Yethembisa ukuthi bazoqhubeka nokwenza kangcono ekaMphephethe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umgadli weLindelani Ladies uZethembiso Vilakazi uthi ngeke bayithathe neze kancane iFC Angels. La maqembu agijima kuSasol League esifundazweni iKwaZulu-Natal, aseqoqweni B kwazise kunamaqoqo amabili. ILindelani Ladies iyona ezihola phambili kuleli qoqo, izodlala neFC Angels ehlezi emsileni kule mpelasonto. Lo mdlalo ozokuba ngeSonto uzobanjelwa enkundleni esetshenziswa iLindelani Ladies iJohn Dory, eNewlands East ngelokuqala emini.
ILindelani Ladies ihlezi esicongweni nje ingoba ngeledlule ikwaze ukubhaxabula iWestville United okuyiyo ebiqhwakele.
“Ukunqoba kwethu ngeledlule kusijabulise kakhulu, bekuwumdlalo omkhulu kakhulu kithina. Kube umdlalo onzima kakhulu, kodwa indlela esidlale ngayo itshengisile ukuthi ngempela siyafuna ukuya phambili okuwukuthi siyodlala kuNational League” kusho uZethembiso
Emdlaweni eyisi-6 iLindelani Ladies inamaphuzu ali-18, ilandelwe iWestville United nayo enamaphuzu ali-18 kodwa inemidlalo eyisi-7 kanti iFC Angels yona isendaweni yesi-8 ayinaphuzu.
ElaboHlanga limbuza ngamalungiselelo angomdlalo wangeSonto uthe: “Wonke umdlali uzimisele ukuthi siqhubeke nokwenza kahle, ithuba lethu lokuthi sivule igebe kuWestville United. Engingakusho nje ukuthi ngeke siyithathe kancane iFC Angels, ukuthi ikuphi kulogi akusho lutho ibhola liyagingqika kungenzeka noma yini ingakho sizoyihlonipha nje. Into esizitshele yona kuqala iligi ukuthi umdlalo nomdlalo kumele siwuthathe njengowamanqamu, ngikholwa ukuthi lokho kusasisebenzela kakhulu,” kusho le ntokazi.
UZethembiso uneminyaka yobudala eli-19, wazalelwa ePaulpietersburg ngokuhlala manje uhlala eLindelani. Wafunda eNdabomuhle Primary School, waqeda amabanga aphezulu eMandlenkosi High School kanti manje wenza iziqu zeBEd e-University of KwaZulu-Natal (UKZN).
Ngokusho kwakhe uthi waqala ukudlala unobhutshuzwayo ngonyaka wezi-2009, uthi kwakunzima kakhulu ngoba unina mayebuya ejimini wayehlezi emunika induku kwazise wayengayizwa eyokuthi ingane yakhe idlale unobhutshuzwayo. Uthi okwakumenza adlale unobhutshuzwayo ingoba umalume wakhe wayeneqembu labesifazane.
“Angizisoli nhlobo ngokuthi ngikhethe unobhutshuzwayo, wakwazi ukuthi ungivikele ezintweni eziningi ezenziwa abantu besifazane ikakhulukazi abancane. Ukube ngadikibala ngabe angikho lapho engikhona namuhla” kusho uZethembiso.
Kuyimanje kuligi usekwaze ukuvalela phakathi amagoli ali-13 emdlalweni eyisi-6 nje vo.
Kusukela ngonyaka wezi-2013 kuya kunyaka wezi-2017 wadlala umqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngokuthi i-South Africa Local Government Association (SALGA) Games, ngonyaka wezi-2016 wahamba wayodlala umqhudelwano i-One Nation Cup eyabe ibanjelwe eGermany.
Kuthe ngonyaka wezi-2018 wadlala umqhudelwano iBricks eyabe ibanjelwe eGoli, unyaka angasoze awukhohlwe owezi-2018 lapho ayehambe neqembu elaliyomela iNingizimu Afrika e-Uruguay emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba yabangaphansi kweminyaka eli-17.
Kuthe ngonyaka wezi-2019 wadlala umqhudelwano iCOSAFA Cup eyabe ibanjelwe khona kuleli eGoli.
“Unyaka wezi-2018 angisoze ngawukhohlwa ngoba ngakwazi ukudlala iNdebe YoMhlaba, okuyinto efiswa abadlali abaningi. Phezu kwakho konke imina kuphela owakwazi ukutholela elakuleli igoli khona e-Uruguay. Ngangithi ukushaya kwami igoli kuzokwenza ngithole ithuba emaqenjini amakhulu kodwa kwangenzeka, angazi noma ingoba ngidlala eqenjini elinganakekile yini” kusho uZethembiso.
Uthe izifiso zakhe zimbili njengamanje ukuthi abizelwe eqenjini iBanyana Banyana bese ethola ithuba lokuthi ayogijima phesheya kwezilwandle.