Now Reading
Kuhlukene imibono ngekusasa likaMarkram owehlelwe yifomu
Dark Light

Kuhlukene imibono ngekusasa likaMarkram owehlelwe yifomu

U-Aiden Markram ovula nokaputeni uDean Elgar emidlalweni yamaTest wehlelwe yifomu ngendlela eyisimanga.

Muva nje usanda kushintshwa indawo. Wehliselwe endaweni yesithathu kodwa nakhona kwazinhlanga zimuka nomoya.

Ingwazi yeProteas, uNiel McKenzie itshele elaboHlanga ukuthi ukukhombisa ukubuyelwa yifomu kwamaProteas kweyamaTest yikona okungase kuhlenge uMarkram.

“AmaProteas enza kahle emidlalweni yamaTest. Ngonyaka odlule aye eWest Indies afike anqoba. Abuyile eza lapha ekhaya afike aqumba phansi i-India. Kuthe kusenjalo adlala ngokulingana neNew Zealand ekuhambeni. Uma iqembu lenza kahle abaqoki beqembu bayaphoqeleka ukuthi basebenzise iqembu elifanayo noma ngabe kukhona abadlali abangenzi kahle. Ngizokwenza umzekelo ngoJacques Kallis oyingwazi yeProteas. Waqala kahle kweyamaTest njengoMarkram kodwa wabuye wehlelwa yifomu iminyaka emibili. Ithimba labaqoki alizange limshaye ngesithende,” kubeka uMcKenzie.

UMarkram sekuphele unyaka agcina ukuhlanganisa ikhulu lama-run. Ngemuva kwemidlalo engama-35 esayidlalile kweyamaTest useshaye amakhulu amahlanu no-50 abayisishiyagalolunye. Uqale kahle emidlalweni yamaTest kodwa wabuye walahlekelwa ngumgqigqo. Wenze imigijimo eyi-1000 emidlalweni eyishumi yokuqala kweyamaTest.

“UKallis wadlala kwelesizwe iminyaka emibili izinto zingamvumi ngebhethi. Wasizwa wukuthi iqembu lalenza kahle ngaleso sikhathi yena izinto zimphika. Ngemuva kweminyaka emibili wabuyela efomini njengoba namuhla esebalwa nabadlali abahamba phambili emhlabeni kwasebake badlala umdlalo wekhilikithi. Kwaba yinto efanayo naku-AB De Villiers. Akazange aqale kahle kodwa ngoba iqembu lalenza kahle wakwazi ukulungisa amaphutha akhe eseqenjini. UMarkram naye unalo ithuba lokulungisa amaphutha akhe kumaProteas uma iqembu lizoqhubeka nalo mgqigqo elihamba ngawo njengamanje ngaphandle kokuthi aze ashiywe ngaphandle,” kuchaza uMcKenzie.

Umqeqeshi weProteas uMarch Boucher nethimba lakhe labaqoki eliholwa nguVictor Mpitsang babhekene nezinqumo ezinzima.

USarel Erwee ushaye ikhulu lama-run emdlalweni wesibili egqoke imifaniswano yeqembu lesizwe ngesikhathi amaProteas abhekene neNew Zealand emidlalweni emibili yama-Test ekuhambeni.

Uvule no-Elgar kuyona yombili imidlalo kwase kuthi uMarkram wabhetha endaweni yesithathu.

UKeagan Petersen uyenze eyakhe indawo yesithathu elakuleli libhekene neqembu lesizwe laseNdiya. Uqokwe njengomdlali ovelele ngemuva kokushaya ama-run angama-275 emidlalweni emithathu.

Uphuthwe nguhambo lwaseNew Zealand ngemuva kokutholakala nokhuvethe. 

ElaboHlanga liphinde ladlana indlebe noVernon Philander ngekusasa likaMarkram.

See Also

“Mina angisho ukuthi akuvele kuphele kanjalo ngaye. Engifisa ukukubona kwenzeka wukuthi aphindele emidlalweni yasekhaya aye kobuyisa ifomu. Njengamanje ubhekene nengcindezi kanti ukuzethemba kwakhe kuphansi. Ukuqhubeka simdlalise engekho efomini siyobe siyambulala ngokwami ukubona. Nokho uma eshiywa ngaphandle ayolungisa izinkinga zakhe emidlalweni yasekhaya uzobuya ezingeni lomhlaba esewumdlali ongcono. Kwenzeka lokho nakimi. UHashim Amla omunye umdlali owaba sesimeni esifanayo. Sonke sabuya sesingabadlali abehlukile,” kulandisa uPhilander osanda kuthatha umhlalaphansi.

IProteas izobhekana neBangladesh emidlalweni emibili yamaTest kule nyanga uNdasa.

Owokuqala uzoba seGqeberha bese kuthi owesibili udlalelwe e-Ethekwini.

“UMarkram usenalo ikusasa kuProteas. Iminyaka isamvuma. Abdallah bethu abaningi baneminyaka engama-30 kuyaphezulu. Usanaso isikhathi nethuba lokulungisa indlela adlala ngayo bese ebuya esengumdlali ongcono,” kusho uPhilander.

UMarkram onqobe iNdebe yoMhlaba njengokaputeni weqembu lesizwe lika-Under-19 ngowezi-2014 uneminyaka engama-27.

“Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Ukukhombisile lokho ngokushaya amakhulu ama-run abhekene namazwe ehlonishwayo emhlabeni njenge-Australia, India nePakistan. Ijoka abhekene nalo manje wukulungisa indlela abhetha ngayo. Uma udlala ezingeni lomhlaba izitha ziyakuhlaziya. Kumele aqhamuke namaqhinga okubhekana nabashwibi abahlonishwayo emhlabeni ngoba sebeyamazi ukuthi udlala kanjani. Angicabangi ukuthi kuzomthatha isikhathi eside ukubuyisa ifomi. Okuhle ngaye wukuthi sinomholi wangomuso kuyena,” kuphetha uPhilander.

Scroll To Top