Now Reading
Uthi libalaphile ikhefu uMgabadeli
Dark Light

Uthi libalaphile ikhefu uMgabadeli

Ikhefu lemidlalo yeFifa lapho kusuke kudlala khona amazwe kuyenzeka libulale umgqigqo weqembu elisuke lenza kahle ngaleso sikhathi.


Ikhefu lemidlalo yeFifa lapho kusuke kudlala khona amazwe kuyenzeka libulale umgqigqo weqembu elisuke lenza kahle ngaleso sikhathi, futhi kuyenzeka lidlale indima enkulu eqenjini elisuke libhinjelwa izinto ngokuthi lihlale phansi libheke amaphutha eliwenzile bese lisebenzela phezu kwawo.

Umqeqeshi weqembu laKwaZulu-Natal eligijima kuGladAfrica Championship iRichards Bay FC uPitso Dladla ekhuluma nelaboHlanga uthe libasize kakhulu leli khefu, kwazise besebengenzi kahle.

Lo mqeqeshi ubalule ukuthi ingebhe ibisiqalile kuwona wonke umuntu njengoba leli qembu besekunzima ukuthi lithole amaphuzu agcwele kunalokho lidlala ngokulingana noma kungafanele.

“Ikhefu lisilekelelile kakhulu ukuthi sibuyele phansi nethimba labaqeqeshi nabadlali ukuthi sibhekane nale nkinga ehlasele iqembu. Okuyikhona bekuwukuthi asikwazi ukusebenzisa amathuba esiwatholayo, nokuyikho okusenza sidlale ngokulingana imidlalo eminingi. Kodwa leli thuba silisebenzise kubadlali baphambili okuyikhona lapho ebesinenkinga yokushweba. Okunye ukuthi besesidlalisa abadlali bethu abamqoka ekubeni benokuthinteka okuncane, ngalesi sikhathi baphumulile odokotela babaxilonga” kusho uDladla.

Uthe badlale imidlalo yobungani emibili neSummerfield Dynamos okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League nelizotholana neMamelodi Sundowns koweNedbank Cup Last 8. Omunye bawudlale neqembu laseBay iFlamingo.

Leli qembu eliphekwa wuDladla, liqhwakele ngamaphuzulu angama-40, lilandelwa i-University of Pretoria angama-39, iJDR Stars ibe nangama-38, kuthi iCape Town All Stars neVenda Football Academy babambene nangama-37.

Umdlalo olandelayo iNatal Rich Boys izowudlalela ekhaya nalapho izotholana khona neCape Town All, ephawula ngawo uDladla uthe: “Nakanjani lo mdlalo kumele siwunqobe, sidlala ekhaya amaphuzu agcwele into ekade sagcina ukuthi siyithole. Siyazi kuzoba nzima kodwa isigaba esikusona manje siyasiphoqa ukuthi umdlalo nomdlalo siwunqobe kakhulukazi uma sidlalela ekhaya” usho kanje.

Emdlalweni emihlanu edlule edlalwe iNatal Rich Boys idlale ngokulingana kwemine yahlulwa kowodwa.

Iningi labalandeli bakanobhutshuzwayo, ikakhulukazi KwaZulu-Natal, belizitshela ukuthi ngalesi sikhathi iNatal Rich Boys izobe idlala esigabeni esiphezulu kwazise ngesizini edlule ibiyenza into yamehlo maphakathi nayo, ihleli phezulu kulogi. Nokho ngasekupheleni kwayo yaphunyukwa umgqigqo yadlala ngokulingana imidlalo eminingi. Lokhu kwaholela ekutheni idlulwe yiRoyal AM neSekhukhune United.

See Also

Nakuba isaqhwakele kodwa kamuva, isicazelana amaphuzu nezimbangi zayo. Okushayisa ngovalo ukuthi seliya ngomutsha wendoda kwiGlaAfrica. Wonke amaqembu asalelwe imidlalo eyisikhombisa ukwenza isiqinisekiso sokuthi ayanyukela esigabeni esingenhla.

Okuphinde kufake ingcindezi kwiBay, ukuthi kumaqembu ayisikhombisa aphezulu kanye nayo, kuminyene utshumo. Ashiyana ngephuzu noma amabili.

UDladla uthe: “Kungumlando okwenziwe iBay ukuthi iqembu ngesizini edlule libe sembangweni wesicoco nangelandelayo lenze into efanayo. Abadlali, izikhulu kanye nethimba labaqeqeshi badinga ukushayelwa ihlombe. Ngiyazi ngesizini edlule sihluleke ekugcineni kodwa ngibona kulokhu kungeke nangengozi kwenzeke lokho. Asibafakali abadlali ingcindezi kodwa esikusho kubona ukuthi kumele umdlalo nomdlalo siwunqobe” usho kanje.

Uma ungabalwa lo wakusasa umdlalo iBay izosalelwa imidlalo eyisithupha kuyona izodlala ne-University of Pretoria, iPlatinum City Rovers neTS Sporting ekuhambeni, bese idlala neHungry Lion, u-Uthongathi FC ivale neCape Town Spurs yonke ekhaya.

Imiphumela yomlenze wokuqala iNatal Rich Boys ibhekene nala maqembu angenhla iveza ukuthi iwahlule wonke ngaphandle ko-Uthongathi FC. 

Scroll To Top