Now Reading
Asisaviki izembe, sivika umsinga ongasidonsela phansi – Buthelezi
Dark Light

Asisaviki izembe, sivika umsinga ongasidonsela phansi – Buthelezi

Akafuni nokuyizwa eyezembe unozinti weTS Galaxy FC, uMelusi Buthelezi.

Lo nozinti odabuka eNquthu usephenduke isithenjwa kumaRockets ngendlela adlala ngayo.

Kusukela eqale ukunikwa ithuba uButhelezi wenza ezibukwayo. Amaqembu agijima kuDStv Premiership akuthola kunzima ukumkorela.

Exoxa nelaboHlanga uveze ukuthi akazimisele ukuyodlala kuGladAfrica Championship. “Ngidlalile kuGladAfrica Championship phambili. Ngiyalwazi usizi lwakhona. Angeke ngathanda ukubuyela ngiyodlala khona. Yingakho nje sizolwa kuze kube yisekugcineni. Uma kufanele kunqamuke izandla akube njalo. Angeke silivumele leli qembu ligawulwe yizembe,” kuchaza uButhelezi.

IGalaxy ibala namaqembu azama ukubalekela izembe. Ihlezi endaweni ye-13 kulogi.

“Umgqigqo sesiwutholile futhi angeke sisawudedela. Sinemidlalo emine manje singadliwa. Sishaye i-Orlando Pirates neSekhukhune saphinde sadlala ngokulingana kabili neKaizer Chiefs neMaritzburg United. Sizimisele ngokuliqhubeza leli rekhodi lethu lokudliwa kule midlalo emithathu esele. Inhloso yethu wukufinyelela esibalweni samaphuzu angama-30. Uma senze njalo sizophuma ezembeni. Asifuni ngisho ukwehlela kumaPlay-Offs. Sifuna ukuphuma siphele ezembeni,” kuqhuba uButhelezi.

Lena yisizini yesibili iGalaxy idlala esigabeni esiphezulu. Ithenge isitifiketi seHighlands Park kumasizini amabili adlule.

“Sizolwa kuze kube yisekugcineni. Ukuzethemba kwethu kuphezulu. Ngicabanga ukuthi njengamanje sesilwela ukuvika amaPlay-Offs. Izembe ngeke lisasigawula. Sivule igebe elikhulu phakathi kwethu neBaroka okuyiyona ehlezi ekugcineni,” kulandisa uButhelezi.

“Asizele amaqembu amakhulu kuphela esigabeni esiphezulu. Ngaphandle kweChiefs nePirates akhona amanye amaqembu asesike sawashaya. Akulona iqiniso ukuthi izinga lethu silenyusa kakhulu uma sibhekene neChiefs nePirates. Yonke imidlalo ebekwe phambi kwethu sihlale siphokophele ukuyinqoba. Amaphuzu amathathu ayafana. Ukushaya iChiefs noma iPirates akusho ukuthi usuzothola amaphuzu ayisithupha,”

See Also

IGalaxy izobhekana neCape Town City, iMarumo Gallants neChippa United emidlalweni emithathu yokugcina.

“Sibheke amaphuzu amathathu uma sesibhekene neCape Town City. Irekhodi lethu lasekuhambeni lihle kakhulu kulo mzuliswano wesibili. Sishaye iSwallows, iChiefs neSekhukhune saze sidlala ngokulingana neChiefs koweligi, sabambana na-Amazulu. NakuCity sibheke ukubuya namaphuzu agcwele. Uma kungenzeki nephuzu sizolamukela,” kusho uButhelezi.

Lo nozinti oke wayibamba kuJomo Cosmos eminyakeni eyedlule uhlale cishe iminyaka emibili engadlali.

“Ngihlale cishe iminyaka emibili ngingadlali. Ukubekezela yikona okube ngukhiye ekutheni ngibe kule fomu engikuyona njengamanje. Ngiyaziqhenya ngendlela engenza ngayo. Ngihlalele ethembeni lokuthi uma ngiqhubeka ngenza kahle ngizobizelwa naseqenjini lesizwe. Okuhle wukuthi umqeqeshi weqembu lesizwe ukhombisile ukuthi angakubiza noma kungathiwa udlalela liphi iqembu. Ngizoqhubeka ngisebenze ngokuzikhandla. Ngifuna ukubona nozakwethu esibambisene nabo eqenjini. Ngaphandle kwabo angilutho,” kusho uButhelezi.

Scroll To Top