Now Reading
Wenza ezibukwayo neTigers uDomingo wakuleli
Dark Light

Wenza ezibukwayo neTigers uDomingo wakuleli


Uthi akabambele muntu igqubu ngesinqumo sokuthi inkontileka yakhe igcine ingavuselelwanga ngoba akushintshi ukuthi ungowalapha.


Uphumela obala ngothando lezwe lakhe umqeqeshi waseNingizimu Afrika uRussell Domingo ogila izimanga neqembu lesizwe laseBangladesh emidlalweni yosuku olulodwa.

Njengamanje amaTigers (iBangladesh) yiwona aqhwakele emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni YoMhlaba ezoba se-India ngonyaka ozayo.

Namanje umhlaba wonke usamangele ngezimanga ezigilwa nguDomingo eqenjini lesizwe laseBangladesh.

Muva nje usanda kuqopha umlando ethela othulini iProteas ngo-2/1 emidlalweni emithathu yosuku olulodwa. 

Bekungokokuqala emlandweni iTigers ishaya iProteas eNingizimu Afrika. Konke lokhu kwenzeka ngaphansi kobuholi bukaDomingo oke wacija iProteas eminyakeni eyedlule kodwa inkontileka yakhe yangalulwa ngemuva kokuthi ifike emaphethelweni.

Exoxa nelaboHlanga udalule ukuthi akayibambele gqubu iCricket South Africa (CSA).

“Uthando lwami lweNingizimu Afrika alusoze lwaphela. INingizimu Afrika iyohlale esenhliziyweni yami. Yilapho engizalelwe khona ngaphinde ngakhulela khona. Iminyango yokubuya ngelinye ilanga angiyivalile. Angingabazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyobuyela ekhaya kodwa okwamanje inhliziyo yami iseBangladesh. Yilapho engigxile khona okwamanje. Angiyibambele gqubu iCricket South Africa. Ngiyifisela okuhle kodwa. Nokho njengoba inhliziyo yami ilapha eBangladesh okwamanje uma ngibhekene namaProteas ngisuke ngifuna ukuwahlula. Ngijabule ukuthi sikwazile ukuqopha umlando lapha eNingizimu Afrika. Angizange ngibe nazwelo ngoba bengisemsebenzini,” kubeka uDomingo oseholidini eMzansi njengoba isizini yekhilikithi isathathe ikhefu.

IBangladesh ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu-120 ngemuva kwemidlalo eli-18. Ivule igebe lamaphuzu angu-25 kwelamaNgisi ayibambe endaweni yesibili.

“Into ewukhiye kule mpumelelo yeBangladesh emidlalweni yosuku olulodwa wukuthi iqembu asilishintshashintshi. Wonke umuntu uthola ithuba elanele lokuzibonakalisa. Eminyakeni eyedlule iqembu lesizwe laseBangladesh belishintshashintsha. Ngaleyo ndlela iqembu belihluleka wukubamba umgqigqo. Njengamanje umdlali nomdlali uyazazi ukuthi yini elindeleke kuyena. Phambilini bekungenjalo. Sathi uma sifika sahlaziya iqembu esizokwakhela phezu kwalo. Ngemuva kwalokho sibe sesenza isiqiniseko sokuthi umdlali nomdlali uyaqonda ukuthi yini elindeleke kuyena. Siqalile-ke sathola imiphumela emihle emazweni ahlukene,” kuchaza uDomingo.

Amazwe ayisishiyagalombili aqede phezulu azozibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba. “Okunye okuhle wukuthi laba abangadlali uma benikwa ithuba balibamba ngezandla zombili. Njengamanje sesinalo iqembu labadlali abali-15 esilethembayo,” kusho uDomingo.

IProteas ilengele engozini yokuphuthwa yiNdebe YoMhlaba. Iyibambe endaweni yeshumi nanye.

See Also

“Iqembu alikafiki kuleli zinga esihlose ukufinyelela kulona kodwa kancane kancane liyadlondlobala. Angeke siyifake ikhanda impumelelo. Okwethu wukwenza isiqiniseko sokuthi sifaka iqembu kweyeNdebe yoMhlaba bese silwela ukwenza kahle. Ukhalo luselude kakhulu. Nabadlali bayakuqonda lokho,” kucacisa uDomingo.

Kwelesizwe laseBangladesh uDomingo usebenza nengwazi yeProteas, u-Alan Donald opheka abashwibi. “Sinezinjongo esifuna ukuzizuza. Njengamanje isibalo esikhulu esake sashaywa yiBangladesh emidlalweni yosuku olulodwa ngama-run angama-333. Iqembu ngilibekele ijoka lokuhlanganisa ama-run angama-350 emidlalweni ezayo ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo. Yizinto ezincane njengalezi ezenze iqembu lingazikhukhumezi. Ngaso sonke isikhathi lihlale lilambele ukuphumelela,” kubeka uDomingo.

Lo mqeqeshi oneminyaka engama-47 ubudala ufake iProteas kweyandulela amanqamu eNdebe YoMhlaba yeT20 ngowezi-2014 nakweyosuku olulodwa ngowezi-2015. Ushiye kuProteas ngowezi-2017. Kwelesizwe lakuleli uhlale iminyaka eyisithupha. Waqala njengephini likaGary Kirsten ngowezi-2011 kwathi ngowezi-2013 wathatha njengomqeqeshi.

“Uma siqala isizini yowezi-2022/23 sizobhekana neqembu lesizwe laseWest Indies neZimbabwe kweyosuku olulodwa. Le midlalo angeke ibalwe emidlalweni yokuhlunga ngoba sesike sabhekana nala mazwe. Sizonika abanye abadlali abangajwayele ukuthola ithuba ngoba le midlalo ayibalwa kweyokuhlunga,” kulandisa uDomingo.

IBangladesh ayizange ilibone elidlalayo ngesikhathi ibhekene namaProteas emidlalweni yama-Test. IProteas inqobe ngo-2/0 emidlalweni emibili yochungechunge lwamaTest.

“Izinto ziyathembisa kweyosuku olulodwa nakuT20. Lapho kusaxega khona amabhawodi yisemidlalweni yamaTest. Lide ibanga okusamele silihambe kulolu hlobo lomdlalo kodwa kweyosuku ololudwa nakuT20 impela kuza kahle. Emidlalweni yamaTest kuthatha isikhathi ukwakha iqembu eliqinile ngoba sidlala imidlalo emincane onyakeni. Sizolokhu siqhubeka nokulwela ukwenza kahle ekuhambeni ngoba ekhaya asibambeki.” kuphetha uDomingo.

Scroll To Top