Ubani ikhehla? Ukubona komqeqeshi weBafana kuhlukile
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Emasontweni adlule udaba lomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos lokuthi akawafuni amakhehla eqenjini lesizwe lususe umsindo kakhulu. Kulabo badlali ababiza ngamakhehla nelikaThemba “Mshishi” Zwane weMamelodi Sundowns belikhona phakathi.
Lokhu kwangishiya nombuzo ukuthi kanti lapha eNingizimu Afrika umuntu ubizwa ngekhehla eneminyaka emingaki. Muva nje umdlali obizwa “ngekhehla” abantu bakuleli uKarim Benzema weReal Madrid ongowokudabuka eFrance ugila izimanga ngokuqhululela iqembu lakhe amagoli abalulekile. Akagcini ngokuwavalela kuligi kuphela kodwa nasemqhudelwaneni omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League wenza esifanayo. Wavalela amagoli amathathu iReal Madrid idlala neParis Saint Germain (PSG), baningi ababethi ezikaBenzema ngeke zibuye kodwa wazibuyisa.
Wenze esifanayo emasontweni edlule evalela amagoli amathathu iLos Blancos (iReal Madrid) itholene phezulu neChelsea FC yase-England okuyiyo evikela i-UEFA Champions League kumlenze wokuqala owabe ukwelamaNgisi, ngomlenze wesibili nguye owashaya igoli elimqoka elenze ezakhe zadlula kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano. Ngeledlule iReal Madrid ibilandela ngemumva ngamagoli amabili eqandeni ibhekene neSevilla, kodwa yagcina inqobile ngamathathu kwamabili uBenzema uye oshaye igoli lesithathu.
Maningi amathuba okuthi iReal Madrid imuke neligi yaseSpain iSpanish La Liga njengoba izihola phambili ngamaphuzu ali-10 kwizimbangi zayo iFC Barcelona, uBenzema kuyimanje useshaye amagoli angama-25 emdlalweni engama-28 wakhanda ali-11. ILos Blancos ikowandulela owamanqamu e-UEFA Champions League.
Uma kungathiwa iyayinqoba i-UEFA Champions League iReal Madrid kobe kumfanele ukuthi uBenzema awunqobe umklomelo omkhulu emhlabeni iBallon d’Or, angikuboni nhlobo okobe kumvimba ekutheni anqobe. Angingabazi nokuthi lokho kobe kunezelwa ukuthi yena nezwe lakhe iFrance bazokwenza kahle kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba ezokuba ngoZibandlela eQatar nonyaka.
UBenzema uyadinga ukuthi imhloniphe iReal Madrid njengoba yenzile eminyakeni edlule ihlonipha uCristiano “CR7” Ronaldo eminyakeni edlule.
Ukwenza kahle kwaBenzema ekubeni esebizwa ngekhehla kuyangixaka ngoba abadlali abalingana naye kuleli iningi labo liyaqeqesha, liyahlaziya abanye bagijima ku-ABC Motsepe League, abanye akusaziwa nokuthi indaba yabo yaphelelaphi kodwa bebegijima ebholeni elikhokhelwayo. Lokho akungithusike ngoba umdlali lapha eNingizimu Afrika uthola ithuba lokuziveza esigabeni esikhokhelwayo eneminyaka engaphezulu kwengama-25 nokuyinto engiyohlezi ngiyihlaba kakhulu ukuthi ngempela izinhloli zenzenjani kungani kungabhekwa amakhono ezigabeni ezincane.
Bayabaleka abadlali abadlale kwaze kwabonakala ukuthi iminyaka isibahambele, kodwa uthando basanalo lapho ngibala uSiyabonga “Bhele” Nomvethe owaze wahlanganisa iminyaka engama-40 esagijima, uReneilwe Letsholonyane owawabeka ethala eneminyaka engama-39, kube uJabulani Maluleka eneminyaka engama-40.