Now Reading
Akanikwe ithuba uNtshosho – Ertugral
Dark Light

Akanikwe ithuba uNtshosho – Ertugral


Uthi uze kuleli ezoshawa umoya eholidini eKapa emuva kokuphela kwenkontileka yakhe neqembu lesizwe laseTurkey. Ubona uZwane kumfanele ukuhola leli qembu laseNaturena ngenxa yamava


Akawufuni umsebenzi wokucija iKaizer Chiefs uMuhsin Ertugral ufuna lo msebenzi unikwe u-Arthur “10111” Zwane.

Ngeledlule ibhantshi ligcwale umoya kumqeqeshi waMakhosi uStuart Baxter. UZwane nguyena ozobamba izintambo kuze kuphele isizini.

Uzolekelelwa nguDillon Sheppard. U-Ertugral oseke wayicija iChiefs amahlandla amabili ubalwa nabanye babaqeqeshi asebeke balethela Amakhosi impumelelo.

Lo mqeqeshi odabuka eTurkey useNingizimu Afrika kodwa usekubeke kwacaca ukuthi akazimisele ukubuyela kuMakhosi.

“Kade ngisebenza eqenjini lesizwe laseTurkey iminyaka emibili nohhafu. Inkontileka yami iphelile neqembu lesizwe laseTurkey lapho bengibhekele izinhlaka zamaqembu esizwe. Ngikhethe ukuthatha iholidi ngeza lapha eKapa ukuzopholisa ingqondo. Njengamanje angifune msebenzi. Ukusebenzela iqembu lesizwe kuyavovana. Yingakho ngifuna ukuhlaba ikhefu okwesikhashana. Ngesizini ezayo sengingaqala ngivule izandla emaqenjini afuna ukusebenza nami. Kunamaqembu esizwe alapha e-Afrika ake angithinta. Umsebenzi weChiefs angiwubhekile. Mina ngingajabula uma iziphathimandla zeqembu zinganika u-Arthur Zwane ithuba. Ngokwami limfanele,” kubeka u-Ertugral.

Ngowe-1999, u-Ertugral wafika eNingizimu Afrika ezocija iChiefs. Wanqoba inqwaba yezicoco okubalwa kuzona neCaf Confederation Cup eyayaziwa ngeMandela Challenge. Washiya kuChiefs ngowezi-2003 kodwa wabuye wakhuza ibuya ngo-2007. Esebuya okwesibili wanqoba iTelkom Knockout neMTN8.

“NgoNhlaba ngizobhekisa amabombo kwelamaJalimane lapho ngiyosebenza nososeshini wakhona ukufundisa abaqeqeshi iziqu ze-Uefa Pro Licence. Ngemuva kwalokho noma yiliphi-ke iqembu elifuna ukusebenzisana nami selingaqala lixhumane nommeli wami sibone ukuthi siyavumelana yini. Iningizimu Afrika ifana nekhaya lami lesibili,” kulandisa u-Ertugral.

IChiefs sekuphele iminyaka eyisikhombisa ihlaselwe yisomiso sezinkomishi. Yagcina ukuphakamisa isicoco ngowezi-2014/15 idla eseligi neMTN8.

“Indlala yezicoco yinto ehlasela wonke amaqembu ebhola emhlabeni. Ngeke ngazi imbangela noma ingqikithi yezinkinga zeChiefs njengoba ngingesiyona ingxenye yeqembu. UZwane usehlale kuChiefs isikhathi eside. Uqeqeshile emaqenjini ezinkulisa waphinde wasebenza nabaqeqeshi abahlukene eqenjini elikhulu. Akanikwe ithuba. Ngisebenzile naye njengomdlali. Wayengumdlali oseqophelweni eliphezulu. Ngakuthakasela ukusebenza naye,” kusho u-Ertugral.

Amakhosi avele asephuthwe yisicoco seligi, iMTN8 neNedbank Cup kule sizini. Njengamanje alwela ukuqeda endaweni yesibili ukuze azibekisele indawo kuCaf Champions League.

“Ngesizini edlule wenze kahle njengebamba. Ufake iqembu kuTop Eight nakowandulela amanqamu eCaf Champions League. Akanikwe ithuba lokuzibonakalisa. Uyindodana kuChiefs. Ukhulele khona. Uyalazi usiko lweqembu. Ngikholwa wukuthi ukhakhayi seluqine ngokwanele manje ukuthi usengazibamba izintambo zokuqeqesha ngokugcwele. Akunikwe uZwane ithuba,” kuchaza u-Ertugral.

UMangethe usebenze noHunt noBaxter kulama sizini adlule. Uke wabamba izintambo eqenjini leChiefs elidlala kuDStv Diski Challenge.

See Also

“Mina angiwufuni umsebenzi weChiefs. Akunikwe u-Arthur ithuba. Limfanele futhi ulisebenzele. Ngifuna ukumbona ekhula. Ngakho akanikwe izintambo ngokugcwele,” kugcizelela u-Ertugral.

Kusukela yagcina ukunqoba izicoco ngowezi-2015, iChiefs isizame abaqeqeshi abahlukene okubalwa kubona uSteve Komphela, uGiovanni Sonalis, u0Ernst Middendorp, uGavin Hunt noStuart Baxter.

“Usiko lubalulekile. Uma uke walahla usiko nempumelelo iyakubalekela. Eminyakeni emithathu eyedlule iChiefs iqashe abaqeqeshi abathathu. Akulona usiko lweChiefs ukushintsha abaqeqeshi. Ngesikhathi ngishiya okokuqala isikhala sami savalwa nguTed Dumitru. Wathi uma eqeda inkontileka yakhe kwathatha u-Ernst Middendorp naye owahlala amasizini amathathu nami ngabuya ngahlala amanye amasizini amabili. IChiefs ayilona iqembu elishintshashintsha abaqeqeshi,” kusho u-Ertugral.

Eminyakeni eyedlule iChiefs bekungapheli isizini ingenaso isicoco. Emlandweni webhola eMzansi iyona ephethe izicoco eziningi.

“Ukuba yiqembu elikhulu akusho ukuthi uzohlale uzuza impumelelo. Impumelelo iyasetshenzelwa. Indlala yezicoco yenzeka kuwona wonke amaqembu. Uma isifikile futhi inakho ukuhlala. Buka nje iBayern Munich isinqobe iligi okweshumi kulandelana. IMamelodi Sundows nayo iyazenzela. Okumele sikwazi wukuthi akuyena umqeqeshi kuphela oletha impumelelo eqenjini. Kunezinto eziningi okumele zenzeke ngendlela ukuze iqembu liphumelele,” kucacisa u-Ertugral.

IMamelodi isethubeni lokunqoba zonke izicoco kule sizini. “Ibhola laseNingizimu Afrika liyayidinga iChiefs ne-Orlando Pirates. Lawa ngamaqembu amabili asekwa kakhulu eNingizimu Afrika. Uma iSundowns izoqhubeka nokuzenzela, nebhola lizogcina liphelelwa yisasasa. Kuzogcina kufana njengaseGermany naseFrance lapho kunqoba amaqembu afanayo.” kusho u-Ertugral.

Scroll To Top