Now Reading
Wonke amasiko abalulekile, nawe yazi elakini
Dark Light

Wonke amasiko abalulekile, nawe yazi elakini

Njengezingane zaboHlanga kuhle nazi ngamasiko enu nawabanye enifunda nabo ezikoleni


Zonke izizwe zinamasiko azo. Ezinye zazo amasiko lawa aphenduka usikonkolo abe yindlela yokuphila kwansuku zonke. AbeNguni nabo banawo amasiko abo. Ucwaningo olunzulu oseluke lwenziwa ezizweni zaboHlanga luveza ukuthi kukhona ukuthekelana kwamasiko ehlukene kwaboHlanga. Ngenxa yalokhu nje bakhona oke ubezwe sebethi ‘aboHlanga banesiko elilodwa’.  Lokhu bakusho ngoba kuba nezinto ezimbili noma ezintathu okungathi uma uzilalela zikhulunywa kwaXhosa uzwe ukuthi kwehluke nje ulimi noma ukubizwa kwazo kepha kusho okufanayo kwaNdebele, kwaNgwane noma kwaZulu. 

Njengezingane zaboHlanga nifunda noma niphila nabantu abehlukene okubalwa amaNdiya nabeLungu. Nabo banawo amasiko abo, kukhona lapho ehluka khona nalapho ehlangana khona. Yikho kuke kube khona isibonelo lapho kuthiwa izingane zamaHindu lapha esikoleni kazikho namuhla noma kukhona okuthile ezikwenzayo ngoba zigubha umkhosi wokukhanya abawubiza ngoDiwali. Kunjalo nakwezinye izizwe. Kumqoka ukuthi nawe njengengane yoHlanga ubuze ekhaya ukuthi yini isiko lalapha ekhaya enililandelayo ukuze uthi uma usufundile ngalo bese ufundisa nabanye.

Ukwamukelwa kwento ethile njengesiko kusuke sekuhambe yonke imigudu kuleso sizwe noma kubantu nje ukuze kwamukeleke njengesiko. Akuvamile ukuthi into okuthiwa yisiko bese iba wububi. Uma kufika lapho isiba wububi ngoba isisetshenziswa budedengu abanikazi balo bayakulungisa lokho.  Kuliqiniso futhi ukuthi kuzo zonke izizwe siyafika isikhathi lapho lokho okungamasiko kubuyekezwa ngenxa yesikhathi. Ngamafuphi ikhona ingozi yokusola okwabe kulisiko labanye kepha ukubuka ngeso lesikhathi okuso ungabe usakwamukela ukuthi njengoba kwabe sekulisiko nje kulesi sizukulwane mhlawumbe kwabe kulungele indlela yabo yokuphila ngaleso sikhathi.

Kuhle nawe lapho ekhaya ukuthi  ubuze kwabadala ukuthi akhona yini amasiko ayekhona kepha ngenxa yesikhathi abe eseguquka, uthole futhi nezizathu zalokho. Khumbula abazali bakho banalo ulwazi lwamanye amasiko kanjalo nabazali babo okungugogo nomkhulu.

Okunye okumele ukufunde yincazelo eqondile yamasiko athile nokuyinto eyenzeka kalula uma incazelo leyo ingolimi lwakho. Lokhu ngikusho ngoba kuvamile ukuthi uma into noma isiko  sekuchazwa kungashayi khona ngenxa yokwehluka kwezilimi. Isibonelo nje kukhona okungashiwo ngegama lesiNgisi kuthi uma kufika esiZulwini kusho okunye. Ngakho buza lapho ekhaya ukuze uqonde kangcono.

Kumqoka ukwazi ukuthi amanye amasiko ake aqondane nomndeni loyo bese kuba yisiko. Ngamafuphi abakwaZungu bangenza okwehlukile ngokosiko lwabo kunabakwaNzimande.  Lokhu akusho ukuthi kabesona abesizwe esisodwa kepha kusho ukuthi kukhona okwehluka abakwenza ngokwesibongo. Nalapha kuhle ubuze lapho ekhaya ukuthi luthini usiko lwakini.

Isimanga ngamasiko wukuthi anezifundiso  futhi ayakha. Uma nje elandelwe ngendlela okuyiyo kawaxabani nawabanye.  Alikho nje isiko elithi hamba uyobhidliza okwabanye. Kunalokho isiko likugqgugquzela ukuthi uyofunda kwabanye. Ngamafuphi ngesiko lakho uyakwazi ukuyofundisa abangani, othisha bakho esikoleni. Kanjalo ngesiko lakho uyakwazi ukufunda lokho okungamasiko abanye. Isimanga wukuthi uthi ulalele abanye bese kuvela okufanayo noma okucishe kufane nelakho isiko. Lona ke ngumqondo ojulile nothi kungenzeka ukuthi isiko lawo wonke umuntu liyefana.

Amanye amasiko ayizinto ezibonakalayo kanti amanye ayizinto ezingabonakaliyo. Amanye  abonakala ezenzweni zalelo lungu laleso sizwe. Isibonelo isiko lokuhlonipha. Leli siko cishe lamukelekile kuzo zonke izizwe ngoba kulo kukhona ubunye, ukuzwelana nokuphilisana. Kuhle nawe uma ufunda ngamasiko abanye uthathe lokho okusenza sibe munye, siphilisane futhi sizwelane.

Ongakwenza esikoleni 

See Also

Ngesonto elizayo ake uzinike umsebenzi wokwazi ngamasiko ehlukene kuqala kwelakho. Lokhu ungakwenza kalula nje. Qala njengoba sivezile ngenhla ubuze ekhaya usiko lwakini, mhlawumbe ube nezinto ezimbili. Udlule lapho ubuze ngosiko lwesizwe, nakhona kube ngokubili nje.  Uthi uma sewenze njalo ubuze kubangani bakho ngosiko lwakubo uma ningaboHlanga nobabili. Uma kungezinye izizwe babuze kokubili usiko nesiko lwabo.  

Khumbula alikho isiko okumele uthi uma ucabanga uthi likhulu kunelinye wonke amqoka futhi ayalingana. Ngakho uma kwenzeka uzwe obungakwazi kuthathe njengesifundo esisha. Nawe zinike isikhathi sokuchaza okwakho ngenhlonipho.  Cela esikoleni ukuthi lokhu kube yinto eyenzeka lapho kuhlangene bonke abafundi ekilasini. Uma nikwenze kahle angingabazi ukuthi kuyophela isonto senazana futhi nihloniphana. 

Ukuze nifundisane ngendlela ehlelekile ningamcela uthisha ukuba kube nguye oniholayo kulokhu.  Uma nixoxa, phatha ipeni nepheshana noma uma unakho okokuqopha enze njalo ukuze ude uzikhumbuza ngakho konke okufundile kubangani , kubazali nakulabo onabo esikoleni.

Khumbula ukuthi uma ufisa sikulekelel kulokhu wena nesikole sakho ungasithinta ku: nobenguni@bayedenews.com

Scroll To Top