Kukhona ababona okwenzeka eDiepsloot kuyisiqalo sokukhulu


Ngesikhathi sokhetho loHulumeni Bendawo ngoLwezi wezi-2021 abantu bakuleli bakukhombisa ngokusobala ukuthi uma iqembu elibusayo lingazilaleli izikhalo zawo yibo abanamandla okulikhipha emandleni.
Lokhu bakukhombisa ngokuthi iningi lungalubhadi ezikhungweni zokuvota, nalabo ababejwayele ukuvotela leli qembu, amavoti abo bawanika amaqembu aphikisayo namancane.
Umphakathi waseDiepsloot eGoli ungomunye owakuveza ukunganeliseki ngeqembu elibusayo futhi kwagqama kakhulu ngokungasondeli ezikhungweni zokuvota. Ngelanga lokhetho ingxenye enkulu yomphakathi walapha yayibonakala izulazula ezitaladini abanye babekubeka ngokungahlonizi ukuthi sekukaningi bemasha bedlulisela izikhalo zabo kuHulumeni oholwa uKhongolose kodwa zishaywe indiva.
Okwakuseqhulwini kufunwa umphakathi ukuthi uHulumeni athathe le ndawo njengazo zonke, ihlinzekwe ngazo zonke izidingo nezinsiza zansukuzonke zomphakathi.
Okunye kwakho kwabe kungukuthi ihlinzekwe ngeziteshi zamaphoyisa ezingomahambanendlwana, imitholampilo, ugesi namanzi okufinyeleleka kalula kukho.
Umbhikisho oqale ngasekuqaleni kwesonto lapho umphakathi walapha uvuke umbhejazane wavala thaqa zonke izintuba ezingenela khona ngamathayi avuthayo ufuna ukuba uhlinzekwe ngamaphoyisa ngoba ukhala ngezinga eliphezulu lobugebengu kwabaningi awuthusanga.
Umphakathi ukhala ngokuthi zinsuku zaphuma kule ndawo kubikwa izigameko zokubulawa kwabantu, kugqekezwa imizi kudlwengulwe nabesifazane nezingane. Umphakathi uthi uyabika emaphoyiseni ngalezi zigameko utshelwe ukuthi amaveni awekho noma kuvulwe amacala agcina ngokuphelela emoyeni.
NgoLwesithathu uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele, uKhomishana uFannie Masemola, oPhathiswe Ezokuphepha eGauteng uNkk uFaith Mazibuko nezikhulu zamaphoyisa bahambele kule ndawo balalela izikhalo zomphakathi. UCele uthwale kanzima ngoba umphakathi ubumbalela izikhalo zawo zeminyaka ezidluliselwa emaphoyiseni othi awazi ukuthi zigcina ziphelelephi.
Okunye okukhalise umphakathi ukuthi le ndawo isigcwele kakhulu abokufika futhi yibo abaqhuba amabhizinisi okuthi uma bona bewaqala baboshwe bafunwe namaphemithi okudayisa. Izolo ezintatha umbhikisho womphakathi uthathe elinye igxathu ngesikhathu kubulawa owesilisa ongowokudabuka eZimbabwe ohlala kule ndawo.
Imibiko engaqinisekiswanga ithe umphakathi uhlasele le ndoda osekunesikhathi ihlala lapha uyibuza ukuthi ihlala ngaliphi, nokuthi inazo yini izincwadi ezisemthethweni zokuhlala eNingizimu Afrika.
Isigameko sayizolo siwuhlukanise phakathi umphakathi walapha kukhona abathi umbhikisho wabo ubunokuthula kusuka ngoMsombuluko bagxeka ubugebengu, kanti abanye bathi umkhankaso wokukhishwa kwabokufika endaweni uyingxenye yemibhikisho yabo futhi basazoqhubeka nawo.
Abanye bomphakathi bathe bahambisana ngokugcwele nomkhankaso i-Operation Dudula omandla ezingxenyeni ezihlukene zesifundazwe iGauteng.
Le ndoda yaseZimbabwe kuthiwa itholwe yiqulu lomphakathi isendlini yayo, laqala lacekela phansi indlu maqede ladlulela kuyo layikhanda ngamatshe lase liyithungela ngomlilo.
Lesi sigameko sibe ngesinye esinyakazise uCele wanikela kule ndawo futhi izolo ehambisana nethimba eliphezulu lamaphoyisa nabaphenyi.
“Sizokwenza konke ukulandela ngalesi sigameko. Njengoba ubona sihamba nabaphenyi abasezingeni eliphezulu abazosingatha uphenyo ukuze kutholakale abenzi bobubi,” kusho uCele.
Umholi womphakathi uMnu uLefa Nkala uthe, “Sisigxeka kakhulu isenzo sokubulawa kwabantu. Sikushilo ekuqaleni ukuthi sifuna ukwenza izinto ngendlela enokuthula, kodwa manje izigebengu nezigilamkhuba sezibona ithuba lokufeza izinhloso zazo, siyakugcizelela ukuthi asihambisani nobudlova nobugebengu,” kucacisa uNkala.
Ukushuba kwesimo kule ndawo kuphoqe uKhomishana uMasemola ukuba athumele ithimba eliyisipesheli lamaphoyisa elizinze khona ubusuku nemini. Ekhuluma izolo uMasemola uthe akakwazi ukusho ukuthi ithimba lizotshalwa isikhathi esingakanani, kuzoya ngokuthi isimo sinjani.
Kusukela ngoLwesithathu kunethimba lamaphoyisa angama-30 ophiko iTactical Response Team, angaphezu kwama-20 ePublic Order Policing naphuma kuNational Intervention Unit.
Uvumile ukuthi uzizwile izikhalo zomphakathi wathembisa ukuthi lokho kuzobhekelelwa ukuze kuliwe kalula nobugebengu.
Kwezinye zezikhalo zomphakathi ezidluliselwe kuCele ukuthi uma kwenzekile amaphoyisa athunyelwa, isibalo sawo siba sincane kakhulu okwenza izigilamkhuba zikwazi ukuzenzela umathanda. Ezinkundleni zokuxhumana abantu abahlukahlukene babhale ukuthi okwenzeka eDiepsloot kubukeka kuyisiqalo sokukhulu okuzolandela ngaphambi kwengqungquthela ye-ANC yokukhetha ubuholi ezoba ngoZibandlela. U-Emmanuel Khoza uthe umphakathi waseNingizimu Afrika manje usuzama ngazo zonke izindlela ukukhombisa uhulumeni we-ANC ukuthi usukhathele izethembiso zawo. “Sibaluleka kuphela uma kumele siyovota emuva kwalokho kuba ngabokufika abahamba phambili,” UZinhle Mzelemu uthe, “Lokhu kuthumela umyalezo nakulabo abazokhethwa kwinkomfa ye-ANC,”