unobhutshuzwayo kwawase-Afrika sidinga amehlo abanzi 


Nyakenye ngangiseMelmoth nalapho kwakukhona khona izinkakha zamaqembu amabili aseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Izinkakha yizo ezazizovulela umdlalo wamanqamu walowo mqhudelwano.

Ngesikhathi kusahleliwe nje ngabe sengithola ithuba lokukhuluma no-Edward “Magents” Motale, engakubamba kunakho konke ayengilandisela ngakho ukuhlukunyezwa ababekuthola emazweni angaphandle uma beyodlala umqhudelwano weCaf Champions League nabayinqoba ngonyaka we-1995 beyiPirates.

Kuningi ayekubalula ekuhlukumezekeni kwabo okubalwa nokuncishwa inkundla yokuziqeqesha ngaphambi komdlalo, nendlela nje embi ababephethwe ngayo. UMotale wayechaza ngomlando owenzeka eminyakeni engama-28 edlule, kodwa lokhu namanje kusenzeka ukuhlukunyezwa kwamaqembu alapha eNingizimu Afrika uma edlala ekuhambeni koweCaf Champions League. Naseminyakeni edlule uPitso “Jingles” Mosimane wakhala esifanayo ngesikhathi esaqeqesha ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns.

IKaizer Chiefs nayo yake yalubeka ezithebeni udaba lokuhlukunyezwa.

Emasontweni edlule umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi ukhale esifanayo, nalapho aze aba khona nombuzo awubuza ekhuluma nabezindaba ethi “Kungabe iSimba yaseTanzania uma ifika eNingizimu Afrika kumele siyiphathe njengoba yenzile yini kuthina”? 

Baningike abathi wayevika ngesithupha, ngoba ezakhe zingenzanga kahle. 

Okubi lokhu kuyaqhubeka nokwenzeka nje okunguye uMengameli wenhlangano iCaf injinga uPatrice Motsepe ongowokudaba kuleli. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokuqala enguMengameli wathi ufuna ukuwenza ushintsho olukhulu ngikholwa ukuthi fuze ingabe lolu lokuhlukunyezwa kwamaqembu ilona aqala ngalo ngoba kade kwakukhalwa ngalo. Uma kukhona iqembu elithole lihlukumeza elinye lihlawuliswe, ngokuthi livele likhishwe kumqhudelwano weCaf.

Okunye iyangixaka le nto yeVideo Assistant Referee (VAR) ukuthi isebenza kanjani ngabe ivuna abathize yini, ngeledlule iSundowns ibanjwe inkunzi nePirates nayo yacishe yaphuma koweCaf Confederation Cup nayo ibanjwa inkunzi. UMotsepe njengoMengameli akaqathe indima yakhe, ukuthenjwa kwakhe ukunikwa lesi sikhundla akakusebenzele.

Kubuhlungu ngoba amaqembu angaphandle ngisho elapha ekhaya aba ngobhongoza, lokhu kungishiya nombuzo wokuthi ngabe kusuke kudlalwa noma kuyaliwa yini.

See Also

Uma amaqembu evakashe lapha eNingizimu Afrika alala ezindaweni zomtakabani, adliswa ukudla okusezingeni, ajinyiswe enkundleni eseqophelweni eliphezulu. Ngabe kumele amaqembu alana nawo aziphindiselele yini, impendulo yami ithi, ‘ayi cha’. Kodwa azibe khona izinqumo ezithathelwa lawo maqembu athize, ukuze lo mkhuba uzophela.

Okubi ukuthi lokhu kwenzeka ngisho eqenjini lesizwe imbala iBafana Bafana, nayo iba senkingeni uma iyodlala namazwe angaphandle. 

Ngiyazi iPirates izothola impatho efanayo eLibya neyithole eTanzania idlala neSimba. Njengoba izodlala owandulela owamanqamu kumlenze wokuqala ngeSonto ne-Al Ahly Tripoli ngiyafisa abadlali, abaqeqeshi bayo bazi ukuthi kuyanqobeka noma kunjalo. Nakhu ngowezi-2016 uMosimane wayekhala kodwa wayinqoba iCaf Champions League khona zazimnetha yena nabadlali, noMotale bayinqoba ngowe-1995.

Ngifisela Ezimnyama nokuhle kodwa kulo mdlalo, sesithembe zona njengoba kuyizona kuphela ezimele iNingizimu Afrika emdlalweni yase-Afrika.

Scroll To Top