Usekhiqize osomankomane azibona ngabo ukuthi ucebile



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uqweqwe lomqeqeshi kwezamankomane uVusi Mtolo uzibona ecebile ngokuthi ukwazile ukuthi aphumelelise osomankomane.
Lolu qweqwe lo mqeqeshi amava alo ayaziwa kakhulu njengoba esebenze iminyaka eli-18 noColin “Nomakanjani” Nathan weHotbox Gym, ongomunye wabantu abahlonishwayo emhlabeni. Omunye osebenze noMtolo umufi uNick Durandt.
UMtolo ukhulume nelaboHlanga ngeledlule eMultipurpose Center, KwaNongoma ezimpini ebezihlelwe. iLudonga Boxing Promotion.
“Ukugwazwa kwami esifubeni kwenza ngingabe ngisakwazi ukuqhubeka nokulwa, yize kwaba into ebuhlungu kakhulu kodwa ngazitshela ukuthi ngangingadalelwe ukuba ngusomankomane ngangidalelwe ukuba umqeqeshi. Angifuni ukuqamba amanga ngakhala noma ongizalayo wakhala kakhulu ethi sekuphelile ngami, kodwa ngentando kaNkulunkulu kwangaphela ngami. Iqiniso anginalutho kodwa kuyangijabulisa ukuthi ngibone osomankomane abaphume ngaphansi kwesandla sami becebile, benezinto ezibambekayo. Lokho kungenza ngizitshele ukuthi ngicebile, yize kungenjalo” kusho uMtolo.
Lo mqeqeshi ongowokudabuka eClermont kodwa osezinze eGoli ngenxa yomsebenzi. UMoruti “Babyface” Mthalane unamapulazi, uHekkie “Hexecutioner” Budler unemizi, u-Azinga Fuzile unemizi yakhe e-East London, kuthi uNqubela Gwazela abe namabhizinisi, bonke laba baphuma ngaphansi kwesandla sakhe uMtolo.
Ngesikhathi elwa esibhakeleni sabangakhokhelwa naba ngumpetha wasesifundazweni iKwaZulu-Natal iminyaka eyisi-8.
“Ngisuka lapha KwaZulu-Natal, ngahamba nosomankomane ababefisa ukuphumelela saya eGoli belala ngaphansi kweringi sivuke sijime. Ngithatha imali yezingane zami ngilekelela osomankomane ukuthi befeze amaphupho abo, ngiyikho konke kubona,” kubeka uMtolo.
Njengoba engasasebenzisani noNathan usezimele manje, kodwa unabo osomankomane abangaphezulu kwabali-18 abajimisela ezitebeleni ezehlukahlukene.
ULybon Ntshani oqeqeshwa nguye uMtolo ngeledlule uyena igama lakhe elibe phezulu njengoba enqobe ibhande leWBF Welterweight ebelingaphethwe umuntu. UNtshani waseLimpopo wehlule uKhumbulani Mdletshe odabuka eMpangeni ngomcacamezelo womlalisa phansi emzuliswaneni wesishiyagalombili.
UMnyango Wezemidlalo KwaZulu-Natal, noMasipala wesifunda iZululand, ibona abenze lo mqhudelwano obekuhlonishwa ngawo umufi uThulani “Nkunzi” Magudulela waba impumelelo. UMagudulela uhambe emhlabeni esesibuyisile isithunzi sesibhakela esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ephawula ngokunqoba kukaNtshani uMtolo uthe: “Sisebenze kakhulu sinoNtshani ngaphambi kwalempi uyinqobele unkosikazi wakhe obebeletha ayi mina, Ngiyambongela kakhulu. Iqiniso uMdletshe bekumele anqobe into emushayile ukuthi lowo okade ehlezi ekhoneni eqeqesha ushawe amava, amava ami makhulu kakhulu” kusho uMtolo.
USizwe “Bhubesi” Mthembu uyena oqeqesha uMdletshe.