Now Reading
Akafuni ukuphunyukwa yithuba uKhaya
Dark Light

Akafuni ukuphunyukwa yithuba uKhaya

Akasafuni ukuphuma kuProteas umdlali weHollywoodbets Dolphins, uKhaya Zondo osesikwatini seqembu lesizwe lakuleli elibhuquzisana neBangladesh emidlalweni emibili yochungechunge lwamaTest.

Umdlalo wokuqala uqalile izolo ngoLwesine ekuseni eKingsmead Stadium, eThekwini kanti owesibili uzodlalwa eSt.George’s Park, eGqeberha, e-Eastern Cape.

UZondo ugijima kuDolphins uzitholele indawo kuProteas ngemuva kwenza kahle kuFour Day Cup. Exoxa nelaboHlanga uvule isifuba ngesifiso sakhe sokuzakhela indawo kuProteas.

“Njengamanje angisemncane. Senguwumdlali osekhulile futhi onesipiliyoni. Yingakho ngikholwa wukuthi ukubizelwa kwami kuProteas emidlalweni yamaTest kufike ngesikhathi esihle kakhulu. Leli yithuba engifuna ukulibamba ngezandla zombili. Ngiyazi ukuthi angeke kubelula. Umbango wezindawo eqenjini lesizwe awulula,” kuchaza uZondo.

Lo mdlali oneminyaka engama-32 angase abonakale okokuqala egqoke ijezi leqembu lesizwe kweyamaTest. 

“Angeke ngizifakele ingcindezi engenasidingo. Ngizodlala ngendlela engijwayele ngayo ukudlala uma ngilithola ithuba. KumaDolphins bengisefomini, njengoba sengishilo sengikhulile manje kanti sengike ngadlala kuProteas phambilini. Konke lokhu kuzongisiza ekutheni ngingatatazeli. Ngicabanga ukuthi kwenzeke into efanayo nakuSarel Erwee ngesikhathi iProteas ibhekene neNew Zealand emidlalweni yamaTest eNew Zealand,” kubeka uZondo.

Kubhekwe ukuthi abhethe endaweni yesihlanu.

“Indaba yebala akuyona into engiyifaka kakhulu emqondweni. Ngidlala kuProteas ngenxa yokuthi ngenza kahle eqenjini lami. Akekho ongenzele ufefe. Uma nginikwa ithuba ngenza kahle, ngizolibamba ngezandla zombili njengoba ngishilo. Amarekhodi nokunye akuyona into engizikhathaza ngayo kakhulu. Okwami wukufaka izandla eqenjini ngokuthi ngibhethe kahle, nginqake amabhola uma sesishwiba kanti uma nginikwa ithuba lokushwiba ngizimisele ngokulisebenzisa,” kulandisa uZondo.

UTemba Bavuma nguyena kuphela umdlali ongowoHlanga oseke washaya ikhulu lemigijimo emidlalweni yamaTest.

“Iningi labadlali enginabo eqenjini lesizwe ngilijwayele. KumaDolphins ngidlala noKeshav Maharaj, Keagan Petersen, Erwee noDaryn Dupavallion. Lokhu kungenzele izinto zabalula. OTemba Bavuma ngidlalela nabo eqenjini losuku olulodwa kumaProteas,” kusho uZondo.

See Also

IBangladesh isanda kuziqophela umlando ishaya iProteas okokuqala eNingizimu Afrika. Iphinde yanqoba uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa okokuqala ibhekene neProteas.

“IBangladesh ngeke siyithathe kancane. Ike yashaya iNew Zealand kweyamaTest eNew Zealand. Phezu kwalokho isiqumbe phansi kweyosuku olulodwa. Ngakho uma singathi siyithatha kancane ngabe senza elikhulu iphutha,” kubeka uZondo.

IProteas idlala eyamaTest ngaphandle kukaKagiso Rabada, Lungi Ngidi, Rassie Van Der Dussen no-Aiden Markram.

“Angeke kusiphazamise ukungabi khona kwabadlali abayodlala ku-Indian Premier League. Bekungakuhle ukubakhona kwabo kodwa leli thuba lethu sonke ukuthi sizibonakalise. Akekho oqokwe ngephutha.” kuphetha uZondo.

KuProteas, uZondo usadlale imidlalo eyisithupha yosuku olulodwa.

Scroll To Top