Now Reading
Kuqhume odalimede kweyokuhlungela iGladAfrica
Dark Light

Kuqhume odalimede kweyokuhlungela iGladAfrica

Kugcine kuphelile ukuqagela ngempelasonto eyedlule ukuthi iliphi iqembu elizomela iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela ukungena kuGladAfrica Championship, njengoba umbango ubuphakathi kweGWP Friends neSummerfield Dynamos.

ISummerfield Dynamos ikhaya layo eliseChatsworth iyona egcine imele iKwaZulu-Natal, lo mdlalo womlenze wesibili uphele zibambene ngegoli elilodwa kanti emlenzeni wokuqala kwanqoba yona (iDynamos) ngamagoli amabili kwelilodwa.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile nomunye wabadlali abayinsika yaleli qembu uJabulani “Macokama” Nene. Lo mdlali odlala esiswini nasemuva, udalule imfihlo ebenze baze bafika lapho abakhona manje.

“Ukunqoba kwethu kube ukuzinikela kwethu singabadlali. Kwathi uma kuqala isizini sazithwesa lona leli joka lokuthi sifuna ukumela isifundazwe iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela. Obekwenza lokho ingoba besifuna ukujabulisa isikhulu esisiphethe kahle ngendlela exakile, siphinde sijabulise nabaqeqeshi kanye nabalandeli bethu abahlezi besisekela. Imfihlo yethu ngingasho ukuthi iyona ukuthi eqenjini siphethwe kahle, nathi ingakho senza kahle” kusho uNene.

UNene oneminyaka yobudalala engama-33 ushaye igoli lokunqobisa iSummerfield Dynamos ngeledlule eshaya incwenga yefree-kick. Ungomunye wabadlali abagijima kuleli qembu, abaseke badlala esigabeni esikhokhelwayo. Eqala ukugijima esigabeni esiphezulu kwabe kungunyaka wezi-2010 edlalela iDynamos FC osekwaphela ngayo, kwaba iLamontville Golden Arrows, iChippa United, iPolokwane City neRoyal Eagles.

ISummerfield Dynamos ngeSonto izobe ibhekwe ngabomvu ukuthi inqobe umdlalo wayo  ibhekene neBlack Eagles FC yaseNorthern Cape emdlalweni weNedbank Cup Last 16. Okuhle ukuthi womabili la maqembu agijima ku-ABC Motsepe League.

“Lo mdlalo sizowunqoba noma ikanjani, okwenza ngithembe kanjalo ukuthi sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu kakhulu abangamelana nanoma iziphi izinqinamba. Sizobe sidlala ekhaya ngalokho kumele nakanjani sinqobe, futhi sidlala nabantu esikwisigaba esisodwa nabo. Ngeke nakancane sivumele ukuhlulwa, kunabadlali abancane okumele sibavikele abasafuna ukudlala esigabeni esikhokhelwayo ngalokho kumele sinqobe siqhubekele phambili, ukuze bezobonakala,” kubeka uNene.

ISummerfield inabadlali abaningi abaseke bagijima esigabeni esiphezulu lapho kubalwa uSandile Zuke owake wagijima kuKaizer Chiefs, iLamontville Golden Arrows, iChippa United, iMpumalanga Black Aces no-Uthongathi FC. ULucky Nguzana ogcine ukubonakala kuMbombela United phambilini wayekwiBaroka FC, iPlatinum Stars neqembu laseTurkey i-Umraniyespor, uDeolin Mekoa wezi-2016 wayemele iNingizimu Afrika ku-Olympics eyayiseRio de Janeiro, eBrazil udlalele i-Ajax Cape Town kanye neMaritzburg United. Bakhona noThabo Molefe oseke waba emabhukwini eLamontville Golden Arrows noSamuel Durpoh obeku-AmaZulu FC.

See Also

Emdlalweni weLast 16 leli qembu eliqeqeshwa uClinton Larsen lihlule u-Uthongathi FC okuyiqembu eligijima kuGladAfrica Championship.

“Ngiyazi iminyaka isihambile kodwa ngisanalo ithemba lokuthi ngisangadlala esigabeni esiphezulu. Izinyawo zisavuma kakhulu, kuyagijinywa la ku-ABC Motsepe League, abantu abangawuthathi kancane. Okuhle ukuthi umqeqeshi wethu, uhlezi esho ukuthi kumina usabona umdlali wePremier Soccer League (PSL) lokho kuhlezi kungikhuthaza kakhulu. Uma umuntu onolwazi olungaka lukanobhutshuzwayo esabona okuhle ngami” kunaba uNene.

Uthe okumjabulisayo ukuthi abadlali abancane bafunda lukhulu kubona njengoba bekhulile nje. Bafunda ukuthi bengasabi ukudlala nanoma kuthiwa badlala namuphi umdlali, nokuthi uma usenkundleni kumele uzinikele.

Scroll To Top