UMnquhe uyaziphendulela kubagxeki bakhe
UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
Lesi sihloko sisuse umsindo saba yindaba egudwini kuyinhlolokhono yabehluleli ebeyenziwe Goli ngempelasonto yomhla ziyisi-8 kuMbasa wezi-2022) lapho bengihlaselwa khona ngamalungu eKhomishini ethi encwadini yami esihloko sithi “Revelation of God`s Truth and Plan “ (Ukwembulwa Kweqiniso LikaMvelinqangi Nesu Lakhe phansi kwesihlokwana esikhuluma ngobudlelwane bocansi phakathi kwabantu bobulilibunye (obufanayo).
Nina boHlanga angicacise ukuthi angikaze ngicwase, ngithunaze isithunzi, noma ngehlulele abantu abanobudlelwane bobulili obufanayo. Futhi ekusebenzeni kwami nasempilweni nje yami akukho noyedwa othi ngake ngenza into enjalo, akukho nasehlakalo sinye esitshengisa ukuthi nginalowo moya. NguMvelinqangi kuphela onamandla okwehlulela abantu ngaphansi komkhakha wenkolo. Okwenzeka lapha ukuthi ngesikhathi kunempikiswano ngokweBhayibheli ukuthi uMdali uthini ngalobu budlelwane ngabeka ngathi uMdali umelene nalobu budlewalwane kangangokuthi wayekhipha izigwebo ezinzima phezu kwabantu ababetholakala bekubo (Levi 20:13, AmaRoma 1:26-28; 32). Nokho-ke ngacacisa ukuthi kulesi sikhathi somusa akusekho muntu obulawayo nokufanele abulawe ngenxa yokuthi unalobu budlelwane lokho kukodwa akusho ukuthi ubudlelwane uMdali useyabemukela kepha wemukela umuntu kuphela obonayo ukuthi isenzo sakhe uMdali akasemukeli aphenduke (abaseKorinte Bokuqala 6:9-10; Duterenomi 23:17).
Kulesi sihloko kuqhathaniswa imizi yaseSodoma neyaseGomora lapho uMvelinqangi abhubhisa khona abantu, isizathu esinqala salokho kubhujiswa kwakuyibo lobu budlelwane. Lokho kwenzeka ngemuva kokuba esebaxwayisile kodwa abangamlalela (Genesisi 13:10; 18, 19:25) Ngakolunye uhlangothi kunabantu baseKorinte ababekubo lobu budlelwane nokunye okwathi nxa uMphostoli uPawula eshumayela kubo baphenduka babuyeka lobu budlelwane nezinye izenzo uMdali angazifuni basindiswa ngamandla kaMoya Ongcwele (AbaseKorinte Bokuqala 6;9-11). Ngakho-ke kuxwayiswa amakholwa nabafisa ukulandela uMdali ukuthi uma bekhetha indlela yokuphila yaseSodoma neyaseGomora ithuba lokubhubha kubo likhulu kodwa nxa bekhetha indlela yokuphila yabaseKorinte bayophila. Umusa wenzelwe bonke abafisa ukuphenduka balalele uMdali . Wonke umuntu ofuna ukubuyisana noMvelinqangi kufanele aphenduke ashiye lokho akwenzayo iNkosi engakufuni kodwa uma engakwenzi lokho ngeke asizakale.
Ngifisa kucace futhi kwaziwe ukuthi incazelo nemibono ebekiwe kule ncwadi akusiyo eyami kodwa isuselwa ekuhumusheni lokho iBhayibheli elikushoyo hhayi engqondweni yami. Nxa kuhumusheke ngokuthi ngiyabacwasa ngihlulela abantu abathandana benobulili obufanayo, cha akunjalo. UMthethosisekelo uyabavumela ukuthi bathandane kodwa ngokweBhayibheli akunjalo. Ngakho-ke ukuhunyushwa nokusetshenziswa kweBhayibheli noMthethosisekelo akufani futhi akuhambelani kwezinye izinto. Uma kukhona ongezwanga kahle waphatheka kabi ngiyaxolisa futhi ngicela ukuthi akwamukele ukuthi akukho muntu engimcwasayo nengimbukela phansi ngenxa yalokho ayikho nakwenzayo. NgokweBhayibheli nguMdali kuphela onamandla okwehlulela .
Bonke abantu abakaMdali uyabathanda ngokufana. Ngicela noma ngubani onomqondo nongabanomqondo wokuthi mina angibathandi abantu abathandana benobulili obufanayo azi futhi akwamukele ukuthi akusilo iqiniso lelo, akukho nobuncane ubufakazi obukhombisa lokho. Bengibhecwa nje ngobende inyama ngingayidlanga kusetshenziswa le ncazelo yami njengetulo lokungivimbela ukuze isikhundla sikaMengameli waBehluleli KwaZulu-Natal singathathwa ngowoHlanga. Ngeshwa liphumelele lelo tulo ngenxa yokuthi amalungu eKomishini awathandanga ukuyizwa incazelo yami. Laba abebengibeka icala bebengafuni nokuzwa ukuthi ngithini ngoba lokho bekungaphazamisa isu labo.
Akukho lapho ngihlanganisa khona iBhayibheli nomsebenzi wami wokwahlulela ngokwezwe. Uma ngisemsebenzini wokwahlulela ngisebenzisa umthetho kanye noMthethosisekelo futhi kangibuki ukuthi ophambi kwami uluhlobo luni, ubulili buni, ungowasiphi isizwe uyakholwa noma cha kodwa ngibheka ukuthi udaba lwakhe lumi kanjani nobufakazi obukhona. Makungabi bikho ongabaza ukwahlulela kwami ngezizathu ezibekwe yilabo abebengibeka icala. Nokho ngizithole ngisesimweni esingesihle ngoba kubuzwe ngesihloko esingahlangene nakancane nomsebenzi wokwahlulela kodwa esiphathelene nenkolo ngisho amakholwa angavumelani ngayo. Nabantu ebengikhuluma kubo bese kuvele sebenelisiwe ngasebekuzwile ngami ngakhoke bebengasafuni ukuzwa lutho ngami.
Ngiyethemba ukuthi incazelo yami ngenkulumo esencwadini nesehlakalo esenzekile kuyinhlolokhono iyezwakala. NgokweKhomishini yileso sizathu kuphela esenze ukuthi ngingasitholi isikhundla. Nokho-ke konke okwami kusezandleni zikaJehova nguyena ongazi kangcono kunawo wonke umuntu okhona emhlabeni.