UJoko usemi ngomumo ngeDC Marathon



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindelwe abasubathi abangafinyelela cishe ezinkulungwaneni ezine abaqhamuka ezindaweni ezihlukene kulo mqhudelwano womjaho oke wangabanjwa iminyaka emibili
Umgqugquzeli womqhudelwano wokusubatha iDurban City Marathon, uCeli Makhoba uthi akusekho okungavimba lo mqhudelwano ukuthi ungabi bikho. Lo mqhudelwano ugcine ukuba khona ngonyaka wezi-2019, ngonyaka wezi-2020 nanyakenye awubanga khona ngenxa yokhuvethe olwamisa izinto eziningi emhlabeni jikelele.
“Amalungiselelo alo mqhudelwano ahambe kahle kakhulu asikuboni okungenza ungabibikho kulo nyaka, into okuyiyo eyenze wangaba bikho kule minyaka emibili edlule ukhuvethe siyabona ukuthi lwehlile kakhulu ingakho noMengameli wezwe evule izinto eziningi. Engingakusho nje ukuthi abantu kuzomele balindele into yamehlo, ngoba izinga lalo mqhudelwano lizobe liphezulu kakhulu” kusho uMakhoba elumana indlebe nelaboHlanga.
Lo mqhudelwano uzosingathwa okwesi-7 uma ingabalwa le minyaka emibili edlule, kwazise wasungulwa ngonyaka wezi-2014.
Ngokusho kukaJoko (okuyisithazelo sakwaMakhoba) balindele abasubathi abayizinkulungwane ezine, kodwa sebenabo abantu abayi-3100 asebebhalisele ukuba yingxenye yalo mqhudelwano. Kuzoqhubeka namuhla ngoLwesihlanu nakusasa ukubhalisela ukungenela ukuba yingxenye yeDurban City Marathon ezokuba ngeSonto ekuseni.
Kuzogijinywa amabanga amathathu ahlukene lapho kubalwa elika-42,2km, elika-21,1km nelika-10km. Lo mjaho uzoqala emgwaqeni uMasabalala Yengwa Avenue eceleni kwenkundla iMoses Mabhida Stadium neKings Park Stadium.
Okunguye ozoshaya intambo ebangeni lika-42,2km uzogoduka nezi-R10 000, ozophuma endaweni yesibili ahambe nezi-R7 000, kweyesithathu ahlomule izi-R5 000. Kanti ebangeni lika-21,1km ozolala unombolo-1 uzothola izi-R4 000, kweyesibili kube izi-R2 000, kuthi kweyesithathu ahambe ne-R1 000.
Ebangeni lika-10km ozonqoba uzothola u-R2 000, olandelayo athole u-R1 500 kuthi ophume kweyesithathu athole u-R1 000.
“Ukhuvethe lusibambezele kakhulu ngoba ngikhuluma nje ngabe lo mqhudelwano ukude kakhulu. Eminyakeni edlule besinabasubathi abaqhamuka emazweni angaphandle abaningi, kodwa isibalo sabo kulo nyaka sincane ngoba amanye amazwe asayiqinisile imithetho yokuhamba. Indlela ozoba yiwo kulo nyaka uzoshiya abaningi bewuthakasele, kwazise baningi abasubathi abazoba yingxenye yawo abanamagama” kusho uMakhoba.
ElaboHlanga likhulume nentokazi ezoba yingxenye yalo mqhudelwano uJenet Mbhele ongowokudabuka dabuka eMzimkhulu.
“Ngiqale kahle ukuziqeqesha kuleli sonto, ngeledlule ngike ngaphathwa umkhuhlane kodwa ngikulungele ukuba semgwaqeni ngeSonto. Kuyisifiso sikanoma ubani ukufisa ukunqoba, nami nakanjani ngifukuna kube yimi oshaya kuqala intambo” kusho uJenet.
Le ntokazi egijima ngaphansi kweXcel Running Club iza kulo mqhudelwano nje ngoNhlolanja yanqoba umqhudelwanoiBest of the Best Marathon, nalapha ayegijima khona ebangeni lika-21km. Washaya intambo ngesikhathi esiwu-2:40:59. Isibili kwaba nguJenna Challenor (2:51:41), isithathu kwaba uLieketseng Molefe (3: 17:16).
Uthe uma enganqoba ufisa kube ukuthi unqoba ngesikhathi esincane noma ingabe kuthi isikhathi esiwu-2:39:00.
Ebuzwa ukuthi kunjani ukugijima ngaphansi kweXcel Running Club ayijoyine kulo nyaka uthe: “Ukujoyina iXcel kwaba yinto enhle kakhulu kumina, nami njengomsubathi ngangifuna ukukhula. Ngahamba kahle kwiMzimkhulu Running Club engigijime kuyona iminyaka. Ngizimisele ukuqhubeka nokuphakamisa ifulegi leXcel, eyangamukela ngezandla ezifudumele” kusho uJenet.