Now Reading
Iqembu lesizwe alithakwe ngenjejane namava ukuze lizinze
Dark Light

Iqembu lesizwe alithakwe ngenjejane namava ukuze lizinze

Ngonyaka wezi-2010 iSpain sithatha iNdebe YoMhlaba lapha eNingizimu Afrika iningi labadlali ababedlala kwakungabe FC Barcelona, kuyingcosana abeReal Madrid. Kanti ngonyaka wezi-2014 iGermany ithatha iNdebe YoMhlaba eBrazil, yayithatha ngabadlali abaningi ababegijima kuBayern Munich.

Sibonile futhi i-Egypt egcine ihlulwa iSenegal  kowamanqamu e-Afcon, ibisebenzisa iningi labadlali be-Al Ahly nabayingcosana beZamalek.

Angiqondile ukunkanta kodwa inhloso yami ngalo mbhalo, ukuveza ukuthi ngokwami uma umqeqeshi weqembu lesizwe ekhetha abadlali kumele abheke iqembu elenza kahle kuligi yalelo lizwe bese kuthi abadlali abaningi abazomela elesizwe beqhamuke kulona.

Lapha eNingizimu Afrika eminyakeni edlule iBafana Bafana ike yamelwa abadlali beKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uHugo Broos ngibona ukuthi eqenjini lakhe kumele abize abadlali abaningi abaqhamuka kompetha iMamelodi Sundowns.

ISundowns isisitshengisile ukuthi iyona esazowola izinkomishi, okumnandi ukuthi lokho ayigcini ngokwenza lapha eNingizimu Afrika kodwa nasemdlalweni yase-Afrika yenza esifanayo ngokuthi ibhaxabule kwasani. Buka nje ngeledlule inqobe ekuhambeni kade inekhadi elibomvu, ngaphambi kwalokho ishaye i-Al Ahly emdlalweni emibili.

Ngiphatheke kabi uma uBroos ememezela iqembu lakhe engaveli amagama o-Andile “AJ” Jali nelikaThemba “Mshishi” Zwane, labadlali ngokwami ngibona kubafanele ukuba seqenjini lesizwe. Uma ungabheka indlela abadlala ngayo eqenjini labo (iSundowns), angikuboni okubavimbayo ukuthi bebizwe kwelesizwe.

Ezinyangeni ezedlule omunye wabaqeqeshi beSundowns uRhulani Mokoena uthe nakanjani uJali uzoba khona kubadlali abazoqokwa abenze kahle kule sizini. Ayi cha nami ngiyamvumela okwamanje isisu usibambe kahle kakhulu akekho ongamqhathanisa naye.

Umqeqeshi nomqeqeshi unendlela akholelwa kuyona uBroos ukholelwa ukuthi kumele kudlale izingane, kodwa iqiniso lithi enkundleni uyabadinga abadlali abanamava. Buka nje iFrance eqenjini layo ebizobhekana nayo iBafana Bafana igama likaKarim Benzema belikhona kodwa uneminyaka engama-34, uCristiano “CR7” Ronaldo uneminyaka engama-37 kodwa usayisithenjwa sePortugal.

See Also

UBroos ngeke athi uyakha kuBafana Bafana, kanti iqembu labadlali abaneminyaka engaphansi kwengama-20, nama-23 kwenziwani khona uma kuzoqala ukwakhiwa eqenjini elikhulu.

Namanje ngisamile kwelokuthi iningi labadlali abasimelayo kwelesizwe akube abeSundowns bakwethu, sekungagcwaliswa ngalabo abanye.  

Kodwa engikuthanda ngoBroos ukuthi uyishintshile le nto ebiyenzeka eminyakeni edlule yokuthi eqenjini lesizwe kungene abadlali ngoba bekhulunyelwe ilabo abaphethe izindaba zabo. IBafana ibike idlalelwe umdlali olizwa ngendaba ijezi eqenjini lakhe, nodlalayo owumgadli kodwa unegoli elilodwa emdlalweni engaphezulu kweli-10 umbone edlubhe ijezi leBafana.

Eqenjini alikhethile uBroos manje ngeke ngasho ngathi akakhiphe bani afake bani kodwa ngiyabona ukuthi cha fuze ingabe khona abadlali abangekho nhlobo nje kwelesizwe. SiyiNingizimu Afrika asiqhubeke siseke uBroos mhlawumbe yena uyazi wenzani. Engathi konke kungahamba kahle kule midlalo emibili yesihle.

Scroll To Top