Now Reading
Bakhonjwe indlela abasebenzi beTS Galaxy ngokuputshuza izindaba
Dark Light

Bakhonjwe indlela abasebenzi beTS Galaxy ngokuputshuza izindaba

Kubukeka ziqonga izinkinga eqenjini njengoba nabadlali bethi bazoqhubeka nokubasela imiholo


Kukhale izembe kuTS Galaxy Football Club kulandela ukuputshuka komhlangano oqoshiwe othinta indaba yamaholo abadlali nabasebenzi kuleli qembu.

ElaboHlanga labika ngenyanga edlule ukuthi iGalaxy ihlulekile wukukhokhela abadlali, abasebenzi nethimba labaqeqeshi imiholo yabo ngoMasingana.

Ngeledlule elaboHlanga liphinde labika ngomhlangano ophuthumayo obizwe ngabadlali nabasebenzi mayelana nokungaholi. Leli phephandaba lithole umhlangano oqoshiwe wabasebenzi, abadlali nethimba labaqeqeshi obubanjelwe eSturrock Park eNyuvesi yaseWits ngeledlule.

Kulo mdlalo abadlali nabasebenzi bebebhoka ngolaka bekhala ngokungazitholi izincazelo kusihlalo weqembu uTim Sukazi (osesithombeni) mayelana nokungayitholi imali yabo izinyanga ezimbili zilandelana.

NangoNhlolanja abasebenzi, abadlali nethimba labaqeqeshi liphinde langahola. IRockets ibilokhu iphika kwabezindaba uma ibuzwa ngalolu daba.

Ngeledlule elaboHlanga limbule leli qembu izinqa ngokuthola amaminithi omhlangano oqoshiwe.

Isekela  likakaputeni lizwakale linengekile likhala ngokuthi uSukazi uyabaleka uma kuhlasele izinkinga eqenjini.

Imenenja yeqembu uNjabulo Sukazi uzwakale kulo mhlangano eveza ukuthi ubaba wakhe ongusihlalo weqembu usebenza kanzima ukuthola isigidi samarandi ukuze aholele abasebenzi.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili kusabalalel lo mhlangano oqoshiwe kwabezindaba leli qembu lixoshe abasebenzi ababili. “Okwenzeka kuGalaxy kuyadabukisa. Okubuhlungu wukuthi usihlalo wakhona uhlale ebanga umsindo kwabezindaba egqugquzela ukuthi amaqembu aphathwe ngokweqophelo eliphezulu ukuze izinga lebhola likhule kuleli. Kuyadida-ke ukuthi yena useyaphambana nasuke ekushumayela. NgoLwesihlanu iqembu lixoshe abasebenzi ababili libasola ngokusabalalisa umhlangano oqoshiwe. La basebenzi ababili baxoshiwe okwezinja ejimini yeGalaxy eSturrock Park,” kuchaza umthombo.

See Also

NgoZibandlela iRockets ithathe uhambo olubheke eTurkey ukuyodlala imidlalo yesihle namaqembu aphesheya kwezilwandle.

Lolu hambo kuvela ukuthi libize u-R3,4 million. ElaboHlanga lithole ukuthi lolu hambo yilo kanye olufake iGalaxy otakwini lwezimali. “La basebenzi ababili bathole imiyalezo kuNjabulo Sukazi ukuthi bacela bafike ejimini ngoLwesihlanu. Bathole imiqhafazo. Bathe uma befika ejimini babingelela ozakwabo njengejwayelo kodwa bekucacela ngisho ingane encane ukuthi isimo simuncu. Ngemuva kwemizuzu umqeqeshi uSead Ramovic ucele ukuthi abasebenzi, abadlali bethimba lakhe bahlangane ezindlini zokushintshela,” kuqhuba umthombo.

UTim Sukazi akakaze azixake ngokuchazela abasebenzi ngomsuka nembangela yezinkinga zemali eqenjini. Bagcina ngokumbona emidlalweni yeqembu. Nakhona akayithi vu eyamaholo. Ezingcingweni zakhe akatholakali. “Ngesikhathi kubhekwe ezindlini zokushintshela umqeqeshi ucele wonke umuntu ukuthi angalinge angene nomakhalekhukhwini ngoba esabela ukuthi kungenzeka umhlangano uphinde uqoshwe. Kuthe wonke umuntu esehlezi phansi waqonda kulo msebenzi oyingxenye yalaba ababili abaxoshiwe wafika wamkhuthuza ephaketheni lakhe. Umsebenzi ukubeke kwacaca ukuthi akuyona ifoni esephaketheni kodwa ama-headphones. Ube eseqala umhlangano,” kubeka umthombo.

Phezu kwazo zonke lezi zinkinga ezibhekene neqembu unkosikazi kaSukazi ongumqondisi ophikweni lwezokukhangisa eqenjini nosihlalo weqembu labesimame, uDuduzile Sukazi ubonakale ezinkundleni zokuxhumana efaka ikhekhe egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngesiphihli sephathi. Kuthiwe lesenzo sibacasule kakhulu abasebenzi. “URamovic ukhombise indumalo ngokusabalala komhlangano oqoshiwe. Ube esechaza ukuthi yena akabazi abantu abanamagama. Uthe ngisho emndenini wakhe akakwazi ukuhlalelana nabantu abanamagama. Ube esetshela umsebenzi wokuqala ukuthi akaphume aphele futhi akafuni ukuphinde ambone. Ulandele ngowesibili ukuthi naye angalandela. Kuthe kusenjalo labasebenzi ababili bakhululwa kuzona zonke izinkundla zokuxhumana zeqembu,” kusho umthombo.

IGalaxy isanda kuthenga isitifiketi sokudlala kuHollywoodbets Super League ngezigidi zemali. Kuvela ukuthi ihlulekile wukukhokhela abaqeqeshi beqembu labesimame imiholo yabo. “IGalaxy ilengela engozini ngalesenzo sayo. Phela abazange bayilandele imigudu efanele yokuxosha abasebenzi. Okokuqala bekumele babamise labasebenzi bese benza uphenyo ngemuva kwalokho bababizele ekomidini eliqondisa izigwegwe. Kulapho-ke bebe sebengathatha isinqumo sokubaxosha. Manje baxoshelwe into abasolwa ngayo. La basebenzi bangase baludlulisele eCCMAA lolu daba ngoba baxoshwe ubuhlathi.” kuchaza umthombo.

Scroll To Top