Kuzoshiyana ukuphonsa kudlange ukunqaka eHoy Park
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli webhola lomnqakiswano KwaZulu-Natal uNks uGugu Ngema uthi balijabulele kakhulu ithuba abalinikwe yiNetball South Africa (NSA) ukuthi basingathe umqhudelwano wamaqembu iTelkom Netball League (TNL).
Isifundazwe iKwaZul(u-Natal kusukela mhla zingama-26 kwephezulu kuya mhla zimbili kuNhlaba, izosingatha lo mqhudelwano ozobanjelwa enkundleni iHoy Park.
“Sijabule kakhulu ukuthi isifundazwe sethu sikwazile ukusingatha lo mqhudelwano omkhulu kangaka ekubeni sekusemome ngaphambi kokuthi elakuleli lisingathe iNdebe YoMhlaba ezokuba ngonyaka ozayo. Lokhu kuzonika abanye abadlali ithuba lokuziveza, kwazi bani abaqeqeshi bengabaqoka eqenjini elizomela iNingizimu Afrika ngonyaka ozayo” kusho uNks uNgema.
Ebuzwa ngokubuya kwabalandeli uthe: “Iyonanto esinethemba layo ukuthi amaqembu alapha KwaZulu-Natal azokwenza kahle, ngoba abadlali bazobe bedlalela phambi kwamalungu omndeni, izihlobo, nabangani. Ukuzethemba kuzobe kuphezulu kakhulu, sibonga uMnyango Wezemidlalo kulesi sifundazwe oholwa uMhlonishwa uHlengiwe Mavimbela” usho kanje.
Amaqembu adabuka KwaZulu-Natal iKingdom Stars neKingdom Queens. IKwaZulu-Natal izosingatha umlenze wokuqala weTNL, kuthi umlenze wesibili ubanjelwe eKapa lapho kuzobe kudlalelwa khona eyomhlaba ngonyaka ozayo.
“Siyafisa ukuthi abantu bewuthande lo mdlalo, bewuseke kuze kube kufika eyomhlaba ngonyaka ozayo. Lokho kuzokwenzeka ngokuthi njalo ngoLwesihlanu abantu bagqoke imifaniswano yejezi lesizwe lomnqakiswano, njengoba kwenzeka ngonyaka wezi-2010 kuneNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo” kusho uNks uNgema.
Unxuse abantu ukuthi baphinde baphume ngobuningi bezokweseka umqhudelwano weTNL.
ITNL yasungulwa ngonyaka wezi-2014 ngesikhathi ibizwa ngeBrutal Fruit Netball League, iqale ukubizwa ngeTNL ngonyaka wezi-2019.
Lo mqhudelwano udlalwa amaqembu ali-12 kukhona amaDivision amabili. KuDivision 1 kukhona iStings yaseWestern Cape, iCrinums yaseFree State, iFlames yaseNorth West, iKingdom Stars yaKwaZulu-Natal, iJaguars neGolden Fireballs baseGauteng. KuDivision 2 kukhona i-Aloes yase-Eastern Cape, iKingdom Queens yaKwaZulu-Natal, iBaobabs yaseLimpompo, iSunbirds yaseMpumalanga, iDiamonds yaseNorthern Cape neTornadoes yaseWestern Cape.
Eqhuba uNks uNgema uthe:”Okungijabulisayo ukuthi iKingdom Queens izobe iqeqeshwa uPrecious Mthembu, lo mqeqeshi udlale isikhathi eside amava anawo makhulu kakhulu. Udlalile kuKingdom Stars naseqenjini lesizwe isikhathi eside. Ngalokho singabona iKingdom Queens yenza ezibuzwayo, imangaza abantu abaningi” usho kanje.
UPrecious onoLevel 2 ekuqeqesheni, uqeqeshe iGilbert Stars edlala kuKZN Netball Super League, unqobe iligi amahlandla ayisi-5 kulandelana. Le ntokazi yakwaNyuswa kodwa esihlala eWaterloo idlale amahlandla angama-97 kwelesizwe, udlale iNdebe YoMhlaba kabili waphinde wadlala kumaCommonwealth Games. Uphinde abe isekela mqeqeshi eqenjini lesizwe labaneminyaka engaphansi kwengama-21. Udlale nabadlali okubalwa kubo uBongiwe Msomi noJessica Khomo.

