Now Reading
Umqeqeshi ukhala ngo‘khaxa’ ongekho kuMshini
Dark Light

Umqeqeshi ukhala ngo‘khaxa’ ongekho kuMshini

Usephumele obala ngezizathu ezenza uNkosingiphile Ngcobo akhuhle ibhentshi kuKaizer Chiefs umqeqeshi weqembu uStuart Baxter. UNgcobo ulizwa ngendaba ijezi. Njalo uma enikwe ithuba ungena enze umehluko kuMakhosi.

UNgcobo ugqame kakhulu ngesikhathi izintambo zisabanjwe ngu-Arthur Zwane. Kuthe kungafika uBaxter izinto zaguquka.

Ebuzwa ngabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neTS Galaxy FC kuDStv Premiership eFNB Stadium ngokukhuhla ibhentshi kukaNgcobo udalule ukuthi akazi ukuthi kumele amdlalise kuphi lo mdlali odabuka eMgungundlovu.

“Kunezizathu ezahlukene ezenza uMshini angayiqali imidlalo yeqembu. Angeke ngiqambe amanga usebenza ngokukhulu ukuzikhandla uma esenkundleni. Uyazinikela futhi uyahlonipha,” kuchaza uBaxter ngoNgcobo.

NgoLwesibili ungene esuka ebhentshini wafika washintsha umdlalo. Ucishe washayela iChiefs igoli lokunqoba umdlalo usuyophela.

“UNgcobo ubanga ijezi nezinsika zeqembu. Ubanga ijezi noBernard Parker, uKeagan Dolly noKhama Billiat. Ubanga ijezi nenqwaba yabadlali. Yingakho okwamanje engalitholi njalo ithuba,” kubeka uBaxter. Kule sizini, uNgcobo usedlale imidlalo eyisishiyagalolunye yeligi washaya amagoli amabili wakha elilodwa.

“Okwamanje ngisakuthola kunzima ukutholela uMshini indawo ezomhlala khaxa. Le nto ngiyibhungile nethimba labaqeqeshi. Okwamanje angikayitholi indawo ezomhlala khaxa uma ngibheka isitayela esisisebenzisayo,” kusho uBaxter.

KuNedbank Cup, uNgcobo udlale umdlalo owodwa. Ezakhe ziphume ekuseni ziwashiswa ijezi yiTS Galaxy.

“Angisho ukuthi angeke akwazi ukudlala kulesi sitayela esisisebenzisayo. Sesimzame ezindaweni ezahlukene kusukela kuqale isizini kodwa ayikho esamhlale khaxa,” kulandisa uBaxter.

UNgcobo usavunywa yiminyaka. NgoLwezi uzobe ehlanganisa iminyaka engama-23 ubudala. “Sike sazama ukumdlalisa ngokwesokudla phambili ngoba sifuna angene ngaphakathi bese ededela amashodi ngoba uyakwazi ukukhahlela ibhola,” kuchaza uBaxter.

UNgcobo unyuselwe eqenjini elikhulu nguZwane abesebenzisana naye emaqenjini enkulisa kuMakhosi.

“Ngesikhathi sibhekene neTS Galaxy kuNedbank Cup sazama ukumsebenzisa njengomgadli ocashile ngoba sifuna angene azikhaleni. Leli qhinga alizange lisebenze osukwini,” kubeka Baxter.

See Also

Emidlalweni ezayo kubukeka esazoqhubeka nokuqala imidlalo ebhentshini. “Kungenzeka ukuthi mhlawumbe iphutha lingakimi ekutheni kuze kube yimanje angikayitholi indawo emhlala khaxa. Kungenzeka futhi iphutha lingakuye ekutheni akakayibambi indlela engifuna adlale ngayo ohlelweni lwethu lokudlala,” kusho uBaxter.

Abathandi bebhola bayasihlaba isinqumo sikaBaxter sukugquma uNgcobo ebhentshini. “Ukungayitholi indawo emhlala khaxa akuchazi ukuthi sengiphose ithawula ngoMshini. Lokho akusho futhi ukuthi angiliboni ikhono lakhe njengomdlali. Ungumdlali oseqophelelweni eliphezulu lokho angeke sikubalekele kodwa kumqoka ukuthi simtholele indawo esizokwazi ukubona ikhono lakhe ngokuphelele.” kubeka uBaxter.

Amakhosi akakalilahli ithemba ngokudla isicoco seligi. 

“Asikaze sithi sesilahle ithemba embangweni wesicoco seligi. Sizolwa kuze kube sekugcineni. Indaba yemidlalo emibili esingayidlalanga ngenxa yokhuvethe ayisekho ezandleni zethu. Okwethu wukwenza umsebenzi nokuqoqa amaphuzu kuyo yonke imidlalo esiyidlalayo. Uma imidlalo ibuyela enkundleni sizokwenza konke okusemandleni ukuthola imiphumela. Siyazi ukuthi ukubuyela kwale midlalo emibili akuchazi ukuthi sesithole amaphuzu ayisithupha kodwa lawa ngamaphuzu okusamele siwalwele.” kusho uBaxter.

IChiefs izodlala phambi kwabalandeli bayo okokuqala ngemuva kweminyaka emibili ngesonto elizayo.

“Kunzima kimina ukuqagela ukuthi abalandeli bazongamukela kanjani. Angikwazi wukuthi sinabalandeli abazifelayo ngeqembu. Sinabalandeli abahlale befisa ukuthi iqembu lenze kahle. Kuhle ukuthi sebeyabuyela ezinkundleni. Angingabazi ukuthi bakulangazalele ukubuyela enkundleni bezokwenza umehluko.” kuphetha uBaxter.

Scroll To Top